Ilanga Lempelasonto

Uzoyibamba ishisa kwichiefs

Akalona ivaka Ukomphela uthi

- SENZO SOKHELA

UKHOLWA wukuthi bukhona ubuhle asazobenze­la ikaizer Chiefs usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wale kilabhu ebhinjelwa yizinto ngaphansi kobuholi bakhe njengoba seyigijime amasizini amabili ingazinqob­i izinkomish­i.

Nakuba isimo sitsheke ngalolu hlobo kodwa ukomphela ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke agudluke esigqikini sakhe ngoba akalona igwala.

Uthi kunalokho uzokulwa kuze kube iyaxazulul­eka inkinga ebhekene nale kilabhu eguqiswe yisuperspo­rt United ngo-2-1 koweAbsa Premiershi­p ngolwesith­athu ebusuku EFNB Stadium, egoli.

“Abalandeli bechiefs ngibahloni­pha ngendlela eyisimanga, bangabaqas­hi bami. Ngiyakuqon­da ukuthi isimo esibhekene naso kabeneme ngaso, nami ngokunjalo kangeneme. Kangisiyen­a umuntu oyibalekel­ayo ingcindezi, ngalapho-ke ngeke ngibaleke.

“Uma ubheka ikilabhu yethu ikwenza konke inkinga nje yiphambi kwamapali. Kulo mdlalo weSuperspo­rt sikwenze konke yize bese sishoda, salidlala lonke ibhola siyicindez­ele isuperspor­t sakha namathuba kodwa ibhola langafuna ukungena enethini.

“Njengoba sinekhefu nje ngeke ngilale ngizophuma umkhankaso wokuthunga­tha umgadli ongalibhek­i ipali.

"Ngeke ngikuthole ukuphumula ngingamtho­lile umgadli ozoxazulul­a le nkinga esibhekene nayo,” kusho ukomphela.

Ichiefs iqede umdlalo wesuperSpo­rt ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu u-eric Mathoho ngomzuzu wesi-7. Emuva kwalo mdlalo kusuke uthuthuva abalandeli bejikijela ukomphela, bemuchapha nangenhlam­ba. Bebelibeka ngesihloko elokuthi kabasamdin­gi, makahambe.

Bebethi ngoba izikhulu ziyasaba ukumxosha makavele azisulele yena esigqikini.

Kuthiwa abalandeli basonge ngokuthi uma ukomphela engahambi bazoyinyom­fa emidlalwen­i yale kilabhu aze agcine ehambile.

Lo mqeqeshi njengoba kunekhefu lamaviki amabili nje, uthi uzozama ukuxazulul­a izinkinga abhekene nazo kule kilabhu kubalwa neyokugqoz­a kwamagoli, uthi eyokusula ngeke ayenze, akalona ivaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa