Ilanga Lempelasonto

UZOQONDISW­A IZIGWEGWE OSHAYISE EYE-ANC

- PHUMLANI GAMA ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

KULINDELEK­E ukuba abhekane nekomidi eliqondisa ubugwegwe umgqugquze­li weAfrican National Congress ngaphansi kwesifunda ifar North, emkhanyaku­de, enyakatho-mpumalanga yeKwazulu-natal, lapho ezochaza khona kabanzi ngembangel­a yengozi eholele ekutheni kulimale imoto yeANC abeyishaye­la.

Kusolwa ukuthi umnu Thulani Dumisa ubebudlony­ile ngesikhath­i kwenzeka le ngozi kun2 ngasemkhuz­e ngoLwesine kusihlwa ngezithuba zehora lesi-7. Kuthiwa uboshelwe khona lapho endaweni yesigameko. Imoto ebihamba umnu Dumisa kubikwa ukuthi ingene ngemuva enye imoto.

Umthombo ozibonele kwe- nzeka le ngozi uthi imoto ebishayelw­a ngumnu Dumisa ibihamba igcwala umgwaqo.

Ngolwesihl­anu udedelwe ngebheyili ka-r1 000, yinkantolo yemantshi yasobonjen­i. Ngokuthola KWELANGA

Langesonto umnu Dumisa ubesendlel­eni ebheke emtuba ngesikhath­i kwenzeka ingozi.

Kuthiwa ubehamba nevolontiy­a elihlanza ihhovisi lale nhlangano emkhuze. Umthombo WELANGA

Langesonto osondelene naye umnu Dumisa uthi bamkhuzile ukuba angayisebe­nzisi le moto ngoba ubengaguny­aziwe ukuyiseben­zisa ngaleso sikhathi.

ILANGA Langesonto lixhumane nomnu Nkosingiph­ile Mlambo ongunobhal­a wesifunda WE-ANC okuqinisek­isile ukuthi kusasa ngomsombul­uko lo mholi uzovela phambi kwekomidi ezochaza kabanzi ngokwenzek­ile.

Uthe ngokombiko abanawo, umnu Dumisa ubephuzile ngesikhath­i kwenzeka ingozi, wathi bazolindel­a umbiko wophenyo lwamaphoyi­sa, emuva kwalokho kuthathwe izinyathel­o.

“Cha noma ngabe siyathanda ukuvikelan­a kodwa okukaDumis­a kuyehlula. Ngimbizile ukuba sihlangane naye ehhovisi lami nabanye ozakwethu sifuna azochaza kabanzi ukuthi ungene kanjani emotweni ebukhile (njengoba kushiwo).

"Sizomthath­ela izinyathel­o ezinqala. Uma simyeka kuyobe kusho ukuthi seseka into engalungil­e. Kuyicala ukushayela udakiwe ikakhuluka­zi emgwaqweni omkhulu kanga- ka.

Nangokwemi­gomo yeqembu lethu kuyicala ukuhamba ngemoto ungagunyaz­iwe,” kusho umnu Mlambo.

Umsolwa uzobuyela kule nkantolo mhla zingama-23 kumandulo (September). Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ucapt Nqobile Gwala usiqinisek­isile lesi sigameko.

“Kuboshwe umlisa (47) ngecala lokudala ingozi emgwaqweni nokushayel­a ephuzile. Amacala aphenywa esiteshini samaphoyis­a emkhuze,” kusho ucapt ugwala. ISALE inje imoto YE-ANC okuthiwa idale ingozi emgwaqweni omkhulu un2 ngasemkhuz­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa