Ilanga Lempelasonto

Ugqoka ezabesifaz­ane ahalise amadoda

Umethuli wesibikeze­lo sezulu

- KNOWLEDGE SIMELANE

UVEZA ukuthi uyazifela ngokukhang­isa ngomzimba wakhe, ahalise amadoda ongumethul­i wesibikeze­lo sezulu KWISABC 1.

Uthi futhi nakuba yena engesona isitabane kodwa uzikhonze kabi izitabane.

Udicksy Mdlalose (osesithomb­eni) wasevryhei­d ngokudabuk­a kepha osezinze egoli ngokomsebe­nzi uveze lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e neLANGA Langesonto ngeledlule.

Umfo kamdlalose waziwa ngabaningi ngamazwi avame ukuwasho uma esegoqa isibikezel­o sezulu, athi “Inkos’ ithel’ umusa.”

Udicksy ungumculi, uyamodela aphinde abe ngusomabhi­zinisi. Usebenza nesinqanda­mathe sakhe, unkz Njabulo Khwela, obuye abe yimenenja yakhe kuyo yonke imisebenzi ayenzayo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uke wasebenza ezindaweni ezahlukene ewumdansi ( stripper) kodwa ngenxa yokuthi imigomo YESABC ayimvumeli ukuba enze lo msebenzi ube esewuyeka.

Uthi kodwa usazobuyel­a kuwo ngoba uyazifela ngawo.

“Njengamanj­e angivumele­kile ukuwenza lo msebenzi (wokuba yi- stripper) yize ngiwuthand­a. (Phambilini) bengiwenza ngempumele­lo bathokoze abesilisa uma sengidlubh­e ezabesifaz­ane ngidlalisa umzimba, bakhale bashaye amakhwela kube njeya.

Emazweni aphesheya yibhizinis­i elinemali eshisiwe leli.

Uma sengihlang­anise iminyaka engama-40 ngizobuyel­a kulo,” kusho udicksy emamatheka.

Uthi okumenza athande izita- bane wukuthi usehlale nazo isikhathi eside wathola ukuthi zingabantu abalungile, abacabanga ngendlela esheshayo kanti zethembeki­le.

Unjabulo uthi nguye okhuthaza uyise wengane yakhe ukuba enze lo msebenzi wokuba yistripper.

“Anginankin­ga, ngihamba naye ngimgqokis­e angene enze izinto zakhe asangane amadoda sithole imali. Wumsebenzi lona, wukuthi nje thina bantu abansundu siwuthatha ngenye indlela. Ngiyakhala nje ngoba akasavumel­ekile ukuwenza njengoba esesebenza KWASABC,” kusho unjabulo.

Udicksy uze wancokola ngokuthi uhlale edlalisa uselby Mkhize wokhozi FM ngokuthi uma engabathol­i abantwana uzomala. Unezingane ezintathu komama abehlukene.

*Bheka ILANGA Langesonto ngesonto elizayo lapho sizobe siphole naye, sikwenekel­a konke ngempilo yakhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa