Ziwushaya isinyenyela kowemabala Noise
Kuthiwa ikhulunyelwa phansi indaba
NGOKWEMITHOMBO yeLANGA Langesonto ziyawushaya kureggie "Governor" Nkabinde ngoseptember owumphathi wezimali ( Treasurer) kwi-african National Congress Youth League (ANCYL) kuzwelonke aphinde abe ngumnikazi wesikhondlakhondla senkampani yomculo imabala Noise.
Umfoka Nkabinde uzobe ebopha ifindo likasofasilahlane nentokazi okuthiwa igama layo u"queen B" avamile ukubonakala ehamba nayo emicimbini eminingi kanti nasezinkundleni zakhe zokuxhumana unokuvela eshuthe nayo.
Ngokusho kwabasondelene nalezi zithandani bathi umshado wabo uzobe uhlukene izigaba ezimbili, omhlophe nowesintu. Omhlophe uzobe undawana thizeni ogwini oluseningizimu yeKwazulu Natal. ILANGA Langesonto lipotshozelwe lezi zindaba ngomunye wemithombo yalo esondelene nalezi zithandani kodwa wagcizelela ukuba ungalinge uvezwe ngenxa yokukhulunyelwa phansi kwalolu daba. Umthombo wesibili wona usihlebele ukuthi yize ziwushaya kureggie kodwa inkosikazi yakhe endala kayinalo ulwazi lwalo mshado.
Mawuqhubeka ulanda umthombo, uthi ureggie wenza incwadi yesehlukaniso nenkosikazi yakhe uzandile Nkabinde engazange amtshele, kuthiwa wabona sekufika isikhonzi senkantolo ( sheriff) sizomnika amaphepha ukuba awasayine. Nokho kuthiwa isehlukaniso kasikaphothulwa, basemunye.
"Ngikhuluma nawe nje uzandile usabiza isibongo sakwankabinde yize naye eselotsholwa kwenye indawo. Umuzi ababehlala kuwona wakhishwa kwathiwa lowo muzi usungaphansi kwenkampani yakhe unkabinde wase emthengela omunye," kuqhuba umthombo.
Umthombo uthi inkosikazi endala kareggie iyasokola kakhulu kodwa izingane uyazondla ureggie inkinga wukuthi izidingo zempilo ziningi washo ebala ugesi, amanzi, isikole kanye nodokotela.
Kumanje kuthiwa imoto obekumele ziye ngayo esikoleni (izingane) ifile sezisizwa ngomunye abasondelene naye. Kuthiwa uzandile akakwazi ukutshela ureggie ukuthi imoto ifile ngoba abakhulumisani nhlobo, kwala ngisho ethathe izingane zimvakashele unkabinde zize zibuye bengakaze baxoxe.
Intatheli ibuze kumthombo ukuthi kungani uzandile engazange athathe izinyathelo zomthetho uma kwenziwe isehlukaniso engaziswanga futhi wangahlomula ngalutho njengoba kuthiwa babeshade umshado ohlanganisa amafa
( in community of property) okuchaza ukuthi uma nihlukana nithola okulinganayo kwebeninakho.
Uphendule wathi: “Uzandile uyigwala uyabasaba abameli bakareggie yiyo nje into emenza avume noma yini,” kuphetha umthombo. ILANGA Langesonto lizame izikhathi eziningi ukuxhumana noreggie Nkabinde limfonela laze lamthumelela umqhafazo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya akazange abuyele entathelini. Iphephandaba libe selixhumana nosi- khulile Nzuza oyi-label Manager emabala Noise ukuzwa ukuthi ngabe kukhona akwaziyo ngomshado kankabinde wathi bona njengenkampani abangeni ezindabeni zomuntu siqu sakhe kodwa baphawula ngezinto ezithinta imabala Noise kuphela.
ILANGA Langesonto liphinde lathinta uzandile Nkabinde oyinkosikazi endala kareggie othe:
“Ngicela nibuze unkabinde mina kangisahlangani naye futhi kayikho into ebengifisa ukuyikhuluma namaphephandaba ngicela uxolo," esho ngomoya ophansi wacela ukuvala ucingo.
Ngikhuluma nawe nje uzandile usabiza isibongo sakwankabinde yize naye eselotsholwa kwenye indawo. Umuzi a babehlala kuwona wakhishwa kwathiwa lowo muzi...