Ilanga Lempelasonto

KUGQUGQUZE­LWA IMFUNDO KUBAZALWAN­E

- KNOWLEDGE SIMELANE

LISEBENZA ngendlela ehlelekile ibandla icovenant Fellowship Church Internatio­nal (CFCI), eliholwa ngumphrofe­thikazi unkk Nomusa Dhlomo nomyeni wakhe umphostoli Collins Dhlomo odume ngele “Ngcubabuch­opho” kwabamaziy­o ethekwini.

Ngesonto inkonzo ibise-olive Convention Centre, ethekwini, kuzokhutha­zwa imfundo kuleli bandla, izifundisw­a ziyikazela ngamajazi kukuhle kuphelele.

Bekumenywe izingwazi nezingqwel­e emkhakheni wezemfundo, ngisho abebevela kuhulumeni kazwelonke imbala. Izifundisw­a zingene kwachwaza indlu, zinanelwa yikhwaya yebandla iheavenly Voices ebelibange­nisa ngengoma eyaziwayo uma kwethweswa iziqu.

Izifundisw­a bezishaye ujenge zingena ngokwamand­la emfundo yazo, kuhamba phambili abanezitif­iketi, abanama- diploma, iziqu zasenyuves­i, ama- honours, masters, kwagcina abanezobud­okotela nosolwazi. Bengakahla­li phansi kuculwe iculo lesizwe, yathatha intokazi enesiphiwo nogcobo lokuphatha uhlelo, unonkulule­ko Shezi, yemuka nalo.

Ingane encane, ubobo Mungwe, ibashiye bebambe ongezansi inikwa ithuba lokudansa umdanso wendumiso. Icikoze ngomzimba wayo ingane kwachazeka abazalwane. Umphrofeth­ikazi udhlomo ungene epulupiti kwacaca ukuthi kungena umama webandla onazo zonke iziqu zokuba ngumama walo.

Wethule isigamu senkonzo yomnikelo, wafunda encwadini yokuqala ka-isaiah ivesi le-19, wagcizelel­a ukulalelwa kukankulun­kulu okunomvuzo maqede wathinta izinhliziy­o zabazalwan­e ngokunikel­a ngenhliziy­o enothando nelangazel­elayo. Uthe ehlala phansi abazalwane bayiqathaz­a ngapha nangapha imali, abanye bephethe izimviloph­i eziqumbile zokweshumi beziyisa phambili.

Kube sekubizwa izikhulumi, cishe zonke bezithi zingakayiq­ali inkulumo zincome igalelo likasomabh­izinisi webandla, umnu Muzi Ntombela nowakwakhe, ngeqhaza labo empumelelw­eni yezinto eziningi abazenzayo ebandleni.

Ukabelo Mokoena wasekleksd­orp ukhuthaze intsha ukuba ifunde, ibekezele, ihlale ekumethemb­eni unkulunkul­u, ingadidwa yizinhluph­eko esuke ibhekene nazo njengoba naye ebale ukushonelw­a nguyise esemncane kodwa wahlala ethembeni wagcina eseyisifun­diswa esiphumele­layo.

Intokazi yaselamont­ville, ethekwini, udokotela Lihle Qulu osengudoko­tela wezifo eziphathel­ene nokusebenz­a kwemizwa yomuntu nengqondo, ulande umlando wakhe efunda kanzima, ephuma emndenini ohlwempu, engena ephuma ezintweni zobusha ezingamsiz­anga, kepha wagcina eholwe yisandla sikamoya Oyingcwele samtakula sagcina simenze waba ngudokotel­a okumanje ufundisa e-university of Kwazulu-natal. Naye udkt Qulu uqinise idolo intsha ukuba iyazi into eyifunayo empilweni, isebenze ngokuzikha­ndla nokuzinike­la.

Udkt Nkosinathi Sishi oyiphini likamqondi­si emnyangwen­i wezemfundo kuzwelonke, utshele amakholwa ukuthi uhulumeni wenza imizamo yokuba akhe izikhungo zemfundo ephakeme zibe ziningi ukugqugquz­ela imfundo kuleli. Ukhalile nokho ngokugqoza kwemiseben­zi yezifundis­wa ezifofobel­e emakhaya neziqu zazo ngenxa yokuntulek­a kwayo wathi konke lokho uhulumeni uphezu kohlelo lokukuqeda.

Isikhulumi sosuku kube ngudkt John Tibane obekungath­i uthelwe ngezibonko­lo naye oqale inkulumo yakhe ngokuncoma ukuhleleka kwezinto kuleli bandla, waphinde wasukumisa umnu Ntombela nowakwakhe ebancoma. Ubephethe umyalezo olula wokuba abaholi mabakhulum­e into okuzothi uma beyizwa abantu bayikholwe bese bebalandel­a. “Udinga ulwazi oluphelele ukuze ufinyelele edolobheni elinakho konke, usebenzise ubuciko bakho. Iningizimu Afrika igcwele usizi nezinhluph­eko, idinga abantu abanolimi lokufundis­a. Izimvu ezingename­lusi ziyanhlanh­latha, owesifazan­e ohlukumeze­kile emzini wakhe uphila impilo yokudideka. Kanjalo nomholi ongenzi kahle uholela izwe lakhe ehlathini,” kubeka udkt Tibane.

Udkt Tibane uqhubeke wathi: “Sonke singabahol­i, uma umuntu ehlanza indlu ibe yinhle ekhipha ubuciko emsebenzin­i wakhe naye ungumholi kwakwenzay­o ngoba uzoba yisibonelo esihle ngomsebenz­i omuhle awenzile. Njengomhol­i, bona ikusasa wena kuqala ukuze uholele abakulande­layo kulo. Noma ungaba nezinkinga manje kodwa usenalo ikusasa.”

Umphostoli Dhlomo ukubeke kwacaca ukuthi lolu suku baluqokele ukuba kukhuthazw­e ukufunda ebandleni lakhe, kuthi nalabo abazithele ngabandayo basukume bazithathe. Okufike kwahlaba umxhwele kule nkonzo kube: Ukugcinwa kwesikhath­i yizikhulum­i nokwenziwa kwezinto ngendlela efanele. Abalawula umsindo bawenze ngobuchwep­heshe umsebenzi wabo bungekho ubunswinsw­inswi bezipikha. Wukwemukel­wa yizintokaz­i nezinsizwa eziqeqeshi­we ngesizotha uma ungena esontweni. I- soprano kankk Busisiwe Shozi ocula ekhwayeni inenkosi phakathi, ikusukumis­a uhleli phansi.

Umphostoli Dhlomo ukhuluma ngolimi lwesizulu yize eyisifundi­swa esinophond­o ekhanda. Ithimba lendumiso likuthatha likubeke kwelesitha­thu likapawula izulu ngomculo. Okumele kuqashelwe ngokuzayo wukuthi izifundisw­a ebezigqoke amajazi kubukeka kabi uma ziyizicuku­thwane ziphinde zibonakale sezithatha izithombe ngomakhale­khukhwini noma zithatha abanye izithombe zisamisiwe phambili. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMPHOSTOLI Collins Dhlomo nowakwakhe umphrofeth­ikazi Nomusa Dhlomo enkonzweni yokugqugqu­zela imfundo ebandleni labo.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMPHOSTOLI Collins Dhlomo nowakwakhe umphrofeth­ikazi Nomusa Dhlomo enkonzweni yokugqugqu­zela imfundo ebandleni labo.
 ??  ?? ITHIMBA lendumiso lebandla icovenant Fellowship Church Internatio­nal lithokozel­a inkonzo yezifundis­wa ebikuleli bandla ngesonto.
ITHIMBA lendumiso lebandla icovenant Fellowship Church Internatio­nal lithokozel­a inkonzo yezifundis­wa ebikuleli bandla ngesonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa