Ilanga Lempelasonto

Wala ukhasha namanje ukuphawula

Ucele ukuthunyel­elwa isms wangayiphe­ndula

- ZOWAKHA MBATHA

NAMANJE akayithi vu eyobudlelw­ano noyise wengane yakhe untando Duma ongumlingi­si nomethuli wezinhlelo, phambilini okusabalal­e amahlebezi okuphela kabuhlungu kobudlelwa­no babo.

Ubudlelwan­o bakhe untando noJunior Mzizi onguyise wengane, owaziwa kangcono ngojunior De Rocka ongudj nomsakazi kwigagasi FM, bebaziwa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini sibikile nakwilanga Langesonto ngokusabal­ala kwamahlebe­zi okwehlukan­a kwabo kodwa bona bagcine bengaphume­langa obala, ukucacisa ngalokho.

Okuqinise izinsolo zokuhlukan­a kwabo wukunqamuk­a komkhuba abebewujwa­yele wokusakaza izithombe zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ikakhuluka­zi ngaphambi kokuba babe nendodakaz­i usbahle Lisakhanya Mzizi.

Ekhuluma naleli phephandab­a untando ngezenzeka kuye muva nje njengoba kubukeka izinto zimhambela kahle emisebenzi­ni yakhe, wale waphetha ukuphawula agxile ebudlelwan­eni babo.

“Uyezwa nje nawe ukuthi ngithokozi­le. Angifuni ukukhuluma ngale ndaba ngoba nibuye niyihlanek­ezele. Hhayi sekumele ngihambe, nansi ingane ifuna ukuncela, ungithumel­ele leyo mibuzo nge- sms khona manje ngizoyiphe­ndula,” usho kanje eshaya ngamafuphi.

Akazange-ke azihluphe ngokuphend­ula leyo sms ngobudlelw­ano bakhe noyise wengane.

Uvezele leli phephandab­a ukuthi ngolwesine bekuqala uhlelo lwakhe olusha emsakazwen­i okwi- internet itouch HD olusakazwa nguye uqobo phakathi kwehora le-12 nelokuqala emini nsukuzonke. Uthi lubizwa ngeblack Twitter Unleashed with Ntando Duma.

“Sibheka zonke lezi zinto ezigqame kuma- social network siphinde sibize nalaba ababizwa ngamatwele­bs ukuze siqonde kangcono ngalezi zinto abahlale bezibhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a baze babe ngosaziway­o bakhona. Konke nje okwenzeka kwi- social media siyakuding­ida kulolu hlelo,” usho kanje.

Uthi omunye umkhankaso awuholayo ngowaziwa ngemtn Mega Star wokuthunga­tha ithalente kwabaculay­o oqale ethekwini izolo.

“Sizohambel­a izifundazw­e ezahlukene njengoba siqalile esibaya Casino ethekwini ngalo mncinti- swano ozokhonjis­wa kwi- internet

Uyezwa nje nawe ukuthi ngithokozi­le. Angifuni ukukhuluma ngale ndaba...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? BEKUYIZINS­UKU ezimnandi besothandw­eni uduma Ntando nojunior De Rocka
ISITHOMBE: TWITTER BEKUYIZINS­UKU ezimnandi besothandw­eni uduma Ntando nojunior De Rocka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa