AYAHLUPHA NJALO AMAHUZU ASEMAKITHI
KANGISAKHUMBULI ukuthi ngudj Khaled yini konje lo owethula inkulumo eyathakaselwa kakhulu ekhuluma ngobumqoka bokuthi into yokuqala okumele ikuhluphe ikumpampathekise uma ungumfana uzelwe kini, wakhuliswa, wukwakhela unyoko indlu yakwenu. “Go
build your mama that house maan,” esho ngolimi lwakhe lwasemelika. Kayikho into ecika njengokuzalwa nesiphungumangatha somfana ongenaso nhlobo isibomu sokwenza kahle ekhaya. Nikhameke ningamantombazane akwabo nize nijame nenza lokhu nalokhuya. Azithele ngabandayo nje alibale wukuba yimpuqusi yomquba. Yikho nje uzwa omama manje sebeze baphimise amazwi abuhlungu athi sekungamantombazane manje avusa imizi yoyise. Asazoyokwakha emakwawo njalo belu njengoba esaphesha emakubo nje.
Uma esethe uyaphupha ubhuti, wehlula ngisho senimbizela ingqoqo yomndeni nithi ake kuzwakale ukuthi kahle-hle uzimisele ngani nje empilweni ngoba nguye omdala, kuvele kucace ukuthi kayikho le nto. Uzokuxaka mhla kunabantu-ke kushoniwe, kuthi kumbiwa laphaya emangcwabeni abe engayingeni. Umuntu athi esesigabeni sokuthi ngabe nonke niyatatazela uma engena ngomnyango, kucace ukuthi nakhu kungena ubhuti kodwa uthole ukuthi kuvele kuthiwe aw’suka nangu lo. Uyedwa ovele aqalaze ifoni yakhe ukuthi isaphephile yini. Uze abhuqwe kuthiwe kazithanga chi kuye ekhanda, kaziphelele. Abanye baye bathi intambo kayifinyeleli kuphalafini noma bathi i- lift kayifiki esitezi sokugcina.
Lapho noma ungahlushwa la ogane khona akunamuntu wena ozobuya uzoceba kuye ngoba ubhuti wulamthuthu nje, ufana nengane, uyathunywa ngisho ukugeza. Kuvame ukuthi kube ngamazibulo anjena, baze bathi abadala hhayi kusho ukuthi kwabulawa (kwathakathwa) igceke kwenzelwa ukuba kufe umuzi uphele nya.
Zipaquze izingane ezincane kunaye zibe wozul’azay’thole, zipatanise impilo yena cha, wazalelwa ukudla, ashone simngcwabe. Hhayi ngoba kushoda amathuba amatoho, noma angasebenza vele nje uyilabatheka lelulwane, uphephuka nomoya. Uzohamba amalombo eyosebenza afike axhopheke edolobheni, phinde abuye. Ucashe obala nalapho kogoli, hhayi ngoba ebusa. Mhla ekhaya efikile uphendlelwa indawo yokubeka isipontshi ekhishini noma edangiromu. Ngiye ngithi isizathu esenza abantu abaningi babhunguke yile nto yokungalungisi emakithi. Ngeke agoduke umuntu owaziyo ukuthi washiya engenzile kahle kubo, akondli, akafundisi izingane zakwabo. Emalini ayitholayo uzicabangela yena siqu, sekuphelile-ke.
Uthole umuntu etohoza kodwa kungamfikeli nje ukuthi makapatanise isifuladi noma urondo wakhe azothi mhla ebuyile alale khona noma ahlale khona negenge yakhe.
Angagoduka kanjani-ke lowo bhuti wabantu aye kubo? Angithi kwalesi sifuladi ayelala kuso engakatohozi - esingale ngemuva komuzi - sebazipheshela sona abashana, bangena balala. Nalapho akabalekelelanga abashana, bazivusela nje baphahleka, empeleni ubengazi nokuthi sekwapendwa ngambala muni kubo ngoba kudala ahamba. Uyile nhlobo eyofika ngelinye ilanga ithi ibuza kubo kuthiwe kudala bathutha, sebakhe le Kwazulu, emahlabathini.
Mhla ethuke wafika - nalapho ngoba sekufoniswe umalume kwathiwa makamthethise - uqala asibeke edangiromu isikhwama, bamphakele, adle. Uma sekuhlwa athi ngqu esifuladini sabashana bamchithe. Nanguya nesikhwama sakhe ebheke erondweni, afike athole ukuthi kunothisha oqashile layikhaya, ewu.
Useyantunta-ke akasazi nokuthi athini ngoba kahle-hle kwale ndaba nje kayixoxeki ukuthi indoda endala kanje, esibizwa ngobaba kaboy nogirl, layikhaya kayinandawo yokulala. Izingane zakhe uma bezivakashisile onina zilala nogogo wazo.
Mina kangazi noma umuntu usuke esehlale kakhulu edolobheni yini uma eze abone sengathi uyophelela khona.
E monna! kwazisholo abesuthu, kunesikhathi la uzophoqeka ukuthi uye kwabakini, uphila noma ufile.
Ungahoba nje lapho emafulethini nasemjondolo wakho uthenge oma-tv
screen labo kodwa uzophelela kini ndoda, phaphama.
Omunye uthole ukuthi wayeqanjwe nangegama elihle nje impela kwathiwa nguvusumuzi kodwa nanku umuzi ucisha ebe yena ngale edolobheni uhamba ezinweba ezenza inkunzimalanga. Uyisikhokho kubantu bokuhamba kanti uyisehluleki kwenu. Uvele ushone-ke khona lapho, ihe! Ozakwenu negenge yakho sebebuya bebhocobele emngcwabeni.
Usizi wukuthi abazali bayaduduzeka uma sinyamalele phambi kwabo, sisemadolobheni siyohlwaya amatoho. Omunye uke aze asho athi kungcono uma ingane yakho ingekho nje phambi kwakho, isedolobheni ngoba njengomzali uhlala ethembeni lokuthi langa limbe kuyobakhona ekuphathisayo okuya ekhaya ezinganeni zakwabo nakubazali uma besekhona. Cabanga
comrade sewuchitha wonke lawo mathemba wena ngokuba yisehluleki kwakho, unesono. Uyizindleko nje ngoba uma sewushonile kabahlangene labo bhululu bakho obutetemuka nabo niyidla bume imali, bazoza emngcwabeni kuphele lapho. Wumndeni okuyobe sekumele ukuphe isithunzi. Nalapho useyizindleko, sekumele kugcinwe imicimbi nemicikilisho ethile ekubeni wena bewuyihuzu. Ngakhula kuthiwa uma kushone ihuzu kuke kushiswe impepho kuyiwe ethuneni noma la elacimela khona, liyotshelwa izindaba zalo. Ngiyasithanda-ke lesi sikhundla sengathi ngingake ngigixabezwe ngalelo thuba uma ngingowakule mizi enamahuzu nezinebetholi, kuthiwe angimtshele ahlukane nathi ngoba uyazazi ukuthi wafa eyihlamvu elomile eliwohlokayo. Ngingambuza ukuthi ngempela njengoba eshone kugenqeza ebhange, engenalutho esibayeni, engondli muntu futhi engasabuyi nasekhaya uthi makwenziwe njani vele. Phela singakhathala sigqilazwa ngumuntu esaphila, aphinde futhi noma eseshonile, yebuya baba!