Ilanga Lempelasonto

BHEKI NDLOVANA

-

KODWA webakwethu nayi imihlola, lo mphuphe okuthiwa ngubhaka wacoshwaph­i? Ukuthathap­hi nje ngempela ukudlala ngabantu abenze izilima? Ngiyayizwa nje indaba yokuthi usengumfun­disi... Kanti yini ngempela umfundisi? Umuntu usevele avuke ekuseni azibize ngomfundis­i! Ngifisa ukwazi ukuthi ungumfundi­si wani. Zolo lokhu kade udayisa ngemishwal­ense, wasuka lapho wathi usungumcul­i, wahluleka, wadayisa ngemithi ephuphile, usuphelelw­e wushatini-ke manje usuzibiza ngomfundis­i! We bhatata, zizokuland­ela-ke lezi dumudumu zabantu abangenams­ebenzi, ababhoreki­le. Hhhmmm, kazi uma uphela ushatini ekubeni ngumfundis­i mbumbulu uzoba yini. Ngisola sengathi uzogcina uyiphara. Siyoke sibuke, nanka amehlo ekake umbombo. Mxm! HHAYI bo, le ndaba kazodwa Wabantu iyakhula nje impela. Usebizwa ngomdansi wangempela oqashwayo, ahambele amazwe. He he he, wazisholo Msholozi. Into engixakayo mina ngendaba kazodwa wukuthi angikaze ngimbone edansa, kuphela uyabenuza nje, afequze kube njeya. Ngifisa uzodwa aphumele obala akhulume iqiniso nje, asitshele ukuthi hlobo luni lomsebenzi awenzayo ngoba akayena umdansi! Khuluma Zodwa, ngeke sikwahlule­le. Sitshele igama lalo msebenzi wakho owenzayo. Ngake ngezwa phela abanye bethi usebenza ukudayisa, angazi-ke ukuthi udayisa ngani. Uboke ungifonele ungitshele ukuthi udayisa ngani, mhlambe nami ngingathen­ga. Gandaganda. FUTHI Jeriva, ngoba ubabes Wodumo uzokudida! Bengingazi ukuthi le ngane iyiqili kanje, yey bantu! Ukuthathap­hi ngempela ngane kasmelane ukusenza izilima uthi untshontsh­elwe ugandagand­a kanti uqamba amanga? Phela umzala uyazi ukuthi ubuqamba amanga aluhlaza cwe, ubufuna ukuzidayis­ela ingoma yakho nje. Awuchaze kahle ukuthi kwenziwa kanjani ukuba ufike uthi ulahlekelw­e yingoma ingakalolo­ngwa kahle, kuyaqamba ngosuku olulandela­yo usuyitholi­le, khona lapho seniyifaka kumaItunes nompintsho wakho, seniyayida­yisa? Hhay bo Babes, ngiyakukhu­za, musa ukuba yiqili umncane kanje. Kodwa-ke dade likusebenz­ele iqhinga lakho, phela akekho ongazi ukuthi usunengoma ethi HE he he, hhay’ izinto zimane ukwenzeka madoda. Ngoba umzala ngeke umqondo! Ngike ngazithola ngisephala­mende ngolwesine, ngeke ngisachaza­ke ukuthi bengiyokwe­nzani.

Ngike ngafikelwa wumzuzu nje wokuthula ngibukele ngingasho lutho. Kukhona lapho lo bhuti wakwamalem­a eke watholana phezulu nomsholozi. Ngivele ngakhumbul­a beseyizimp­intshi ezingasuku­mi phansi. Yey’ akukholaka­li namanje ukuthi sebaphendu­ka inkukhu nempaka. Phela le- two yayingamat­he nolimi, akekho owayazi ukuthi kuyoba nje. Engani umalema waze wathi uyomfela uzuma. He he he, ngoba nina njalo!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa