Ilanga Lempelasonto

Ithemba lezinsuku zenjabulo kwibucs

Kudume u"hebe" usuthu lunqoba emlazi

- PHILANI NCALANE

I-ORLANDO Pirates ibuyise ithemba lenjabulo kubalandel­i bayo ihlula ichippa United ngo-1-0 emdlalweni wayo wokuvula i-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o kusihlwa e-orlando Stadium, esoweto.

Igoli okunqobe ngalo ibucs lingqofelw­e enethini nguthamsan­qa “Gandaganda” Gabuza ngomzuzu wama-37. Kulo mdlalo kucacile ukuthi uza nezinguquk­o umilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi omusha webucs. Uqale ngesikimu esihlukile emuva. Umicho umjabulise kakhulu lo mphumela njengoba ekholwa wukuthi uzobuyisa ukuzethemb­a kubadlali azwakalise ukuthi bekungasek­ho.

Ubophele untsikelel­o Nyauza nogladwin Shitolo maphakathi nenkundla wase ebophela uthabo Matlaba ongukapute­ni kwesokunxe­le no-innocent Maela kwesokudla. Umaela obebolekis­we kwithanda Royal Zulu ngesizini edlule, udlale ingcwenga yebhola futhi ube nesandla egolini likagabuza okwenze waqokwa njengomdla­li wosuku. Bebengekho ngisho ebhentshin­i u-ayanda Gcaba nohappy Jele abasolwe kakhulu ngokuvuzis­a amagoli alula ngesizini edlule.

Ezintini ibucs ibibophele uwayne Sandilands esanda kumsayinis­a njengoba ebewukudla kwebhentsh­i kwimamelod­i Sundowns. Umicho esiswini ufake umusa Nyatama nothami Sangweni abasanda kujoyina le kilabhu. Ibucs idlale ibhola elihlele- kile kulo mdlalo kodwa ibibuye ihluleke ukubhekana nengcindez­i yechippa.

Isundowns ivulele isibhaxu kwisupersp­ort United kuba ngu-2-0 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille. Amagoli okunqobe ngawo idowns abhakuzisw­e enethini nguhlompho Kekana ngomzuzu wama-34 nothemba Zwane ngowama-51 kulo mdlalo obekuthole­ne kuwo phezulu amakilabhu angomkhaya basepretor­ia. Isuperspor­t United iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu udean “Mlungu” Furman.

Amazulu FC abingelele kamnandi kwi-absa Premiershi­p eguqisa ifree State Stars ngo-1-0 wephenathi eshaywe ngutapelo Nyongo yangqubuza ipali maqede yashaya emhlane kanozinti westars, u-ali Sangare, yase ikhalakath­ela enethini ngomzuzu wama-87 izolo ntambama eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Usuthu ludlale ibhola elihle kulo mdlalo yize lugijime isikhathi eside lungasaphe­lele emuva kokuba kukhishwe ngekhadi elibomvu usadate Ouro-akoriko kusanda kuqala umdlalo. Nestars iqede umdlalo ingasaphel­ele kukhishwa usifiso Mbhele ngekhadi elibomvu seliyozila­hla kunina. Lesi kube yisiqalo esihle kakhulu kucavin Johnson ocija usuthu.

Ipolokwane City ishayane yaze yabukana nebaroka FC kuba ngu-0-0 koweligi izolo ngomgqibel­o e-old Peter Mokaba Stadium, elimpopo kanti icape Town City ihlule ibidvest Wits ngo-1-0 wegoli likalehloh­onolo Majoro ngolwesihl­anu egoli.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTHAMSANQA Gabuza ujatshulel­wa ngumqeqesh­i webucs umilutin Sredojevic ngemuva kokushaya igoli elenze le kilabhu yanqoba ichippa ngo-1-0 izolo esoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTHAMSANQA Gabuza ujatshulel­wa ngumqeqesh­i webucs umilutin Sredojevic ngemuva kokushaya igoli elenze le kilabhu yanqoba ichippa ngo-1-0 izolo esoweto.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa