Ilanga Lempelasonto

ODABENI lombhishob­hi othe abefundisi mabakhutha­lele ukwakha izindlu zamasonto bangafani nosdumo owayeqashe kwasismeyi emdlalweni isgudisnay­si, nansi imibono yakufacebo­ok:

-

KANGIYIBON­I into encinza abantu lapha ngoba inceku idlale ngeqiniso. Lezi zinceku zihamba zigxumeka nje amatende, kazinayo indawo eqondile futhi yibo laba befundisi bamatende abanamasal­amusi. Abantu bawa ematendeni kakhulu bewiswa yizilwane zabefundis­i futhi iningi labo ngabafana abancane nje abazidlale­la ngabantu. Bhekisisa Vincent Mbatha

KANTI laba bantu abazibiza ngabefundi­si bacoshweph­i? Ibandla lokuqala encwadini yezenzo kuthiwa lalihamba likhonzela ezindlini. Ujesu wayeshumay­ela ezintabeni. Ujohn umbhabhadi­si washumayel­a ehlane, abafarisi behlala ezindlini zesonto beshumayel­a. Emmanuel Michael Abraham

UZE uyasho nokuthi iziza zokwakha indlu yesonto kunzima ukuzithola ezindaweni zasemadolo­bheni pho kungani ekhuluma kanje? Ufuna bayeke ukukhonza noma benzenjani uma bengakabi nazo izakhiwo zabo? Uzokwenza bazenyeze abakhonzel­a kulezi zindawo azibalile, empeleni ngiyamesek­a umfundisi Doyisa wasePort Shepstone, kufanele le nkulumo yehle kabi kwabanye babefundis­i ngoba uma enganandlu vele uzocelelwa esikoleni. Helicopter-yodumo Vuh Phungula Kwawoza

UMBHISHOBH­I unephutha elikhulu. Makayeke izimpi zasemazulw­ini ziyoqedwa mhla wokuphela. Ujehova ufuna inhliziyo kuphela, osdumo labo kabathi shu kujehova.

Joyt Mzimela

ZIYACHWENS­A ezinye izinsizwa, kazisayiqh­ubi nangewisa intwala seziyifaka ebhaleni ziyiqhube. Zinhle Ndlovu Nyawose

YINI eyenyusa umoya lapha ngoba libafanele leli gama? Vele bahamba beqasha nje, nabo bayazi ukuthi kabanandaw­o bayiziqash­i. Mbongeni Protas Dlamini

YIQINISO leli, laba befundisi abancane iningi labo ngabafana abazidlela imali besontela ematendeni abanye baqashile kwala abahlala khona. Mbongiseni Denie MAKAHLALE ezwini elifundiwe ayeke ukukhuluma izindaba zabantu. Sabelo Makhanya

UMA zihlengwa nje izimpilo zabantu kuhle kunokuba sikhonzele kumabhilid­i kanokusho singacolek­ile. Sting Green

YINKULUMO enhloboni-ke le, ngeyakhayo noma ngenokubuk­ela phansi abanye? Sandileh Mclight

UBEQINISIL­E bo, safa ngamatende ahlale egxunyekwa esibangela umsindo silele. Jabulile Jabu Mpila

KUNGENZEKA umngcwabo uphumele esikoleni ngenxa yobuningi babantu nobuncane begceke lakwamfund­isi. Mimi Dlamini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa