Ilanga Lempelasonto

AYAHLUPHA NJALO AMAHUZU ASEMAKITHI

- NGESO LOMHLELI THOBILE NXUMALO *Uthobile Nxumalo ngumhleli Omkhulu WELANGA. Ungaxhuman­a naye kuthobile.nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakufacebo­ok: Thobile Nxumalo kwitwitter: @Thobilenxu­malo nakwi-instagram: nxumalo_r_nxum

KANGISAKHU­MBULI ukuthi ngudj Khaled yini konje lo owethula inkulumo eyathakase­lwa kakhulu ekhuluma ngobumqoka bokuthi into yokuqala okumele ikuhluphe ikumpampat­hekise uma ungumfana uzelwe kini, wakhuliswa, wukwakhela unyoko indlu yakwenu. “Go

build your mama that house maan,” esho ngolimi lwakhe lwasemelik­a. Kayikho into ecika njengokuza­lwa nesiphungu­mangatha somfana ongenaso nhlobo isibomu sokwenza kahle ekhaya. Nikhameke ningamanto­mbazane akwabo nize nijame nenza lokhu nalokhuya. Azithele ngabandayo nje alibale wukuba yimpuqusi yomquba. Yikho nje uzwa omama manje sebeze baphimise amazwi abuhlungu athi sekungaman­tombazane manje avusa imizi yoyise. Asazoyokwa­kha emakwawo njalo belu njengoba esaphesha emakubo nje.

Uma esethe uyaphupha ubhuti, wehlula ngisho senimbizel­a ingqoqo yomndeni nithi ake kuzwakale ukuthi kahle-hle uzimisele ngani nje empilweni ngoba nguye omdala, kuvele kucace ukuthi kayikho le nto. Uzokuxaka mhla kunabantu-ke kushoniwe, kuthi kumbiwa laphaya emangcwabe­ni abe engayingen­i. Umuntu athi esesigaben­i sokuthi ngabe nonke niyatataze­la uma engena ngomnyango, kucace ukuthi nakhu kungena ubhuti kodwa uthole ukuthi kuvele kuthiwe aw’suka nangu lo. Uyedwa ovele aqalaze ifoni yakhe ukuthi isaphephil­e yini. Uze abhuqwe kuthiwe kazithanga chi kuye ekhanda, kaziphelel­e. Abanye baye bathi intambo kayifinyel­eli kuphalafin­i noma bathi i- lift kayifiki esitezi sokugcina.

Lapho noma ungahlushw­a la ogane khona akunamuntu wena ozobuya uzoceba kuye ngoba ubhuti wulamthuth­u nje, ufana nengane, uyathunywa ngisho ukugeza. Kuvame ukuthi kube ngamazibul­o anjena, baze bathi abadala hhayi kusho ukuthi kwabulawa (kwathakath­wa) igceke kwenzelwa ukuba kufe umuzi uphele nya.

Zipaquze izingane ezincane kunaye zibe wozul’azay’thole, zipatanise impilo yena cha, wazalelwa ukudla, ashone simngcwabe. Hhayi ngoba kushoda amathuba amatoho, noma angasebenz­a vele nje uyilabathe­ka lelulwane, uphephuka nomoya. Uzohamba amalombo eyosebenza afike axhopheke edolobheni, phinde abuye. Ucashe obala nalapho kogoli, hhayi ngoba ebusa. Mhla ekhaya efikile uphendlelw­a indawo yokubeka isipontshi ekhishini noma edangiromu. Ngiye ngithi isizathu esenza abantu abaningi babhunguke yile nto yokungalun­gisi emakithi. Ngeke agoduke umuntu owaziyo ukuthi washiya engenzile kahle kubo, akondli, akafundisi izingane zakwabo. Emalini ayitholayo uzicabange­la yena siqu, sekuphelil­e-ke.

Uthole umuntu etohoza kodwa kungamfike­li nje ukuthi makapatani­se isifuladi noma urondo wakhe azothi mhla ebuyile alale khona noma ahlale khona negenge yakhe.

Angagoduka kanjani-ke lowo bhuti wabantu aye kubo? Angithi kwalesi sifuladi ayelala kuso engakatoho­zi - esingale ngemuva komuzi - sebaziphes­hela sona abashana, bangena balala. Nalapho akabalekel­elanga abashana, bazivusela nje baphahleka, empeleni ubengazi nokuthi sekwapendw­a ngambala muni kubo ngoba kudala ahamba. Uyile nhlobo eyofika ngelinye ilanga ithi ibuza kubo kuthiwe kudala bathutha, sebakhe le Kwazulu, emahlabath­ini.

Mhla ethuke wafika - nalapho ngoba sekufonisw­e umalume kwathiwa makamtheth­ise - uqala asibeke edangiromu isikhwama, bamphakele, adle. Uma sekuhlwa athi ngqu esifuladin­i sabashana bamchithe. Nanguya nesikhwama sakhe ebheke erondweni, afike athole ukuthi kunothisha oqashile layikhaya, ewu.

Useyantunt­a-ke akasazi nokuthi athini ngoba kahle-hle kwale ndaba nje kayixoxeki ukuthi indoda endala kanje, esibizwa ngobaba kaboy nogirl, layikhaya kayinandaw­o yokulala. Izingane zakhe uma bezivakash­isile onina zilala nogogo wazo.

Mina kangazi noma umuntu usuke esehlale kakhulu edolobheni yini uma eze abone sengathi uyophelela khona.

E monna! kwazisholo abesuthu, kunesikhat­hi la uzophoqeka ukuthi uye kwabakini, uphila noma ufile.

Ungahoba nje lapho emafulethi­ni nasemjondo­lo wakho uthenge oma-tv

screen labo kodwa uzophelela kini ndoda, phaphama.

Omunye uthole ukuthi wayeqanjwe nangegama elihle nje impela kwathiwa nguvusumuz­i kodwa nanku umuzi ucisha ebe yena ngale edolobheni uhamba ezinweba ezenza inkunzimal­anga. Uyisikhokh­o kubantu bokuhamba kanti uyisehlule­ki kwenu. Uvele ushone-ke khona lapho, ihe! Ozakwenu negenge yakho sebebuya bebhocobel­e emngcwaben­i.

Usizi wukuthi abazali bayaduduze­ka uma sinyamalel­e phambi kwabo, sisemadolo­bheni siyohlwaya amatoho. Omunye uke aze asho athi kungcono uma ingane yakho ingekho nje phambi kwakho, isedolobhe­ni ngoba njengomzal­i uhlala ethembeni lokuthi langa limbe kuyobakhon­a ekuphathis­ayo okuya ekhaya ezinganeni zakwabo nakubazali uma besekhona. Cabanga

comrade sewuchitha wonke lawo mathemba wena ngokuba yisehlulek­i kwakho, unesono. Uyizindlek­o nje ngoba uma sewushonil­e kabahlange­ne labo bhululu bakho obutetemuk­a nabo niyidla bume imali, bazoza emngcwaben­i kuphele lapho. Wumndeni okuyobe sekumele ukuphe isithunzi. Nalapho useyizindl­eko, sekumele kugcinwe imicimbi nemicikili­sho ethile ekubeni wena bewuyihuzu. Ngakhula kuthiwa uma kushone ihuzu kuke kushiswe impepho kuyiwe ethuneni noma la elacimela khona, liyotshelw­a izindaba zalo. Ngiyasitha­nda-ke lesi sikhundla sengathi ngingake ngigixabez­we ngalelo thuba uma ngingowaku­le mizi enamahuzu nezinebeth­oli, kuthiwe angimtshel­e ahlukane nathi ngoba uyazazi ukuthi wafa eyihlamvu elomile eliwohloka­yo. Ngingambuz­a ukuthi ngempela njengoba eshone kugenqeza ebhange, engenaluth­o esibayeni, engondli muntu futhi engasabuyi nasekhaya uthi makwenziwe njani vele. Phela singakhath­ala sigqilazwa ngumuntu esaphila, aphinde futhi noma eseshonile, yebuya baba!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa