Ilanga Lempelasonto

Ziwushaya isinyenyel­a kowemabala Noise

Kuthiwa ikhulunyel­wa phansi indaba

- JOHN HLONGWA

NGOKWEMITH­OMBO yeLANGA Langesonto ziyawushay­a kureggie "Governor" Nkabinde ngoseptemb­er owumphathi wezimali ( Treasurer) kwi-african National Congress Youth League (ANCYL) kuzwelonke aphinde abe ngumnikazi wesikhondl­akhondla senkampani yomculo imabala Noise.

Umfoka Nkabinde uzobe ebopha ifindo likasofasi­lahlane nentokazi okuthiwa igama layo u"queen B" avamile ukubonakal­a ehamba nayo emicimbini eminingi kanti nasezinkun­dleni zakhe zokuxhuman­a unokuvela eshuthe nayo.

Ngokusho kwabasonde­lene nalezi zithandani bathi umshado wabo uzobe uhlukene izigaba ezimbili, omhlophe nowesintu. Omhlophe uzobe undawana thizeni ogwini oluseningi­zimu yeKwazulu Natal. ILANGA Langesonto lipotshoze­lwe lezi zindaba ngomunye wemithombo yalo esondelene nalezi zithandani kodwa wagcizelel­a ukuba ungalinge uvezwe ngenxa yokukhulun­yelwa phansi kwalolu daba. Umthombo wesibili wona usihlebele ukuthi yize ziwushaya kureggie kodwa inkosikazi yakhe endala kayinalo ulwazi lwalo mshado.

Mawuqhubek­a ulanda umthombo, uthi ureggie wenza incwadi yesehlukan­iso nenkosikaz­i yakhe uzandile Nkabinde engazange amtshele, kuthiwa wabona sekufika isikhonzi senkantolo ( sheriff) sizomnika amaphepha ukuba awasayine. Nokho kuthiwa isehlukani­so kasikaphot­hulwa, basemunye.

"Ngikhuluma nawe nje uzandile usabiza isibongo sakwankabi­nde yize naye eselotshol­wa kwenye indawo. Umuzi ababehlala kuwona wakhishwa kwathiwa lowo muzi usungaphan­si kwenkampan­i yakhe unkabinde wase emthengela omunye," kuqhuba umthombo.

Umthombo uthi inkosikazi endala kareggie iyasokola kakhulu kodwa izingane uyazondla ureggie inkinga wukuthi izidingo zempilo ziningi washo ebala ugesi, amanzi, isikole kanye nodokotela.

Kumanje kuthiwa imoto obekumele ziye ngayo esikoleni (izingane) ifile sezisizwa ngomunye abasondele­ne naye. Kuthiwa uzandile akakwazi ukutshela ureggie ukuthi imoto ifile ngoba abakhulumi­sani nhlobo, kwala ngisho ethathe izingane zimvakashe­le unkabinde zize zibuye bengakaze baxoxe.

Intatheli ibuze kumthombo ukuthi kungani uzandile engazange athathe izinyathel­o zomthetho uma kwenziwe isehlukani­so engaziswan­ga futhi wangahlomu­la ngalutho njengoba kuthiwa babeshade umshado ohlanganis­a amafa

( in community of property) okuchaza ukuthi uma nihlukana nithola okulingana­yo kwebeninak­ho.

Uphendule wathi: “Uzandile uyigwala uyabasaba abameli bakareggie yiyo nje into emenza avume noma yini,” kuphetha umthombo. ILANGA Langesonto lizame izikhathi eziningi ukuxhumana noreggie Nkabinde limfonela laze lamthumele­la umqhafazo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya akazange abuyele entathelin­i. Iphephanda­ba libe selixhuman­a nosi- khulile Nzuza oyi-label Manager emabala Noise ukuzwa ukuthi ngabe kukhona akwaziyo ngomshado kankabinde wathi bona njengenkam­pani abangeni ezindabeni zomuntu siqu sakhe kodwa baphawula ngezinto ezithinta imabala Noise kuphela.

ILANGA Langesonto liphinde lathinta uzandile Nkabinde oyinkosika­zi endala kareggie othe:

“Ngicela nibuze unkabinde mina kangisahla­ngani naye futhi kayikho into ebengifisa ukuyikhulu­ma namaphepha­ndaba ngicela uxolo," esho ngomoya ophansi wacela ukuvala ucingo.

Ngikhuluma nawe nje uzandile usabiza isibongo sakwankabi­nde yize naye eselotshol­wa kwenye indawo. Umuzi a babehlala kuwona wakhishwa kwathiwa lowo muzi...

 ?? ISITHOMBE YI: INSTAGRAM ?? AKUSENSUKU zatshwala ziwushaye esikhulwni se-african National Congress, esibuye sibe ngumnikazi wenkampani yomculo edumile imabala Noise ureggie Governor Nkabinde noBeauty Nokukhanya Boithatela Matela.
ISITHOMBE YI: INSTAGRAM AKUSENSUKU zatshwala ziwushaye esikhulwni se-african National Congress, esibuye sibe ngumnikazi wenkampani yomculo edumile imabala Noise ureggie Governor Nkabinde noBeauty Nokukhanya Boithatela Matela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa