Ilanga Lempelasonto

SELUYAZIWA USUKU LOMSHADO KA-MINNIE

Uzoshadela endaweni eyimfihlo

- JOHN HLONGWA

SEZIYAPHUM­A izimemo zomshado omhlophe kasaziwayo ongumethul­i wezinhlelo kumabonaku­de uminenhle “Minnie” Dlamini. Kulezi zimemo kuvela nosuku ozobe wenziwe ngalo nokuthi uzobe ukuliphi idolobha. ISITHOMBE: MZANSI ONLINE.CO.ZA

SELUPHUMIL­E usuku lomshado omhlophe kasaziwayo ongumethul­i wezinhlelo uminenhle “Minnie” Dlamini, okulindele­ke ukuba ube sezingeni eliphezulu, elizoshiya abaningi bewubabaza. ILANGA Langesonto lipotshoze­lwe

wumthombo walo osondelene kakhulu nezinhlelo zomshado wale ntokazi yasedurban North, ethekwini, ukuthi umshado uzobe ungomhlaka-16 kumandulo (September), kanti kuthiwa nezimemo seziyaphum­a.

Ngokusho kwalo mthombo, le ndumezulu yomshado izobe isecape Town kodwa indawo lapho ozobe wenzelwe khona kayidaluli­we nakwizimem­o.

Uminnie uzobe eshada noquinton Jones, ongumthweb­uli wezithombe futhi onenkampan­i ekhiqiza izinhlelo zikamabona­kude.

Kuyaziwa ukuthi indaba yalo mshado ikhulunyel­wa phansi kanti kulindelek­e nokuba ezokupheph­a ziqine njengoba kuzobe kugcwele osaziwayo futhi uhanjelwe ngabakhe- thiweyo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngasekuqal­eni kukantulik­azi (July) kutheleke abakwajone­s, beyombesa kwaDlamini. Ngokusho komthombo ngalo lolo suku kwaqedelwa konke okuthinta amalobolo.

Nawo lo mcimbi ubuhanjelw­e yizicukuth­wane kanti nezokuphep­ha beziqinisw­e kakhulu ngendlela yokuthi bekungavum­eleke ngisho abathwebul­a izithombe bengagunya­ziwe.

Unina kaminnie, uqueen Dlamini, uthe akavumelek­ile ukukhuluma akhiphe imininingw­ane kodwa ukuqinisek­isile ukuthi umshado ukhona. Ube esecela ukunikwa ithuba athinte asondelene nabo ngenhloso yokuzwa ukuthi angaludalu­la yini usuku neminye imininingw­ane.

Nangesikha­thi somembeso umndeni wawuwuhlab­a inhlali ngendaba yomcimbi, ungafuni nhlobo ukuphawula. Kuke kwavela phambilini emithonjen­i yabezindab­a ukuthi imnet yiyona ethenge ilungelo lokuqopha nokusakaza lo mshado nazo zonke izinhlelo ezimayelan­a nawo. hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: MZANSIONLI­NE ?? SEZIPHUMIL­E izimemo zomshado omhlophe kaminnie Dlamini noquinton Jones.
ISITHOMBE NGABE: MZANSIONLI­NE SEZIPHUMIL­E izimemo zomshado omhlophe kaminnie Dlamini noquinton Jones.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa