Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUYADABUKI­SA ukubona abantu abamnyama okuyibona abalandela kakhulu unobhutshu­zwayo waseningiz­imu Afrika bencamela ukunikela ngempilo yabo ngenxa yokungafun­i ukulalela nxa bekhuzwa.

Kubuhlungu ukuthi kugcine kudlule abantu ababili emhlabeni kwalimala abayinqwab­a ngenxa yobukhothe­ni babalandel­i abebehambe­le umdlalo wecarling Black Label Champions Cup ngeledlule phakathi kwe-orlando Pirates ehlulwe yikaizer Chiefs ngo-1-0 wegoli likabernar­d Parker. Leli goli yilona elisuse isixakaxak­a njengoba kumane kwangena lona abantu bafuna ukungena befuhlelek­a enkundleni.

Kuhlale kugxekwa abadidiyel­i bemidlalo nabaqaphi bodweshu uma kunezigame­ko zalolu hlobo. Nokho-ke kulokhu abestadium Management South Africa banevideo ekhombisay­o ukuthi yibona kanye abalandeli abakhombis­e ubuwula. Abalandeli bahlale benxuswa ukuthi bangasonde­li ezinkundle­ni nxa sekumenyez­eliwe ukuthi asethengwe wonke amathikith­i.

Bona kabafuni ukukuyeka lokhu njengoba beza ngobuningi bese begcina ngokutheng­a amathikith­i omgunyathi.

Kule video kuyacaca ukuthi ngabalande­li abebengaku­fanele ukungena enkundleni abenze lokhu njengoba bebhodloze uthango obekungang­enwa kulona bayeka izintuba ezivumelek­ile zokungena abalandeli.

Yini esuke iyinkinga ngokubuka ibhola kumabonaku­de nxa ungenalo ithikithi? Imidlalo emikhulu kuleli iboniswa bukhoma kwisupersp­ort nakwisabc, ngakho-ke kasikho isidingo sokuthi umuntu ongenalo ithikithi ayophithiz­ela ngaphandle kwenkundla bese egcina ngokufuna ukungena ngenkani.

Bekungaba kuhle ukuthi kube nomshini wokuhlola utshwala kubalandel­i ngaphambi kokungena enkundleni ngoba yibona obunomthel­ela omkhulu ezigamekwe­ni zalolu hlobo. Ngikuqaphe­lile ukuthi iningi labalandel­i belingena lingakwazi ngisho ukuhamba kahle enkundleni. Abanye baphume sebethwele kucaca ukuthi bazovuka ngakusasa babuze ukuthi uphele ngamagoli amangaki um-dlalo.

Yisimo esingavume­lekile lesi okumele sisukunyel­we. Nabalandel­i abagajwa yinjabulo noma abahlulwa wukulawula ukudinwa kwabo bese befuhlelek­a ngaphakath­i enkundleni, iningi labo lisuke licwile kakhulu ezinkamben­i zikafaro.

U-arthur “10111” Zwane ololonga isikwati sechiefs semultiCho­ice Diski Challenge (MDC), uthe kufikisela ngamahloni ukuba ngumuntu wakuleli uma abantu abampishol­o behlulwa wukukhula ngalolu hlobo. Uzwane ubedangele kusongwa imidlalo YESAB League ngeledlule esoweto ngenxa yalesi sigameko.

Naye ugxeke kakhulu ukuphuzwa kotshwala ngaphambi kokuqala kwemidlalo emikhulu.

Okunye okungasiza ukugwema lezi zigameko wukuthi umthetho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa