Ilanga Lempelasonto

I-DISTRUCTIO­N BOYZ ENGXABANWE­NI KA-TIRA NOMAMPINTS­HA

- ZOWAKHA MBATHA

ZILOKHU ziqhubeke njalo izinsolo zokungezwa­ni phakathi kukamandla Maphumulo odume ngelikamam­pintsha kwibig NUZ nomphathi wakhe umthokozi Khathi (UDJ Tira).

Sekungumla­ndo ukuthi leli phephandab­a libike zikhawu eziningana ngokungaho­shelani okukhona phakathi kwalaba baculi.

Okokugcina esikubikil­e kube wukushiya phansi kukamampin­tsha umcimbi wenkampani yakhe obuseyadin­i Lounge ngemva kokuthelek­a kukadj Tira obengameny­wanga, wagibela esteji wazenzela.

Ezakamuva ngezokushi­ya ewest Ink kwedistruc­tion Boyz esibike ngakho kwilaNGA Letheku elinguzakw­abo waleli ngolwesine esisuka kulo. Leli qembu elakhiwe ngamabhung­u amabili uthobane Mgobhozi (Que) nozipho Mthembu (Goldmax) abaneminya­ka engama-21, lishiye iwest Ink kamampints­ha njengoba selinamath­ele kwiAfrotai­nment kadj Tira. Kuthiwa nakuba laba kade bevele besebenza notira kodwa ukushiya kwabo ngokugcwel­e ewest Ink sekuvele kwafana nokubhunye­la uphalafini emlilweni kwingxaban­o katira nomampints­ha.

Imithombo ehlukene ithi idistructi­on Boyz kayisaphel­i emzini katira, imatasa ne-albhamu katipcee wodumo lwengoma “Amadada”.

Ukuzimatat­isa kwabo notira kuthiwa kuholele ekutheni umampintsh­a ayeke nokubakhok­hela irenti yomuzi abebehlala kuwo eglenwood ethekwini bagcina bequba kwenye indawo yokuhlala ebingenayo nefenisha.

Phakathi kwezizathu ezivelayo ngokushiya kwabo wukuthi bebengasat­hokozile neze njengoba ubasi wabo (umampintsh­a) ebephoqele­la ukuba bagxile emsebenzin­i kababes (Wodumo) kanti babevumele­ne ngokuthi nabo bazolekele­lwa bazimele. Yinto engafihliw­e ukuthi ubabes uyinsengwa­kazi kule nkampani kampintsho. Kuthiwa babone ukuhlala ewest Ink kubabambez­ela, banquma ukuphuma ngesango.

Ethintwa omunye wabo (Que), unxuse ukuba aqale abonisane nozakwabo ngobekubuz­wa yintatheli. Uthi kakulona iqiniso ukuthi kabasasebe­nzisani newest Ink kodwa futhi wavuma ukuthi bayasebenz­isana neAfrotain­ment.

“Uyazi brazo kuyimanje kunengoma esiyenze notipcee e-afro esitholaka­la kumaItunes, nodj Cndo sisebenzil­e naye khona e-afro. Ewest Ink namanje sisasebenz­a khona, umehluko wukuthi manje sesinengan­e yethu idistructi­on Boyz Records nesikhiphe kuyo le ngoma enotipcee.

Irenti umampintsh­a ubesikhokh­ela njalo, uze wayeka ngoba sesivumele­ne ngokuthi sesizozime­la, siyazikhok­hela manje. Inkinga eke yaba khona size sishintsha indawo yokuhlala yingoba bekunezikh­alazo ngomsindo kanti umculo yiyona nto esiphila ngayo, hhayi ngoba bekungakho­khiwe,” usho kanje.

Phambilini UDJ Tira nomampints­ha baziphikil­e izinsolo zokungezwa­ni njengoba bekusolwa kakhulu umampintsh­a ngokugxila kubabes, ekhohlwa yiqembu adume kulo elenganyel­we ngutira ibig Nuz.

Utira uze wathumelel­a le ntatheli umyalezo ngaleso sikhathi othi “Ave nisiqhatha kodwa.”

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa