EZEMISAKAZO:
KUNABANTU abanamakhono amangalisayo kule mboni kodwa abangazigqamisi. Iqiniso wukuthi kakulula ukuba nekhono lokukwazi ukuphatha uhlelo lwezingxoxo uphinde futhi ube nekhono lokubamba olomculo wohlobo oluthile. Lunzima kakhulu uhlelo olugabe ngomculo ngoba luphoqa ukuba uhambisane nalowo mongo.
Ngokujwayelekile lezi zinhlelo zigxila ezindleleni ezithile zokuphila okunokuhambisana nenkolelo. Isibonelo nje, kawukwazi ukubamba uhlelo olugxile kumasikandi ulubambisise uma ungahambisani noma ungawuqondi kahle umasikandi.
Kumele uwuphile ngoba kungenjalo uzonyukeka, sigcine singakwamukeli thina balaleli ngoba ngeke kungacaci ukuthi uyasirobha. Umsakazi ongakuphili lokhu usuke ezokweba udumo nabalandeli bento yena angayilandeli.
Siyakuqonda ukuthi ukusakaza kuyitoho elifaka imali ephaketheni, kodwa kuhle phela ukuthi nawe ube neqiniso ngokwenzayo empilweni. Baningi sibabona behhahhanyezwa ezindaweni ezahlukene nasemicimbini emikhulu imbala ngoba abalaleli bengahambisani nabazwakala beyikho emsakazweni.
Khumbula phela ukuthi into ehambisana nenkolo noma inkolelo iyingozi kabi ngoba umnikazi wendaba angakunquma nokukunquma uma uphambana nalokho akholelwa kukho.
Kakugcini nje lokhu ngomasikandi kodwa yinto efanayo nakwigospel, jazz, reggae. Owenza uhlelo olugxile kulezi zinhlobo zomculo ukwenkulu inkinga, ngakho kubalulekile ukuthi kube ngumuntu wawo ngempela lo mculo.
Abantu nje be- jazz balindele ukuthi ubabekele umlando ngalowo odlala ingoma emsakazweni. Kulindeleke bakuzwe olimini uma usuchaza ukuthi ngubani oxebula u- bass guiter, okwi- sexophone njalo njalo.
Ngeke-ke ukwazi ukukwenza lokhu ngendlela ehehayo neyamukelekayo uma ungeyena umuntu wejazi. Kawukwazi ukungalusebenzisi ulimi lwamarasta uma udlala i- reggae ngoba yikho lokho okuzokwenza usondelane kangcono no-jahman no-sistren. Kakusiyona yonke into phela esebenza nge- research, okunye kudinga uyiphile ngqo leyo mpilo ukuze kungabi bikho ukuba yifong kong uma ususakaza.
Nakwi- gospel, kawukwazi ukuthi ungenza lolu hlelo ngendlela egculisayo kodwa kwabhayibheli waligcina kusonto sikole. Kakuhlangani bantu bakababa!
Kawukwazi ukwenza uhlelo lwengxoxo ekubeni ungahlangani nokufunda, ulandele izinto ezenzekayo ezweni. Kakushiwo ukuthi kumele ube ngusolwazi kodwa kawukwazi ukuba ngungqimu nje, ongazi nokuthi wenzeni u-edward Zuma osematheni kulezi zinsuku.
Kumele ukhuthalele ukulandela imithombo yezindaba. Lezi zibonelo esizibalula ngenhla yingoba kunowesifazane okwenza kwenzeke ngendlela engajwayelekile. Igama lakhe nguthami Ngubeni osakaza kwimetro FM nakwiradio 2000.
Kwimetro FM wenza uhlelo olugxile kwinkolo yobukristu olubizwa ngesacred Space ngamasonto (06h00-09h00).
Kudlalwa kakhulu umculo wokholo, kushunyayelwe kube njeyaya. Lolu hlelo uluphethe ngobunyoninco uze ucishe ufunge ukuthi usuphakathi esontweni. Kwiradio 2000 wenza uhlelo lwengxoxo, italk on 2000 (19h0021h00) ngomsombuluko kuya kuLwesine. Lapha udibana phezulu nosopolitiki, izazi zomnotho, nathi nje abalaleli abanezabo izinkolelo.
Zombili lezi zinhlelo uthami uzenza ngobuchule, kangimtholi kukhona lapho eshoda khona. Kumele basike iphethini nabanye, baqonde ukuthi kubalulekile okungenani ukuzwakala uyiphila into osethulela yona kungenjalo abanye bayodliwa yizibhakela zabalandeli.
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzona umbhali.
Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za