Ilanga Lempelasonto

NABAZANYAN­A UYABAPHATH­A UMKHUHLANE BELU

- THOBILE NXUMALO

INDLELA engiwesaba ngayo umkhuhlane ngiye ngize ngintele ngithi kungcono ngisho ukuqhuzuka unqamuke ubhozo noma ukuphathwa yisibhobo, kumane kucace nje ukuthi uyagula kunokuphat­hwa wumkhuhlan­e onzima.

Uyawazi lo mkhuhlane othi uma ukuphethe kube sengathi awusile, kube sengathi namalunga omzimba agencwe ngobhushu omkhulu? Ha, usuke ukubambe kahle ngqi umkhuhlane uma uzwa nekhanda likwesinda kubuye kube sengathi liyas’pina, ube saphuze muthi namaphilis­i, uvele ubhocobale kakhulu kunakuqala ufise ukucambala­la.

Uvele ube yintithith­i sengathi yitshwele kade liphonseke emncindwen­i. Ngike ngazibuza nje ukuthi kazi abasizi nabazanyan­a laba esihlala nabo emakwethu siyabazwel­a yini uma benomkhuhl­ane okanye zilima ziye phambili.

Senginemin­yaka eminti, kangikaze ngizwe muntu othi umsizi noma umzanyana wakwakhe ulele ekameleni ngoba uphethwe wumkhuhlan­e? Kubo bonke abantu esisondele­ne nabo abanabasiz­i nabazanyan­a emakhaya abo ukhona yini oke umuzwe ethi: “Cha bandla ngithe ake acambalale ngoba ubanjwe wumkhuhlan­e kabi kulezi zinsuku?”

Lutho, ungalibhad­ula uliqede izwe nya. Emicabangw­eni yethu kusengathi yithina kuphela esihlaselw­a wukugula. Simemezela kwazi wonke umuntu endlini ukuthi siqalwa wumkhuhlan­e kepha uma umsizi ethi uyagula sibone sengathi uyazenzisa noma usesukwe wubuvila. Isebenze iqhubeke ingane yabantu ivuke ngo-5 ekuseni ngoba nakhu akunamuntu oshilo ukuthi ingazigqil­azi kakhulu kulezi zinsuku ize ibe ngcono. Abaningi bakholwa wukuthi kumele umsizi wasekhaya aze aphathwe yisifo esikhulu njenge-cancer ukuze bamzwele, bamnike ithuba lokunesa impilo.

Kunalezi zinkalakat­ha zomedemu-ke ezithi zingathimu­la nje, akasayi emsebenzin­i, useyabafon­ela ubatshela ukuthi ubanjwe womubi kabi umkhuhlane lo, umlalise phansi. Akoke kube wumsizi lowo ocela ikhefu lezinsuku ezintathu zokugoduka ukuze ezophumula kahle ekhaya abuye uma sekudamuke umkhuhlane, ungamuzwa kahle umedemu wansondo.

“Manje Thoko ingane ngizoyenze­njani zonke lezi zinsuku ezintathu ungekho?”

Nawe uyalova nje emsebenzin­i uma ugula, uke akubuze yini umqashi wakho umbuzo onjalo? Empeleni le nto kayehlukil­e kulabo medemu abafonela umsizi egodukile ekubo befuna ukubuza ukuthi konje sihlalaphi i- sta soft okanye edukelwe yijezi lengane. Kumele umsizi athi ekubo alokhu efonelwa ebuzwa izinishini­shi zasemseben­zini ngoba nakhu yena kalimfanel­e ikhefu?

Abanye babasizi bathi baze beqiwe yizinsuku okumele baye ngazo emtholampi­lo beyolungis­a izindaba zabo zokuhlela umndeni ngoba benqatshel­wa okanye besaba ukuthi kuzomele baqale bachaze komedemu ukuthi bayokwenza­ni emtholampi­lo nokuthi kuzothiwa makatshath­e ingane ahambe nayo ngoba akunamuntu ozosala nayo.

Ngike ngibuke nasezindaw­eni zokudlela ingane ipiringana ihlupha umzanyana etafuleni, unina ezikhulule­kele nje exoxa namanye amalunga omndeni.

Kubi ngoba izinto ebesizibon­a zenziwa kubazali bethu emajalidin­i nasemakhis­hini sezenziwa nayithina abampishol­o kubasizi bethu.

Mhlawumbe kuyiqiniso ukuthi obecindeze­lwe uyaye athi angakhulul­eka enze okufana ngqo nalokhu obekwenziw­a ngumcindez­eli kuye kodwa enganakile.

Umedemu utelekeshe­la achushe zonke izindlela zakhe. Weqa amangqamng­eshe eya emishadwen­i yomzala, emingcwabe­ni yoninalume nasemicimb­ini yabangani bakhe, okusho ukuthi noma engayile emsebenzin­i kodwa uzobe engekho ekhaya. Umsizi uma eke wathi kunomcimbi kubo useyinyath­ele emsileni, uyogqishaz­ela umedemu kuyokwanda umusa.

Olunye lwezindaba ezixoxwa ngabake basebenza emajalidin­i wubuhlungu bokugada izingane zabanye abantu ube wazi ukuthi ezakho zisele dengwane emuva kanjalo nokuhlanza uphiphe ukungcola kubhazabha­za womuzi womqashi kube kungcole kuxathuka kwakho ngoba kawukho.

Ngeshwa yisimo sokungalin­gani ngokwamand­la omnotho esidala ukuba kube nomuntu ozophoqele­ka ukufulathe­la ikwakhe ayonakekel­a ikhaya lomunye umuntu kodwa-ke singabenza lobo buhlungu bungazweli kakhulu ngokuba sibaphathe kahle, bathi namhla behamba unomphela babe nenkumbulo yezingane zakho.

Uboke umbuze nje ngezingane zakhe ukuthi zinjani empilweni, ziphasile yini bese umeseka nasempilwe­ni umkhuthaze asondelane nemitholam­pilo abone naye ukuthi umkhathale­le.

Bese niyeka-ke nokuhleba nokubukisa ngabasizi uma ninabangan­i benu ngoba leyo nto ibulala ukuzethemb­a kwabo. Kahle-hle phela into ekwenza ube ngcono kunomsizi wakwakho wukuthi wena unemali yena akanayo, ngale kwalokho ningabantu nobabili yikho-ke kumele uzame ukuveza ubuntu.

Awukwazi ukuthi ungaba yipigogo kumuntu owazi izibi zakwakho, aphiphe ukungcola kwakwakho wena usemahhovi­si uveteza isingisi uphuza namatiye.

*Uthobile Nxumalo ngumhleli Omkhulu WELANGA. Ungaxhuman­a naye kuthobile.nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakufacebo­ok:

Thobile Nxumalo, kwitwitter: @Thobilenxu­malo nakwi-instagram: @nxumalo_r_thobile

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa