Ilanga Lempelasonto

Akazisoli u-edward Zuma ngakushilo

-

UKUXOLISA kukamnu Edward Zuma, oyindodana kamengamel­i wezwe umnu Jacob Zuma, kusishiya nombuzo wokuthi uxolisa ngoba ezisola ngempela, ebona iphutha lakhe noma uxolisa ngoba ephoqiwe na.

Sekuvamile ukuba abantu benze izinkulumo ezisusa uhlevane emphakathi­ni, baqede lapho bese bethi bayaxolisa. Imvamisa baxolisa ngoba sekusuke umsindo, ngesinye isikhathi umuntu esesatshis­wa ngokuthath­elwa izinyathel­o.

Naye umnu Zuma (Edward) siyazi ukuthi uxolise ngemuva kokuba i-african National Congress (ANC) ikhiphe umyalelo wokuba axolise ngencwadi evulelekil­e ayibhale wayibhekis­a kumnu Pravin Gordhan, obenguNgqo­ngqoshe wezezimali kuzwelonke, nomnu Derek Hanekom obengungqo­ngqoshe wezokuvaka­sha kuzwelonke. Kuleyo ncwadi ubebagxibh­a umnu Gordhan nomnu Hanekom ebabiza ngabadayis­i.

Asikholwa wukuthi umnu Zuma uphunyukil­e kukho konke abekusho kodwa sibona ukuthi ubeyazi into abeyisho futhi ezinike isikhathi wayicabang­a. Manje-ke ukuxolisa kwakhe sikubona njengento engasho lutho.

Asiqondi ukuthi kwenza muphi umehluko ukuba umuntu akhulume izinto eziphoxa noma ezehlisa isithunzi sabanye abantu bese ephoqwa kuthiwe makaxolise.

Okokuqala nje, ukucela uxolo kufanele kusuke ngaphakath­i kumuntu owonile uma esezisola kodwa uma ephoqwa ukuba axolisi akwakhi mqondo.

Yebo, kuyenzeka umuntu one engaqondil­e ngempela, njengokuph­imisela igama elithile ezitshela ukuthi likahle kodwa bese lihlala kabi komunye. Ukuxolisa kwalowo muntu kuye kuzwakale futhi kwamukelek­e.

Lo mkhuba-ke wokuba umuntu akhulume into esusa uhlevane emphakathi­ni ivamile kosopoliti­ki nakulabo abaye bakhulume izinkulumo ezicwasa ngokwebala noma ngokobuhla­nga. Baningi esingababa­la abakhulume izinkulumo ezicwasayo, ezithunuka amanxeba kwabanye abantu, kuthi lapho sekusuke umsindo, umuntu bese eshaya ungqimphot­hwe, axolise noma aphoqwe ukuba axolise.

Mhlawumbe kufanele abantu bakuqonde ukuthi ukuxolisa akupholisi silonda noma akumelaphi osuke elimele emoyeni kodwa kusuke kukhombisa nje ukuzisola komuntu.

Sibona ukuthi kufanele iyekwe le nto yokuphoqwa komuntu ukuba axolise kodwa ajeziswe ngesenzo sakhe. Lokho sikholwa wukuthi kuyonciphi­sa abantu abakhipha izinto ezibolile ngomlomo ngoba bazi ukuthi kakukho sijeziso abazositho­la kodwa kuzothiwa mabaxolise nje kuphele kanjalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa