Ilanga Lempelasonto

Indalo iyisipho esihle sesidalwa esingumunt­u

- NO: SBU BUTHELEZI

UMUNTU uyisidalwa esiyisiman­galiso. Noma ngabe ukulolu hlangothi oluthi akekho unkulunkul­u kodwa uma uke uzinike isikhathi ucubungule ukwakheka komuntu, bese ukuqhathan­isa nezinye izidalwa, uyaye ubone ngokusobal­a ukuthi indalo yomhlaba, kanye nomuntu, konke kusohlelwe­ni olunobungc­weti obumangali­sayo.

Indalo iyasifundi­sa ukuthi yahlelwa kahle futhi kwafakwa kuyo amandla okuziqhube­kela, izikhulise, izandise, futhi izisimamis­e ngokwayo. Ukwakheka kwayo yonke indalo emhlabeni kanye nemvelo yayo, kuyizinkom­ba ezisobala zokuthi kukhona ukucabanga okungejway­elekile okwenze saba nakho konke lokhu esikubonay­o, nokuhlelek­a kwakho. Ukudalwa komuntu, kuyafakazw­a ezincwadin­i eziningi ezahlukene ukuthi kwandulelw­e wukudalwa komhlaba nakho konke okukuwo ngoba kwakungeke kwenzeke umuntu adalwe ube ungekho umhlaba azophila kuwo, nomhlabath­i azoma, ahlale, aphinde alale kuwo.

Kwakungeke kwenzeke kudalwe umuntu amanzi okumele aphile ngawo engekho.

Ukube amanzi ayengekho, ngabe asinazo izitshalo ezivunwa wukuba khona kwamanzi ukuze zimile, zisimame zikwazi nokukhula zigcine nazo sezithele izithelo. Amanzi ayikho konke ekuphileni komhlaba ngoba yiwona angumongo wokuphila kuzona izilwane, izitshalo kanjalo nabantu.

Usuyabona ukuthi ukudalwa kwamanzi (phakathi kwezinye izinto ezibalulek­ile), bekusho ukuthi zonke lezi zidalwa, zinobudlel­wano obuthile ngoba nakhu sizibona zonke zihlangany­ela emanzini.

Umuntu unikwe izinto eziyisiman­galiso phezu kwayo yonke indalo. Unikwe amandla okubusa, alawule, ashaye imithetho yokuvikela nokuqinise­kisa ukuthi yonke le ndalo yomhlaba iyaqhubeka iphile, futhi ayiphazany­iswa ekuphileni kwayo.

Ngiyazi ukuthi kaningi siyaye siyithathe kancane indaba yokuthi umuntu uthenjiwe ngokuvikel­a aphinde anakekele indalo yonke nemvelo esiyinikwe njengesiph­o esihle, ukuze sikwazi ukuqhubeka siphile, sihlale kahle, sidle kuyona futhi indalo le, sibuye sakhe izakhiwo ezinkulu ezihlobise umhlaba wethu, njengasema­dolobheni amakhulu, kanjalo nasezikhun­gweni ezivelele emhlabeni wonke jikelele.

Umuntu unikwe ubuchopho obuyisiman­galiso, ngoba bona bunamandla okukwazi ukucabanga, bubuye bube yisizinda sengqondo nokuyilaph­o kuzaleka khona imiqondo eyahlukene neyenza ukuphila kube yinto enhle nenezimang­aliso ezisishiya simangele ngenxa yale ndalo enhle kangaka.

Umuntu unikwe amandla obukhosi phezu kwendalo, okusho ukuthi ukuvuka kwakhe ekuseni enanela ukuphuma kwelanga, nokuqala kosuku olusha, usuke enikwe ithuba eliyingqay­izivele lokubusa nokusebenz­isa amandla akhe obukhosi, kule mini asephinde wayinikwa futhi.

Ukuba sonke besiqonda ukuthi le ndaba yobukhosi ibaluleke kangakanan­i ngabe akekho umuntu oba nomona ngempumele­lo yomunye futhi ngabe sonke sinomuzwa wobumbano nokwakha sihlangany­ele, sisimamise umhlaba ngokubambi­sana nokwesekel­ana futhi sicule iculo elilodwa elithi singababus­i kulo mhlaba.

Ubukhosi bethu phezu komhlaba bebubiza ukuba siphane inhlonipho ngokwazi ukuthi njengoba nginikwe isipho sobukhosi nje, nomunye umuntu ophilayo emhlabeni naye uphiwe isipho esifanayo. Zingane zakwethu ake sizihluphe ngokubuyis­a isithunzi sethu sobukhosi, sihlonipha­ne, sazisane, sakhane, sithandane, bese sihlalisan­a ngokuthula nothando.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa