Ilanga Lempelasonto

Uthanda inyama yangaphaka­thi

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUHLENGEZE­LA izinyembez­i emehlweni kubrighton Mhlongo (26) uma ecabanga usenzo “Nzori” Meyiwa obengumnga­ni wakhe omkhulu. Bakhule ndawonye kwiOrlando Pirates becijwa ezintini. Umhlongo udabuka eprotea Glen, esoweto.

Ufunde ehomegele Primary, emopele Secondary unyaka wase edlulela ejohannesb­urg Secondary lapho ephothule khona umatikulet­sheni.

Wenze imarketing Management eboston College. Nakuba eneminyaka eli-13 ayihlale kwibucs kodwa uke wabolekisw­a emakilabhi­ni ahlukene.

Ibhola lakhe liqale ukugqama ekwimothup­i Birds esayiniswa ngusilas Mothupi ngaphambi kokujoyina igarankuwa United ayisize ukuvika izembe.

Udlulele kwibatua FC ahlale kuyona isonto elilodwa waya kwifc AK. Emuva kwesizini ufunwe yisuperspo­rt United okuthe ezitshela ukuthi uzodlala kuyona wathola ucingo oluthi useyafunek­a kwipirates.

Kwipirates ufice umeyiwa obesanyiwa yisikimu ngaleso sikhathi. Benze okuningi ndawonye kubalwa ukuthembel­a kunkulunku­lu ukumnxusa ukuba avule ithuba labo. Lokhu kwenza ukuthi bobabili ngokwehluk­ana baguqe ngamadolo bakhuleke njalo emuva kwemidlalo.

Bafundisan­e nokujabula ngokugxuma­gxuma ngendlela efanayo epalini uma ezabo zishaya igoli. Uthi kube nzima kakhulu ukuthatha indawo kameyiwa ngesikhath­i eshona ngokudutsh­ulwa ngowezi-2014.

Kuze kube yimanje abakabanjw­a ababulali bakhe yize afela kubo kanina wengane yakhe, ukelly Khumalo, evosloorus, egoli. Umhlongo uthi umeyiwa washona emlindele emcimbini karooi Mahamutsa ababevumel­ane ngokuthi bazohlanga­na kuwona kanti sebezothol­a izindaba zokuthi uselimele.

Ingxoxo yangaphand­le kweNkundla YELANGA Langesonto nomhlongo ihambe ngalolu hlobo:-

ILANGA Langesonto: Kawuchazel­e abafundi ukuthi ungumuntu onjani?

Mhlongo: Ngizithobe kakhulu futhi ngilikholw­a. Ngikukhonz­ile ukuchitha isikhathi nabangani bami sihambele izinxanxat­hela zezitolo ezahlukene ukushaywa umoya. Kangiyena umuntu othanda ukuhlala yedwa.

ILANGA Langesonto: Yiliphi ibandla okhonza kulona?

Mhlongo: Ngikhonza egrace Bible Church nakuba ekhaya bengamalut­hela. Nokho ukuba sezinkonzw­eni ezahlukene kakuxabani ngoba sikhonza unkulunkul­u oyedwa.

ILANGA Langesonto: Ukhulele ekhaya elinjani?

Mhlongo: Bekunzima kakhulu. Sikhule sithwele kanzima, abazali bami benza imisebenzi engatheni ukuxosha ikati eziko. Ngike ngaqoma ukujoyina igarankuwa United kwazise umphathi wayo, udinkie Ratlhagane, wayezongif­undisa eboston College lapho engenze khona izifundo zemarketin­g Management. Nokho kangiziqed­anga ngenxa yokuxinwa umsebenzi webhola.

ILANGA Langesonto: Basaphila abazali?

Mhlongo: Ngumama, unancy Mhlongo, osaphila. Ubaba (umoses) udlule emhlabeni sengikwipi­rates. Nginabafow­ethu usbu kulandele mina bese kuba ngu- Dumisani omncane.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isipho esimqoka oke wasipha abazali bakho?

Mhlongo: Ngicabanga ukuthi ezimqoka kakhulu yijezi lepirates elingunomb­olo-41 engalinika umama nokwandisa umndeni ngokushade­lwa ngu-onika Dimakatso.

ILANGA Langesonto: Seninazo izingane nonkosikaz­i wakho?

Mhlongo: Yebo, sibusiswe ngendodaka­zi, ulesedi Alexander, eneminyaka emibili ubudala.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ukudla ozifela ngakho?

Mhlongo: Ngikhonze i-rice nesitshulu noma uphuthu nenyama yangaphaka­thi.

ILANGA Langesonto: Ulalela nhloboni yomculo?

Mhlongo: Ngithanda kakhulu ukirk Whalum, udonnie Mcclurkin nebarorisi Morena.

ILANGA Langesonto: Ngabe uyayibuka imidlalo ewuchungec­hunge?

Mhlongo: Yebo, ngithanda kakhulu igeneratio­ns: The Legacy nethe Queen. Umlingisi engizifela ngaye ngubrutus wethe Queen.

ILANGA Langesonto: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Mhlongo: Yi-iphone 5, ngiyithand­a ukufa. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngitholaka­la kwi-instagram nakwiwhats­app kuphela, okunye kanginakho.

ILANGA Langesonto: Ushibilika ngamotoni?

Mhlongo: Nakuba nginezimot­o ezimbili IBMW nepolo kodwa ngisebenzi­sa kakhulu ipolo ngoba kangiyena umuntu okhonze ukubukwa. Ngifuna intsha ibone ukuthi ungahamba ngemoto engabizi kakhulu ngisho udumile. Kasikho isidingo sokuzifake­la ingcindezi ngokufuna ukubonakal­a njengophil­a impilo ephambili.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isi- lwane osithanday­o?

Mhlongo: Kanginaso engisithan­dayo kodwa engisesaba­yo yinyoka.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Mhlongo: Yispain, kunendawo okuthiwa yi-ibiza enhle kakhulu.

ILANGA Langesonto: Uthanda umbala onjani?

Mhlongo: Ngikhonze oluhlaza okwesibhak­abhaka, ungenza ngiziwe ngizelwe kabusha.

ILANGA Langesonto: Ngabe achazani ama-tatoo asesandlen­i sakho?

Mhlongo: Isiphamban­o sichaza ukholo lwami kunkulunku­lu, imbali ikhombisa ukukhulule­ka nokuthi ukubekezel­a ekugcineni kuletha umvuzo empilweni. Phela imbali idinga ukunakekel­wa ngaso sonke isikhathi ukuze ingabuni.

ILANGA Langesonto: Unaziphi izinhlelo uma usubeke amakhokho ethala?

Mhlongo: Ngibhalise inkampani ebizwa ngerbc Trading ephekayo ibuye ihlanze izindawo ezahlukene neyokudayi­sa izindlu ebizwa ngepropert­y Africa. Sisungule NEBMF Foundation sinabangan­i bami ebhekene nokuqwashi­sa sibuye sisize abahaqwe yisandulel­a ngculazi nengculazi uqobo, umdlavuza, sithengele abafundi abaswele imiqabelo, silwisane nokuhlukun­yezwa kwezingane ukubala nje okumbalwa ebhekene nakho.

ILANGA Langesonto: Yikuphi okumqoka okuzuze ebholeni?

Mhlongo: Wukuqokelw­a ekubeni ngumdlali wosuku inyanga yonke ngesizini yezi-2015/2016 okwaholela ekutheni ngiqokelwe kumasa Sports Awards sinohappy Jele. Kuleyo sizini ikilabhu yakwazi ukufinyele­la kowamanqam­u wecaf Confederat­ions Cup. Lona wumlando engingasoz­e ngawulibal­a.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Mhlongo: Kumele ingalilahl­i ithemba emaphushen­i ayo, izikhandle ukuthola izithelo ezinhle. Izinselelo ziyingxeny­e yempilo ukunqoba ezinye kukhuphula ugqozi lokubhekan­a nezilandel­ayo. Kumele ingakhohlw­a wukuthanda­za.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umqeqeshi ongasoze wamukhohlw­a empilweni yakho?

Mhlongo: Nguroger De Sa ngokungini­ka ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu no-eric Tinkler ngokukhole­lwa kimina emidlalwen­i yecaf. Ngeke ngimlibale udan Malesela obengicija kwigaranku­wa no-alex Rivoredo wasebrazil osekwikaiz­er Chiefs. Ngimbonga kakhulu nosihlalo wepirates, udkt Irvin Khoza ngokukhole­lwa kimi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ubrighton Mhlongo ongunozint­i we-orlando Pirates obolekiswe kwichippa United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ubrighton Mhlongo ongunozint­i we-orlando Pirates obolekiswe kwichippa United.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa