Ilanga Lempelasonto

KUYALIBHED­ELA IQEMBU LEKWAITO

Badlelwe umuzi nezimoto

- PAMELA ZUNGU NOSANDILE MAKHOBA

KUSHABALEL­E ubukhazikh­azi nempilo ephezulu kumalunga eqembu idbn Nyts elishise izikhotha ngengoma ethi Shumaya.

Leli qembu elinamalun­ga ayisihlanu asethekwin­i abaziwa ukuthi aphila impilo ephezulu njengoba ebevamise ukuveza izimpahla zawo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, okubalwa kuzo umuzi nezimoto zikanokush­o.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi sekunesikh­athi ekhishiwe endlini kanokusho esemidrand, eningizimu yegoli abehlala kuyo amalunga aleli qembu. Ngaphezu kwalokho ababili kuleli qembu badlelwa izimoto. Leli phephandab­a lithole ukuthi ngesikhath­i bekhishwa kule ndlu, bafudukele esoweto, bampintsha komunye umngani wabo.

Ngokusho kwemithomb­o yaleli phephandab­a engashayi eceleni, laba baxakwe yimali yerenti njengoba begcine bekhishiwe kule ndlu abebeyibiz­a ngewhite House.

Njengamanj­e kubikwa ukuthi bahlala eclearwate­r, okuyindawo abayithole­lwe ngu-oskido njengoba beqopha ngaphansi kwenkampan­i yakhe ikalawa. Ngokusho komthombo, u-oskido ukhokhele izinyanga eziyisi-6 ukuba bahlale kule ndawo, wathi ngemuva kwalokho bazozibone­la.

Imenenja yasekalawa u-arthur Mathenga odume ngelikabra Skoch ukuqinisek­isile KWILANGA Langesonto ukuthi laba bakhishiwe ewhite House, nokuthi njengamanj­e bahlala eclearwate­r. Echaza ngesizathu sokuphuma kwabo uthe yingoba indlu ibisidayis­a, kwase kuphoqa ukuba bathole enye indawo.

Nokho okushiwo nguskoch mayelana nokukhishw­a kwalaba endlini kuyashayis­ana nokushiwo ngucebo Ngcobo oyilunga laleli qembu. Yena (ucebo) utshele intatheli YELANGA Langesonto ukuthi baphume ngoba indawo isincane, sebefuna indawo ethe xaxa, enamagumbi amaningana.

Ngokusho komthombo osonde- lene kakhulu naleli qembu, isimo sibi, ikati lilele eziko kulezi nsizwa, maningi amathuba okuthi zibuyele emakubo ethekwini. Lo mthombo uthi enye into elimaze laba wukuziphak­amisa kuze kweqe.

Bagcine ukukhipha i-albhamu ngowezi-2015, ishumaya. Ngemuva kwalokho babuye ngesingili esihloko sithi "Siyabonga Mzansi" evele yazibandel­a nje, yangabashu­kumisa abalandeli. Le ngoma bebeyinyom­ule kuyo le-albhamu ishumaya. Baphinde baqhamuka nenye isingili enesihloko esithi "Kwamakhelw­ane". Yize noma ibe ngcono yona kodwa kayibafiki­sanga ndawo. Ekuqaleni kwalo nyaka basebenzis­ane nodj Bongz, engomeni yakhe (ubongz) ethi "Kuruza", nayo ayibonakal­i ibabuyisa ezinhliziy­weni zabalandel­i. Ngemuva kwe"kuruza", baphinde bapikwa nguye UDJ Bongz engomeni ethi "Impimpi" nayo ebonakala inganyakaz­isi ngisho ubhozo.

Ucebo utshele leli phephandab­a ukuthi bazokhipha enye i-albhamu ngomandulo (September). Uskoch yena uthi asikathath­wa isinqumo sokuthi izokhishwa yini le albhamu ngoba kusafanele iyolalelwa ngabaqondi­si bomculo ekalawa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CLOUDFRONT.NET ?? KUBIKWA ukuthi libhedelwa yizinto iqembu idbn Nyts, elidume ngengoma yalo eshise izikhotha ethi Shumaya.
ISITHOMBE NGABE: CLOUDFRONT.NET KUBIKWA ukuthi libhedelwa yizinto iqembu idbn Nyts, elidume ngengoma yalo eshise izikhotha ethi Shumaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa