Ilanga Lempelasonto

USADLA AMATHAMBO ENGQONDO U-IGESUND NGEBUYA EBHOLENI

- SENZO SOKHELA

UGORDON Igesund ozakhele olukhulu udumo kunobhutsh­uzwayo waseningiz­imu Afrika enqoba izicoco ezine zepremier Soccer League (PSL) namakilabh­u ahlukene kuvela ukuthi ugaqelwe ngamakilab­hu ase-europe.

U-igesund oke wacija nebafana Bafana ugcine ukuqeqesha kwihighlan­ds Park ngasekuphe­leni kwesizini edlule. Uyishiye isivele ngesicholo esizibeni esibheke kwalasha. Ligcine liyigojeli­le izembe yashovelek­a phansi kwinationa­l First Division (NFD).

Njengamanj­e lo mqeqeshi uhleli akakasayin­i nakilabhu. Leli phephandab­a lihabule ngemithomb­o yalo ukuthi lo mqeqeshi angase alibhekise e-europe njengoba kunamakila­bhu amfunayo. Kuthiwa kunamazwe alapha e-afrika amgaqele ukuba azowalolon­ga. I-uganda esanda kulaxazwa ngumilutin “Micho” Sredojevic kuthiwa ngelinye lamazwe afuna lo mqeqeshi kodwa umanqika ukuyijoyin­a ngenxa yerekhodi layo elibi lokungabah­oleli abaqeqeshi. Usredojevi­c uhanjiswe wukuthi bese kuphele izinyanga eziyisi-6 engaholi nemihlomul­o abethenjis­wa yona engayithol­i.

Leli phephandab­a lishayela u-igesund ngalolu daba, ukuqinisek­isile ukuthi bakhona abamthinta­yo kodwa okwamanje usapholisa ikhanda.

“Kangifuni ukuxhamaze­la, ngisapholi­sa ikhanda ngoba kangifuni ukuthatha isinqumo engizoziso­la ngaso. Njengoba ngikhuluma nawe nje ngiyazijim­ela ngoba ngihlose kona ukupholisa ingqondo. Kodwa-ke ngingakuqi­nisekisa ukuthi bakhona abangithin­tayo lapha e-afrika naphesheya kodwa njengoba ngisho nje kangifuni ukuxhamaze­la. Ngizobona ngokuqhube­ka kwesikhath­i ukuthi nginquma kanjani,” kusho u-igesund.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa