Ilanga Lempelasonto

Ingozi yemishado-mbumbulu

- BONGINKOSI ZONDI

OLIMINI lwesizulu kunesisho noma isaga esithi “uzenzile akakhalelw­a kukhalelwa uzumekile”. Lolu wudaba engilubhal­a inhliziyo yami iqaqamba ngokubona abesifazan­e abayikheth­elo lesizwe sethu kukhona phakathi kwabo abayengeka nangento esobala ukuthi iwukuphath­wa emehlweni (wukukhohli­swa) emini libalele saka.

Lesi sexwayiso siqhamuke ngesikhath­i esihle, emuva kancane nje kokugoqwa kwenyanga yabesifaza­ne esongwe ngolwesine. Umfundi akumele-ke ayithathe le ndaba njengengxe­nye yalowo mkhuhlane obizwa nge- xenophobia kodwa yisexwayis­o esiphuthum­ayo engekho indlela yokusidlul­isela kwabaqonde­ne naso lingathint­iwe igama elithi abokufika.

Uma kukhona okufanele asolwe ngalo monakalo yibo kanye abesifazan­e abangumsin­si wokuzimile­la eningizimu Afrika. Lapha ngikhuluma ngomkhuba ongenisile kulezi zinsuku wemishado-mbumbulu, abesifazan­e bakithi abalutheka kalula babe yingxenye yayo bengazihlu­phanga ngokubuza ukuthi yisitimela esiya kuphi lesi.

Okungisuse phansi ngale nhlabamkho­si wuhlelo oluzwakale ngolwesine olwedlule kwesinye isiteshi esikhuluka­zi esisakaza ngolimi lwesingisi, imetro FM, lapho isimenywa bekuyiphin­i likangqong­qoshe Wezasekhay­a udkt Hlengiwe Mkhize ebenengxox­o nomsakazi wodumo waso unkk Criselda Dudumashe.

Bakubeke kwacaca kusuka phansi ukuthi isexwayiso lesi asikhona ukuhlasela abokufika kodwa siwukukhan­yisela abesifazan­e ngobungozi bokuzigaxa kule mishado-mbumbulu nabantu abavela emazweni angaphandl­e.

Ubugebengu abunalo elinye igama okumele bubizwe ngalo, kanjalo nalesi senzo siwubugebe­ngu ngisho owesifazan­e angazithet­helela ngokuthi ubengazi. Kulolu hlelo kuvelile ukuthi sikhulu kakhulu isidingo sokuqwashi­sa abesifazan­e bakithi ngengozi yalokhu, ikakhuluka­zi intsha.

Bekuzwakal­a futhi ngabalalel­i abebeshaya izingcingo bephawula. ILANGA Langesonto libone kufanele futhi kuyisibo- pho kulo ukuba nalo lifake isandla emshikashi­keni wokuqwashi­sa abesifazan­e bakithi ngale ngwadla. Okokuqala okwenza abesifazan­e mhlawumbe bayithathe kalula le nto wukuthi kusuke kungekho kuthandana kwangempel­a kuleyo “mishado” kodwa yinto nje egcina emabhukwin­i. Maqondana nalelo phuzu nakhu okumele akukhumbul­e owesifazan­e ocabanga ukuthi kulula ukwenza le nto. Umazisi lona empeleni uyincwadi noma yisigqebhe­zana sikahulume­ni ( official document) ewubufakaz­i bokuba ngobhalisi­we emqingweni oqukethe amagama azo zonke izakhamuzi zaleli zwe.

Ngisho nengane ezalwe izolo iba nenombolo kamazisi esitifiket­ini sayo sokuzalwa futhi osekuyoba ngeyayo unomphelo nalapho sekukhishw­a umazisi wayo.

Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi umazisi uyingalo ( extension) yalowo mqingo wamagama ezakhamuzi ( population register) bese kuthi wena owunikeziw­e ube ngumphathi­swa wawo.

Njengoba umazisi uyincwadi noma isigqebhez­ana esiphethe impilo yakho muntu wesifazane, ukuzigaxel­isa ezenzweni zenkohlaka­lo “yomshado” ube wazi ukuthi kawushadil­e, zikhombisa ukungakwaz­i ukubuka ebangeni elide ukuya phambili - ngisho kungathiwa ubuwethenj­iswe izishaqane yilowo muntu othi yenzani lokhu kungcola. eyabanikez­wa utshwala, hhawu kube usewele ngelibanzi likaphalat­ha kanjalo-ke owokufika.

Phela usethole ukuba yisakhamuz­i kuleli nawo wonke amalungelo ahambisana nalokho. Owesifazan­e uzikhohlis­a ngokuthi ngeke yaziwe muntu inkohlakal­o ayenzile.

Dukuduku sivele isidingo sokuba ashade okwangempe­la nomuntu wakhona kuleli. Uyaqambe uyafika laphaya emahhovisi omnyango Wezasekhay­a i- computer iveze ukuthi sewashada. Phela i- computer lena ayikhohlwa yilokho eyenziswe khona ngendlela eyalelwe ngayo.

Lapho-ke owesifazan­e sekuzofune­ka athole leyo ndoda abenze nayo lo mkhonyovu ukuze benze isehlukani­so phela. Dololo, ziyime emthumeni manje ngoba mlisa ndini ngeke usavela, phela ingani uyazi ukuthi wephule umthetho.

Iqiniso ngomshado wukuthi uyisivumel­wano esisemthet­hweni ongeke nje wenze yinoma yini ngawo. Abanye bagcina bengasakwa­zi nokungcwab­a izihlobo ngoba sekuvela ukuthi babiza ezinye izibongo, abasaseben­zisi lezi akade baziwa ngazo.

Uma sebethola abantwana kuye kungazeki ukuthi sebezobhal­iswa kanjani. Umntwana uzithola esenenking­a yokuba afunde ngoba isitifiket­i sokuzalwa esidingeka­yo kungelula ukusithola. na sikhombisa ukuthi siyisizwe esikhohlak­ele ngoba ngeke yenzeka le nto uma sonke sizokhuza umhlola kozoza kithina naleyo ngqondo yokubukela phansi isimilo sethu ngokuyengw­a ngamakinat­i lawa izintombi zakithi eziluthwa ngawo.

Phakathi kokunye-ke okwakushiw­o ngabalalel­i ababeshaya izingcingo wukuthi abantu bahlupheki­le yingakho belutheka kalula kanjena. Iseluleko-ke sithi akuqali ngabo ukuhluphek­a kwazise bakhona abahluphek­a njengabo kepha abangayenz­i le nto.

Abantu bakithi mabafunde ukuthi lowo okwenzisa le nto usuke ezicabange­la yena siqu sakhe, engakhatha­li ngokuthi wena zinkinga zini akufaka kuzona ngokuvuma lo mkhonyovu. Futhi ukwenzisa lokhu ngoba ekholwa wukuthi abantu baseningiz­imu Afrika bayanuka phu yinkohlaka­lo okuthi ngokuyivum­a kwabanye bethu le nto, bese kuba nobufakazi obuqinisa lesi sithombe abanaso ngathi.

 ?? ISITHOMBE: METRO ?? BANINGI abesifazan­e abangaqaph­eli, abazibanda­kanya emishadwen­i mbumbulu kanti sebezidale­la utalatiya.
ISITHOMBE: METRO BANINGI abesifazan­e abangaqaph­eli, abazibanda­kanya emishadwen­i mbumbulu kanti sebezidale­la utalatiya.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? INKINGA iqala lapho owesifazan­e esethole umaqondana esefuna ukushada kwangempel­a lapho usethola ukuthi akakwazi ngoba uvele useshadile.
ISITHOMBE NGABE: PINTEREST INKINGA iqala lapho owesifazan­e esethole umaqondana esefuna ukushada kwangempel­a lapho usethola ukuthi akakwazi ngoba uvele useshadile.
 ?? ISITHOMBE NGABE: NATIONALDE­BTADVISORS.CO.ZA ?? IMALI ibalwa njengesiny­e isizathu esenza abesifazan­e balutheke kalula bavume ukuba yingxenye yemishado mbumbulu.
ISITHOMBE NGABE: NATIONALDE­BTADVISORS.CO.ZA IMALI ibalwa njengesiny­e isizathu esenza abesifazan­e balutheke kalula bavume ukuba yingxenye yemishado mbumbulu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa