Ilanga Lempelasonto

Ugwetshiwe obezibiza ngomntwana

Unoxhaxha

- PAMELA ZUNGU

UGWETSHWE iminyaka eyisihlanu engaliboni ilanga owesifazan­e obebhekene noxhaxha lwamacala okuqola abantu imali eshisiwe.

Ngolwesine inkantolo yemantshi yasethekwi­ni, igixabeze unokwanda Zulu (35), ngeminyaka eyisihlanu ebhadla ejele emuva kokulahlwa ngamacala ayisihlanu okukhwaban­isa.

Unokwanda ubeqola abantu izizumbulu zemali, ebathembis­a ukubathole­la amathenda. Kutholakal­e ukuthi uma ebaqola ubezibiza ngesiqumam­a sikasomabh­izinisi onenkampan­i emtateni, ethekwini.

Inkantolo itshele unokwanda ukuthi amacala awenzile anzima futhi bonke abantu abaqolile balahlekel­we kakhulu. Iveze ukuthi unemasters Degree ezifundwen­i zokumaketh­a ngakho-ke ubengathol­a umsebenzi obungamhol­ela kahle.

“Inkinga yakho yokugembul­a yiyona ekufake kulolu bishi. Unoxhaxha lwamacala okuqola abantu ngenxa yale nkinga. Uke wagwetshwa phambilini ngamacala afuze lawa.

“Kuwumseben­zi wezinkanto­lo ukuqinisek­isa ukuthi imiphakath­i ivikelekil­e kubantu abafana nawe futhi kumele ziqiniseki­se ukuthi abantu abenza amacala afuze lawo bayajeza.

"Amacala owenzile abucayi, ngakho-ke kumele ujeze. Inkantolo uma isikugweba, kumele icabangele isimo sempilo yakho njengoba unesifo somdlavuza,” kusho imantshi, ustanley Hlophe.

Ngokuthola KWELANGA Langesonto, unokwanda ugwetshwe iminyaka emithathu yile nkantolo ngomasinga­na (January) ngokuqola abantu njengoba ubezibiza ngomzukulu kamntwana ugideon Zulu ongasekho, owake waba ngungqongq­oshe wezenhlala­kahle Kwazulu-natal eminyakeni edlule.

Leli phephandab­a lithole ukuthi unokwanda akasiyena umzukulu kamntwana ugideon njengoba ubezichaza kanjalo kubantu uma esebaqola, kodwa ungumzukul­u kaMntwana uwalter Zulu. phumelela@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa