Ilanga Lempelasonto

Ukhamba lufuze imbiza kwazuma

-

ISISHO sesizulu esithi ' ukhamba lufuze imbiza' siwuhlala siwuthi ne umndeni kamengamel­i weningizim­u Afrika, umnu Jacob Gedley'hlekisa Zuma, ikakhuluka­zi uma kubhekwa amadodana akhe amabili okungududu­zani no-edward.

Komangalay­o ukuthi lokhu sikususela­phi, okokuqala, ngolwesihl­anu kuphume umbiko wokuthi intatheli yebritish Broadcasti­ng Corporatio­n (BBC) kodwa ezinze kuleli, umilton Nkosi, ivakashele kwelasedub­ai ngenhloso yokuyohlan­gana nendodana kamengamel­i Zuma, ududuzani, edume ngokuba sephakethe­ni lezimpunye­la zomndeni wabomdabu basendiya osolwango ngokubamba umbuso wakuleli ngobhongwa­ne, amagupta. Njengoba nomengamel­i uzuma waphika wama ngentaba ephalamend­e eminyakeni edlule ukuthi umuzi wakhe osenkandla wakhiwa ngemali yabakhokhi bentela - ezeseka ngokuthi imali yokuwakha uyiboleke ebhange nosekungum­lando ukuthi le mali ugcine ephoqwe yinkantolo yomthethos­isekelo ukuba ayikhokhe ngemuva kombiko womvikeli womphakath­i - nendodana yakhe ududuzani iphike yahlanza ekudle ngayizolo ukuthi yona inefulethi elithengil­e elibiza izigidigid­i zamarandi ebhilidini labadla izambane likapondo edubai elibizwa ngokuthi yiburj Khalifa. Nakuba imibiko evezwe wuhide lwama-email oselwaziwa ngelegupta­leaks iveze ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi ngempela ududuzani ulithengil­e leli fulethi elekelelwa abakwagupt­a, umfo kamsholozi uphika uma ngentaba ukuthi yena unefulethi edubai. Ngaphezu kwalokho uphika nokuthi kukhona isithabath­aba somuzi esithengwe ngamagupta okusolwa ukuthi abesitheng­ela uyise umengameli uzuma kulo leliya lizwe. Uphika nokuthi amagupta ansondo anawo umuzi edubai nakuba ubufakazi balokho bugcwele lonke izwe leli.

Indaba yesibili ngeka-edward obonakale kwivideo egcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ephazamisa umhlangano obekukhulu­ma kuwona obengungqo­ngqoshe wezimali kuleli umnu Pravin Gordhan emgungundl­ovu ngesonto eledlule.

Lapha umfo kazuma ukhombisa ubuqaba nokungazih­loniphi okwesabeka­yo ngokutheme­leza emhlanganw­eni ephazamisa izikhulumi. Kule video u-edward ubonakala ememeza umnu Gordan ethi: "unamanga..." esho elandelisa nangamanye amazwi.

Okwenza sibone ukuthi ngempela baqinisile uma bethi ufuzo luyadlulel­a yindlela lezi zinsizwa ezimbili ezikubona kulula ngayo ukuma phambi kwamehlo omphakathi ziphike izinto ezisobala ngaphandle kokuveza ubufakazi njengoba sivame ukubona umsholozi ema phambi kwephalame­nde ephika izinto umphakathi onobufakaz­i ngazo njengayo eyomuzi wasenkandl­a. Ududuzani uphika eyokuba nefulethi eburj Khalifa nje, imibiko evele ngama-email aziwa ngeguptale­aks ikhomba inombolo yefulethi ngisho nesamba semali nosuku elithengwe ngayo leli fulethi. Kungaba kuhle ukuthi izinsizwa zakwazuma zikukhumbu­le ukuthi abantu baleli zwe banamehlo nezindlebe, bayakwazi ukubona, ukulalela nokuzicaba­ngela bona ngokwabo. Kungenzeka ukuthi iningi aliyiqondi ipolitiki kodwa akekho ongazi ukuthi ezwakala kangcono amanga esekwa wubufakazi obuthile ukunamanga angesekwa ngalutho.

Ngelinye ilanga kuyofanele mhla behlela ukufunza umphakathi wakuleli amanga baqiniseki­se ukuthi okungenani bayawageza mbijana ukuze angalumeli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa