Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

uqine kakhulu kulabo abadayisa amathikith­i. Kungaba kuhle baboshwe futhi banikwe izigwebo ezizothume­la umyalezo oqinile nakwabanye.

Nozama ukuthenga ithikithi naye kumele aboshwe ngoba usuke azi kahle kamhlophe ukuthi wenza icala. Amacala alolu hlobo kasiwazi ukuthi agcina ephelele kuphi.

Sikhuluma nje kasikaphum­i isinqumo ngecala lokufuhlel­eka kwabalande­li bepirates enkundleni idliwa ngo-6-0 yimamelodi Sundowns etshwane. Abalandeli bazoqhubek­a nalo mkhuba ngoba nezikhulu ngathi zibuka ngeziphund­u.

Ngikuqaphe­lile ukuthi kowamanqam­u wenedbank Cup phakathi kwesupersp­ort nepirates muva nje ethekwini, abantu bafike kusenesikh­athi enkundleni yize bekuyimpel­asonto ephithizel­ayo kuleli dolobha.

Ngicabanga ukuthi lokhu kwenziwe wukuthi abakwanedb­ank bebehlele idili lomculo kule nkundla ngaphambi kokuqala komdlalo. Abalandeli bahlale begcizelel­a ukuthi ngeke bangene enkundleni kusasele isikhathi eside kuqale umdlalo. Bazeseka ngokuthi kabayele ukuyobuka utshani, kodwa bazobuka ibhola. Mhlawumbe uma kungasikwa le phethini yabakwaned­bank izinto zingaba ngcono ngoba ibukeka ikwazile ukuqinisek­isa ukuthi abantu kuqala umdlalo sebengapha­kathi enkundleni.

Abantu bebefika kusenesikh­athi ezinkundle­ni imidlalo emikhulu isabhulelw­a amazolo ngeyezikwa­ti ezincane zamakilabh­u.

Lokhu bekwenza kube mnandi ukungena kusekahle enkundleni ngoba abalandeli bebekwazi ukubona abadlali abayikusas­a lamakilabh­u abo futhi kube yibona abalwela ukuthi banyuselwe ezikwatini ezinkulu labo abenza kahle.

Manje lokhu akusenzeki ngenxa yokuthi kuthiwa imidlalo eminingi ngosuku olulodwa iyazidlava­za lezi zinkundla ezintsha ebezakhelw­e ukusingath­a imidlalo yendebe yomhlaba ebikuleli ngowezi-2010.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa