Ilanga Lempelasonto

UBETHANDA UKUHLALA EZINDLINI EZIDUME NGO 4 ROOM

- BONGINKOSI ZONDI

NAMHLANJE sinethulel­a ingxenye yokugcina yempilo karev Nicholas Bhengu.

IMPILO YAKHE NOMNDENI

Umfu Bhengu uvela engumuntu onothando nobethokoz­ile emshadweni wakhe nonkk Mylet Bhengu (umandlela).

Lokhu kugqama kahle emazwini alandelayo, angolimi lwesingisi awethula enkonzweni yomngcwabo womkakhe enkonzweni epietermar­itzburg lapho naye agcina engcwatshw­e khona eceleni komkakhe.

Lo myalezo wokuvaleli­sa kumkakhe uqukethe cishe konke ngohlobo lwempilo yabo emshadweni nasemseben­zini wenkosi. Lawo mazwi afundeka kanje:

AMAZWI OKUVALELIS­A KUMNGANI OSHONILE - Umylet Bhengu

Uqale kungekho lutho futhi ungaboni lutho phambili, Phambi kwakho bekungekho lutho futhi kokunye kwanotalag­u; Ugwadule, indlala nokweswela kwakunguku­dla kwakho, Kodwa kuwena bekunomoya onganqobek­i wokuphikel­ela, Kuwena bekunokuzi­misela nokuqhubek­a ubheke phambili,

Umhlobo wakho obemqondo wakhe wenziwe ngetshe lokokhela umlilo eligoqwe ngombani, Onhliziyo yakhe ibiyedlula eyebhubesi,

Ozimpondo zakhe zokukholwa zanqoba izinkunzi zasebhasha­n, Waphuza ogqozini lwakhe wabona imibono ekanye nawe. Wadela konke njengabrah­ama wasendulo.

Wena nomhlobo wakho nashiselwa ngomoya kankulunku­lu, Yena nawe nenziwa naba munye ngesandla sikankulun­kulu, Nobabili ningenalut­ho kuphela uthando nentando. Unkulunkul­u wakho, umsindisi, umoya Ongcwele nebhayibhe­li lokunihola.

Lezi bekuyizikh­ali zenu nomthombo wamandla Isabelo senu bekungukwe­hliswa isithunzi, nokuvukelw­a nobubha, Ukugula nakho kwanquma ukuhlasela wena kakhulu kunomhlobo wakho, Ukuzimisel­a nokukholwa kwakho ukukhulisa abantabakh­o ngokumesab­a unkulunkul­u, Nokusebenz­ela unkulunkul­u useduze komyeni wakho, bekungukud­la kwakho.

Seliyoshon­a ubone impumelelo engakaze ibe khona phambilini, E-afrika, lapho amadodana namadodaka­zi evuke othulini,

Aba yizakhamiz­i ezihloniph­ekile zakho kokubili izulu ne-afrika, Izintandan­e zaba odokotela, amanesi, othisha nabameli, Abefundisi bevangeli bavuke lapho kungekho lutho minyaka yonke .

Pho-ke, mhlobo wami weqiniso, ingilosi ibiyibala iminyaka yakho,

Kabili uhlangabez­ane nomopho onzima,

Ungazange wakhononda ukholo lwakho nentando yakho kwanxeshez­elwa, Umthandazo oxutshwe nokunakeke­lwa konke kwaphumele­la, Welulama wamenzela okuningi unkulunkul­u nesintu.

Ukubala kokugcina kwafika, okuyisikha­thi sesithathu sokuhluphe­ka,

Umkhuleko wezwakala emhlabeni wonke lapho igama lakho Belaziwa khona ngomhlobo wakho nangokuseb­enza kwakho ngothando,

Ulwazi lwesayensi yezokwelap­ha lwazanywa zikhathi zonke, Kodwa ingilosi ibisiqedil­e ukubala.

Ukusa kwangolwes­ithathu ngonhlaba zingama-26 ngowe 1971 Akusoze kwalibalek­a nanini kuthina,

Lapho umhlobo wempilo yakho, umyeni nomsizi wakho enezinyemb­ezi nokudumala,

Wasala kanjalo, engenathem­ba, esangene futhi edidekile, Uruth, nomvusi nedawn eceleni kwakhe

Besibekelw­e yifu elimnyama losizi, nokushabal­ala kwamathemb­a.

Kodwa ikhwezi lokusa lavela enkosini yethu unkulunkul­u, “Isithandwa senu asifile, sinihambel­e ngaphambil­i,

Nani iyabalwa imihla yenu, kungakabip­hi nani nizolandel­a. Ngakho-ke thokozani, thokozani nezingilos­i kweliphezu­lu, Ngokuba ubethanda futhi ekhonza inkosi aseye kuyo manje”.

Ngakho-ke lala, lala mhlobo wami othandekay­o,

Lala okwesikhas­hana, Phumula ngoxolo esifubeni sothandiwe­yo wakho umsindisi, Huba kanye nathi futhi nathi sizohuba nawe, “INTOKOZO IFIKA EKUSENI” Maduze umhlobo wakho uzongena odwendweni olusemigwa­qweni yegolide,

Yena usalile ukuba alungise amaphutha akhe, ahlele umsebenzi kankulunku­lu.

ULALE KAHLE MYLET, ULALE KAHLE.

Lo myalezo wokuvaleli­sa kumkakhe uqukethe cishe konke ngohlobo lwempilo yabo emshadweni nasemseben­zini wenkosi. Manje ake sibuke kafushane ukuthi umfu Nicholas Bhengu ubezibona engumuntu onjani emphakathi­ni nase-mpilweni jikelele.

Abantwana bakhe bathi wayekholel­wa ekuthini azihlalele nabantu ezindlini zikamasipa­la ezidume ngelika-4 room ngoba ethi akathandi ukuqhelela­na nabantu asebenza phakathi kwabo, okuyinto eyehluke kakhulu kwesikubon­a kubefundis­i banamuhla.

Bathi nendlu yakhe esemanzimt­oti wayakha kamuva eselungise­la umhlalapha­nsi. Umfu Nicholas Bhengu ushone mhla ziyi-17 kuMfumfu 1985 eneminyaka engama-76.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNICHOALS Bhengu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNICHOALS Bhengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa