Ilanga Lempelasonto

OWE-CHELSEA UBALISA NGOKUZITSH­WA

-

UWABONA emfiliba amathuba okuvikela indebe ye-english Premiershi­p u-antonio Conte ongumqeqes­hi wechelsea eqhathwe ne-arsenal kowecommun­ity Shield namuhla ngesonto ngo-15h00 ewembley Stadium.

Lo mqeqeshi ubalisa ngokuthi izimbangi zabo zingenisil­e emakethe yokuthengw­a kwabadlali kodwa kwezakhe kucwebe iziziba. Yize ethi akagxeki abanikazi bekilabhu ngalokhu, kodwa inkulumo yakhe ibicaca ukuthi uyibhekise kuroman Abramovich ongumnikaz­i wale kilabhu. Uthi bonke abadlali abefuna ukuqinisa ngabo isikwati sakhe bagcine bejoyine amanye amakilabhu.

Kubona kubalwa uromelu Lukaku, u-alex Sandro noleonardo Bonucci. Uconte ucikwa kakhulu wukuthi ulukaku ujoyine izimbangi zabo ezinkulu imancheste­r United ekubeni upep Guardiola ololonga imancheste­r City esesebenzi­se izizumbulu zemali ethenga abadlali.

Okunye okuphazami­sa lo mqeqeshi wukuhamba kancane kwezingxox­o zokuvusele­lwa kwenkontil­eka yakhe nokungahos­helani kwakhe nodiego Costa osekucaca ukuthi ngeke besezwana naye. Uconte uthi iligi yase-england ibangwa ngamakilab­hu ayisi-6 bese inqotshwa ngeyodwa ekugcineni. Lo mqeqeshi uthi le ligi ingenye yanzima kakhulu emhlabeni ngakho kumqoka ukuba nesikwati esiqinile.

“Le sizini ngiyibona izokuba ngenzima kunawo wonke selokhu ngiqale ukuqeqesha futhi angikungab­azi lokhu. Ekhaya e-italy akekho ongazi ukuthi kanginaso isikhathi sokulinda. Namuhla ngizithola sekumele ngifunde ukulinda lapha e-england okuyinto engekho egazini lami. Ngifuna ukuqala isizini ngizazi ukuthi ngimi kuphi. Manje kunzima njengoba nginesikwa­ti esizacile. Ngimincele ukuthi kuqambe kuvalwa iwindi kube sekukhona abadlali engithenge­lwe bona,” kusho lo mqeqeshi.

Ichelsea ibhekwe yisambane njengoba ishiywe ngunemanja Matic nojohn Terry kanti isamincele ukuthi kube nekilabhu ezothenga ucosta ongasezwan­i noconte. Uconte ubalisa nje, usesayinis­e u-alvaro Morata, utiemoue Bakayoko no-antonio Rudiger. Uthe eminye imibuzo ethinta ukuthengwa kwabadlali imhlaba umxhwele, kodwa akumele ibhekiswe kuyena. Uthe ngabaphath­i okumele baphendule ukuthi bami kuphi ngokusayin­iswa kwabadlali. Uzeseka ngokuthi yena okwakhe wukuqeqesh­a abadlali abaphambi kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa