ODABENI lombhishobhi othe abefundisi mabakhuthalele ukwakha izindlu zamasonto bangafani nosdumo owayeqashe kwasismeyi emdlalweni isgudisnaysi, nansi imibono yakufacebook:
KANGIYIBONI into encinza abantu lapha ngoba inceku idlale ngeqiniso. Lezi zinceku zihamba zigxumeka nje amatende, kazinayo indawo eqondile futhi yibo laba befundisi bamatende abanamasalamusi. Abantu bawa ematendeni kakhulu bewiswa yizilwane zabefundisi futhi iningi labo ngabafana abancane nje abazidlalela ngabantu. Bhekisisa Vincent Mbatha
KANTI laba bantu abazibiza ngabefundisi bacoshwephi? Ibandla lokuqala encwadini yezenzo kuthiwa lalihamba likhonzela ezindlini. Ujesu wayeshumayela ezintabeni. Ujohn umbhabhadisi washumayela ehlane, abafarisi behlala ezindlini zesonto beshumayela. Emmanuel Michael Abraham
UZE uyasho nokuthi iziza zokwakha indlu yesonto kunzima ukuzithola ezindaweni zasemadolobheni pho kungani ekhuluma kanje? Ufuna bayeke ukukhonza noma benzenjani uma bengakabi nazo izakhiwo zabo? Uzokwenza bazenyeze abakhonzela kulezi zindawo azibalile, empeleni ngiyameseka umfundisi Doyisa wasePort Shepstone, kufanele le nkulumo yehle kabi kwabanye babefundisi ngoba uma enganandlu vele uzocelelwa esikoleni. Helicopter-yodumo Vuh Phungula Kwawoza
UMBHISHOBHI unephutha elikhulu. Makayeke izimpi zasemazulwini ziyoqedwa mhla wokuphela. Ujehova ufuna inhliziyo kuphela, osdumo labo kabathi shu kujehova.
Joyt Mzimela
ZIYACHWENSA ezinye izinsizwa, kazisayiqhubi nangewisa intwala seziyifaka ebhaleni ziyiqhube. Zinhle Ndlovu Nyawose
YINI eyenyusa umoya lapha ngoba libafanele leli gama? Vele bahamba beqasha nje, nabo bayazi ukuthi kabanandawo bayiziqashi. Mbongeni Protas Dlamini
YIQINISO leli, laba befundisi abancane iningi labo ngabafana abazidlela imali besontela ematendeni abanye baqashile kwala abahlala khona. Mbongiseni Denie MAKAHLALE ezwini elifundiwe ayeke ukukhuluma izindaba zabantu. Sabelo Makhanya
UMA zihlengwa nje izimpilo zabantu kuhle kunokuba sikhonzele kumabhilidi kanokusho singacolekile. Sting Green
YINKULUMO enhloboni-ke le, ngeyakhayo noma ngenokubukela phansi abanye? Sandileh Mclight
UBEQINISILE bo, safa ngamatende ahlale egxunyekwa esibangela umsindo silele. Jabulile Jabu Mpila
KUNGENZEKA umngcwabo uphumele esikoleni ngenxa yobuningi babantu nobuncane begceke lakwamfundisi. Mimi Dlamini