Ilanga Lempelasonto

ISIKHALO SIKAMICHO NGABE-BUCS

Ufuna kubonakale ushintsho ngokushesh­a

- SENZO SOKHELA

BAHLELI ngesinqe abadlali be-orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi usihlalo wale kilabhu u-irvin Khoza unike umqeqeshi wale kilabhu igunya lokuvulela izembe uma kukhona angabading­i.

Ukhoza umemezele umilutin “Micho” Sredojevic njengomqeq­eshi omusha wale kilabhu ngoLwesine. Uthatha umsebenzi olaxazwe ngukjell Jonevret wasesweden osulile. Ukhoza weluleke usredojevi­c ngokuthi aqinise amatomu kule kilabhu angalinge akuvumele ukuthi kube yikwampunz­i edla emini.

Kuthiwa enye yezinto ebulale ujonevret wukuthi ubenovalo ukuqondisa izigwegwe kubadlali abadala bale kilabhu.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mqeqeshi uzozinika leli sonto ukubhekisi­sa bonke abadlali bese enquma ngazobagci­na nazobadede­la.

Kuthiwa ukhala ngobuningi kwabadlali esikwatini, wathi kuzokuba nzima ukuthi silawuleke. Akakufihli ukuthi uzoza noshintsho.

“Noma yikuphi lapho engifika khona ngifuna kubonakale ukuthi sengifikil­e, kube noshintsho. Kangisho (ushintsho) kwi-orlando Pirates kuphela kodwa eningizimu Afrika jikelele. Kuyihlazo ukuthi ikilabhu enkulu njengepira­tes kayinqoban­ga lutho ngesizini edlule okuyinto engehlanga kahle kubalandel­i.

“Kodwa-ke ngokubambi­sana sizozama ukusijika lesi simo sibuyisele le kilabhu lapho kufanele ngabe ikhona. Kudala ngahamba lapha ekilabhini kodwa bengikulan­dela okwenzekay­o ngibuka nemidlalo yayo eminingi.

"Abanye abadlali ngisebenzi­le nabo, abanye ngababukel­a kodwa okuningi kuzocaca kahle sengibabon­ela eduze njengoba sengizoseb­enza nabo,” kusho usredojevi­c.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ibucs imatasa yehla yenyuka izama ukutholela lo mqeqeshi incwadi emgunyaza ukusebenza kuleli ngokushesh­a.

Le kilabhu izovula isizini ngokubheka­na nechippa United emdlalweni we-absa Premiershi­p ozokuba ngomgqibel­o womhla zili-19 kuncwaba (August) ekhaya e-orlando Stadium, esoweto ngo-18h00.

Isiyonke imidlalo yokuvula isizini yezi-2017/2018 ye-absa Premiershi­p imi ngalolu hlobo:

NGOLWESIHL­ANU lomhla zili18 kuncwaba (August)

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Cape Town City FC 20h00.

NGOMGQIBEL­O womhla zili-19 kwephezulu

Elucas Moripe Stadium:

Supersport United vs Mamelodi Sundowns 15h00.

E-old Peter Mokaba Stadium:

Polokwane City vs Baroka FC 15h00.

Eking Zwelithini Stadium:

Amazulu FC vs Free State Stars 15h00.

E-orlando Stadium:

Orlando Pirates vs Chippa United 18h00.

Ecape Town Stadium:

Ajax Cape Town vs Golden Arrows 20h15.

NGESONTO mhla zingama-20

Efree State Stadium:

Bloemfonte­in Celtic vs Kaizer Chiefs 15h00.

Eroyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Maritzburg United 15h00.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUMQEQESH­I omusha we-orlando Pirates umilutin "Micho" Sredojevic okhala ngesikwati esikhulu ngokweqile kule kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUMQEQESH­I omusha we-orlando Pirates umilutin "Micho" Sredojevic okhala ngesikwati esikhulu ngokweqile kule kilabhu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa