SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE
SIKHUTHAZA abaculi namaciko ekutheni ayazise imindeni yawo uma ewafake emafeni awo ( royalties). Sikusho lokhu ngoba miningi imindeni engazi ukuthi yafakwa emafeni yizihlobo zayo ikakhulukazi kwawomculo bese izinhlangano eziphethe amafa abaculi ziyigcina leyo mali, igcine ingatholakalanga.
Kunezinhlangano eziningi ezimele ukuqoqa amafa ( royalties) abaculi noma amaciko kepha sizobalula ezimbili okuyi-south African Music Rights Organisation (SAMRO) necomposers, Authors and Publishers Association (CAPASO).
Zombili lezi zinhlangano nezinye yizona okuthi uma umculi noma iciko lingena kule ndima lijoyine libe yilunga lazo. Kuye kube khona amafomu agcwaliswayo lapho umculi noma iciko liqoka khona okunguyena ozoba yindlalifa emsebenzini walo uma kwenzeka lona lendela koyise mkhulu. Abaculi-ke abakuqikeleli ukuthi uma befake amagama ezindlalifa zabo bazazise. Lokho kudala inkinga enkulu uma lowo mculi engasekho emhlabeni. Kuye kwenzeke lezi zinto ezilandelayo:
Kuhlupheka umndeni ube unayo imali kepha ungazi ukuthi unezimali zawo. Izinhlangano eziphethe amafa ziba nenkinga yokuthola izihlobo zabangasekho ngenxa yokungatholakali kwazo. Okunye okuba yinkinga kulezi zinhlangano wukuthi amakheli asuke enikezwe ngabaculi besaphila abawavuseleli kuthi noma izinhlangano ziwasebenzisa zingabe zisakwazi ukuzithola izihlobo, kwesinye isikhathi uthole ukuthi sebathutha lapho abebehlala khona.
Kuba njalo nasodabeni lwezingcingo, kuye kutholakale ukuthi azisasebenzi ngoba kusuke sekuyisikhathi eside leyo nombolo yafakwa. Ayisaphathwa eyezinombolo zomakhalekhukhwini ngoba zishintshwa njalo. Izihlobo zabaculi noma amaciko kungumthwalo wazo ukuba ziye kulezi zinhlangano zibuze uma abaculi sebeshonile zithole konke.
Lezi zinhlangano ziyayigcina imininingwane yomculi ngisho nendlalifa zisuke ziyazi, ukubuza akoni. Umculo uhamba uhambe ungabe usadayisa, kepha ukudlalwa kwawo kuyephuza ukuphela, imisakazo nomabonwakude kubathatha isikhathi ukuba bayeke ukuyidlala. Lokho kusho ukuthi imali yokudlalwa komculo iye ithunyelwe kulezi zinhlangano kungene amangquphana.
Izinhlangano eziqoqa imali yabaculi nazo kumele zenze kangconywana ukufuna izihlobo zabaculi abangasekho, zizihluphe zibafune zifake izikhangiso kwabezindaba. Asikaze sizwe ukuthi lezi zinhlangano zikwenzile lokho kuba-culi abangadumile. Kamuva nje baningi abaculi esibaziyo okuthe uma sebeshonile abezindaba babika ukuthi bafe bengenamali kwathi lapho sekuphenywa kwatholakala ukuthi bebenemali kepha ngenxa yokuswela ulwazi bebengabheki ukuthi ingakanani.
Isibonelo nje, inkampani yomculo isony Music ikhiphe yaba amafa kamufi uvusi Ximba okwaduma ukuthi ushone ehlwempu. Umndeni wakhe uye wamangala usubizwa wabelwa amafa kaximba, watshela abakwasony ukuthi ubungazi lutho ngezivume-lwano ebezenziwa ngumufi.
Nakhu okumele kuqikelelwe:
Abaculi abavuselele izivumelwano nokwabiwa kwamafa besaphila.
Izihlobo zikamufi azibhudule ziphenye kuzo zonke izinhlangano zomculo zibheke ukuthi akukho yini okwashiywa ngumufi.
Kuyenzeka ukuthi owabe ebhalwe emafeni naye ashone - kumele izihlobo ziye kubhekwe ukuthi ngubani omunye osondelene naye akhokhelwe.
Izimali lezi ezibizwa ngama- royalties zikhokhwa kuze kuyovalwa izizukulwane zingalandelana ingunaphakade zidla.