ODABENI LUKATHISHA ONGENE ENKINGENI NGEMUVA KOKUVELA KWE-VIDEO LAPHO EBHAXABULA ABAFUNDI, NANSI IMIBONO YABAFUNDI BELANGA:
Sthembile Nxele Sthembile:
NGIFISA izikhulu zikahulumeni zike zingene ezikoleni zifundise zona yikhona zizobona ukuthi zinjani lezi zingane.
Zike zidelele othisha, zibathuke, zingenzi umsebenzi wesikole ngoba zazi ukuthi uhulumeni uthi zingashaywa.
Uma zingasawenzi umsebenzi wesikole ngoba zingashaywa uhulumeni ugxeka othisha nothishomkhulu - kanti lo hulumeni ufuna kwenzekeni ngezingane zethu ngoba ziyimidlwembe nje manje ngokuthi azisashaywa ekoleni.
Kunzima ngampela, futhi ngiyabazwela othisha ngoba ngathi bona bayahlukumezeka ngempela kanti akekho obakhulumelayo, nezinyunyana zabo zabo zizidlela izimali, azinandaba nabo.
Izingane ziphatha izibhamu, zishaya othisha zibanga nabo amadoda abo, aziwenzi umsebenzi, zilalana khona ezikoleni, zizifunela othisha besilisa.
Ngiyakubonga ukuba nguthisha, ngingancamela ukuzihlalela ekhaya. Ngake ngaba nguyena (uthisha) iminyaka emibili kodwa ngiyabonga, kunzima.
Minenhle Lovemore Joseph:
YAZE yabuhlungu into! Angicabangi ukuthi angajabula lo anti uma engase abone ingane yakhe inenebulwa kanje. Yisihluku esiphindiwe lesi kumuntu esibheke ukuba avikele izingane.
Percy Lusso Kona:
NGIYABAZWELA othisha kodwa nabo ngathi banakho ukweqisa. Kungani bengashayi nje imivimbo emibili kuphela, engekho nzima, kungabi sengathi umuntu ushaya enye indoda. Sipho Kheswa:
ABANTU bayakujabulela ukucindezelwa. Iningi labaphawulayo lisola abafundi. Ushintshile-ke umthetho - uma wena thisha uzoshaya esikoleni, ungezile ukuzofundisa iyakuphelela indawo.
Noma sekuthiwa uyashaya, sewungashaya ingane emhlane nase mahlombe! Hhayi kodwa nani bothisha nikhiphela ingcindezi ezinganeni. Nawe thisha ngeke uvume eyakho ingane ishaywe kanje ngisho ngabe ikuphuce indoda.
Malusi Solomon Ngcobo:
THINA sasishaywa esikoleni samabanga aphansi, ngiphasa kahle, kwathi sengisemabangeni aphezulu lehla izinga lokuphasa ngokuthi induku yayingasetshenziswa.
Khayelihle Gumede:
AKULULA ukuqonda ubunzima obubhekene nothisha uma ungakaze ufundise. Uhlelo lwezemfundo eningizimu Afrika ludinga ukubuyekezwa. Ngisho ufika kwezemfundo unothando lokufundisa izingane, kuthi kuphela iminyaka emithathu lube seluphele nya, ungasafuni lutho.
Sfisoh Thoboh:
KUNGAKUHLE ukuba abantu abaphawulayo bayibonile le video. Nathi besishawa kodwa hhayi ngaleya ndlela okushaywa ngayo lowa mfundi. Ubengakhi uthisha lapha kodwa ubebulala nje.
Nozipho Zizi Blose:
MINA angidinge mfazi nandoda abazongishayela ingane esikoleni. Sithumela izingane zethu ukuba ziyofunda hhayi ukuyoshaywa ngakho-ke othisha abenze abakufundiswa enyuvesi, hhayi bazenzele okwabo okungukushaya izingane ngoba sizobabopha. Ngeke sikubekezelele ukushaywa kwezingane zethu ngale ndlela abenza ngayo.
Sbusiso Sfiso:
NGEKE sibeke iphutha kuhulumeni ngokuba yimidlwembe kwezingane. Izingane zethu akuzona ezikahulumeni, ezongqongqoshe zifunda phesheya (kwezilwandle). Uma umzali nomzali angandisa kahle ingane yakhe, ayitshele iqiniso ngempilo, iningizimu Afrika ingaba noshintsho olungcono.
Maceby Nsim’ Ehluthulelwe Njoko: OTHISHA abazele ukuzoshaya, abafundise ofuna ukufunda. Ekugcineni yikusasa lakho (thisha) elimoshekayo, ziyashutha manje izingane (okwenzekayo).
Sbuh Sbuh:
YANZIMA le ndaba bafowethu. Noma kungathiwa uyishayile ingane, bekumele kube khona isixazululo phakathi komfundi nomzali nomnyango NESGB, kukhulunywe ukuthi kungani ingane eyishayile, hhayi ukuthi axoshwe ngoba akavelanga wayishaya.
Mthoko Radebe:
ZIYEKENI (izingane) bothisha zilove, zingabhali umsebenzi wesikole, zifike emuva kwesikhathi sokungena esikoleni, zibheme, ziqomane, nizibuke nje bese mhlaka-15 uyolanda imali yakho ebhange.
Linda Zalisa:
AKULULA Mthoko, kuyimanje ngisesibhedlela kodwa ngibafonela njalo abafundi bami ngibagqugquzele ukuba bafunde. Asikwazi ukuthula bengawenzi umsebenzi ngoba nathi singabazali. Ziyasithuka, zisishaye kodwa sivuke siye khona sizifune umsebenzi sesiphelelwe yisithunzi.