Ukhuliswe yiziyalo zikathisha wakhe
UZIMISELE ngokuzinza enhliziyweni kaclinton Larsen ongumqeqeshi welamontville Golden Arrows usiyanda Romario Dlamini (22) wasemlazi oyisitobha kule kilabhu kamato Madlala. Lo mdlali ujoyine i-arrows ngonyaka wezi-2015 esuka kwi-ethekwini Coastal ebilolongwa ngulindani “Mantayi” Shezi osevundulule inqwaba yabadlali KwazuluNatal.
Ushezi umthathe egijima kwimaqhawe FC yasesigcemeni sakwaq, emlazi, eholwa ngunkululeko Ndaba ayijoyine eneminyaka eyisi-7 ubudala. Udlamini ufike ngesikhathi esihle kwi-arrows njengoba bese kusele imidlalo embalwa idle ubhedu kwimultiChoice Diski Challenge (MDC) okumnike ithuba lokuvakashela enetherlands ngonyaka odlule.
Izinto zalo mdlali zibukeka zigijima njengoba ejikijelwe esikimini esikhulu ngesikhathi kusongwa imidlalo YEMDC ngesizini edlule. Udlale imidlalo eyisi-8 ye-absa Premiership ngesizini edlule kanti kulena esanda kuqala usegijime emibili.
Uthi uyaziqhenya ngokudlala imidlalo eli-10 kwipremiership njengoba lokhu ekuchaza ngokuthi ithimba labaqeqeshi liyakholelwa kuyena. Udlamini ufunde esaphinda Primary kwa-q wase edlulela Ogwini Comprehensive High School esesigcemeni sakwap, emlazi.
Ubonge kakhulu udkt Simon Dlamini onguthisha-nhloko wasogwini ngokungagcini ngokuba wuthisha njengoba emchaza njengomzali oqotho. Lo mdlali ubonge udlamini ngokuvumela lesi sikole ukuba yingxenye yemidlalo yezikole athi ibambe iqhaza elikhulu ekumqiniseni ukhakhayi. Ingxoxo YELANGA
Langesonto nodlamini ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
ILANGA Langesonto: Uthini umbono wakho ngokudlanga komkhuba wokwebiwa kwezimoto emlazi?
Dlamini: Kuyihlazo ukukhulela endaweni edume ngobugebengu. Lo mkhuba kumele kusetshenzwe kanzima ukuze uphele. Ubugebengu nje kakumele bubekezelelwe. Kawukwazi ukusebenza kanzima uzijabulise ngokuzithengela impahla bese kuba khona abantu abazoyithatha ngendluzula bese kuphela kanjalo.
ILANGA Langesonto: Ukuphi njengoba kuxokozela lapho ukhona?
Dlamini: Ngikwamnyandu enxanxatheleni yezitolo. Ngiphelezele omunye wabangani bami. Kangiyena umuntu ojwayele lezi zindawo njengoba nasemega City ngagcina ukuya khona umama esahlala emlazi eminyakeni embili edlule.
ILANGA Langesonto: Unalo elinye ikhaya ngaphandle kwasemlazi?
Dlamini: Impilo yami ngeke uyiqonde. Ngizalelwe ezingolweni, kodwa ngakhulela emlazi. Abazali bami bahlala esobantu, emgungundlovu. Ngikhuliswe ngugogo wami ufikile Gigaba. Umama nguslindile Gigaba kanti ubaba ngunkosinathi Dlamini. Kukhona nodadewethu uyolanda ohlala esobantu.
ILANGA Langesonto: Akukuhlukumezi nje ukukhula abazali behlala kude nawe?
Dlamini: Ugogo ungikhulise ngendlela yokuthi ngikwazi ukuzimela. Noma ngingaya kuphi ngeke ngihlulwe wukuphila. Abazali bami bebenginakekela kahle kakhulu. Umama uhambe emlazi eminyakeni emibili edlule eseyozinza ekhaya esobantu.
ILANGA Langesonto: Usunaye umaqondana nezingane?
Dlamini: Ingane kangikakabi nayo, kodwa ukhona umuntu engihlekisana naye. Uzinze ecape Town. Noma kukude kodwa indlela esithandana ngayo ngathi uhlala nami ethekwini. Sijwayele ukubonana naye. Bengijwayele ukuya ecape Town ngisadlala kwiAmaqhawe, kanti nokuba khona kwakhe sekwenze ngayithanda ngokwedlulele leya ndawo.
ILANGA Langesonto: Lukhona uhlelo olukhonzile emsakazweni?
Dlamini: Ngikhonze uhlelo lukamroza Buthelezi wokhozi FM. Eqinisweni nje, izinhlelo ezinoMroza ziyangichaza. Nokho-ke neEast Coast Radio ngiyayilalela.
ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlalo owuchungechunge owukhonzile kumabonakude?
Dlamini: Kangiyena umuntu okhonze umabonakude. Kukancane nje ungithola ngiwubuka. Nokho-ke bengisibuka isibaya kodwa manje sekunzima ngoba ngifika ekhaya ngikhathele ngenxa yokukhandleka ejimini.
ILANGA Langesonto: Yimuphi umculo okuhlaba umxhwele?
Dlamini: Ngikhonze umculo wokholo nehouse kasjava. Nokho-ke izingoma engizithanda kakhulu yilezi esizicula nabalingani bami ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-arrows.
ILANGA Langesonto: Kukhona ukudla okukhonzile?
Dlamini: Ngithanda inyama eyosiwe nepapa, kanti nokupheka ngiyakwazi.
ILANGA Langesonto: Usakhuluma ngenyama nje, uyazihamba izindawo ezidumile zenyama emlazi okubalwa kuzona imax Life Style naseyadini?
Dlamini: Kangizihambi izindawo zalolo hlobo. Ngiwumuntu ongelona uvanzi njengoba ngikhonze ukuzihlalela ekhaya. Ngeke ukholwe ukuthi ngisaye kabili ezwelethu Butchery (emlazi). Nokho-ke iconsisa amathe inyama yakhona.
ILANGA Langesonto: Ukhona omunye umdlalo owukhonzile ngaphandle kwebhola lezinyawo?
Dlamini: Ngikhule ngidlala ibasketball nomdlalo wokubhukuda. Bengenza kahle kakhulu kwibasketball, kodwa-ke ngikhethe ukuqhubeka nebhola. Bengiwukaputeni wasogwini weqembu likanobhutshuzwayo. Ngidlale kwikay Motsepe Cup, kanti ngonyaka wezi-2011 siye komela ikwazulu-natal emidlalweni yemetropolitan U/16 Cup etshwane. Ibhola lezikole liyohlale liyingxenye yempilo yami ngoba sifundiswe okuningi kulona. Sidlale nakwitop 32 Schools ebisihambisa kakhulu.
ILANGA Langesonto: Ubani umuntu ongasoze wamukhohlwa empilweni yakho?
Dlamini: Baningi, ikakhulukazi abantu basekhaya. Nokho-ke ngimbonga kakhulu udkt Simon Dlamini wasogwini. Ungumuntu ohlale efuna abafundi bakhe baphumelele, futhi uyayazisa inhlonipho. Uhlale ebakhuthaza abafundi bakhe ukulangazelela izinto ezinkulu.
ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwandle?
Dlamini: Bengithanda imamelodi Sundowns, kodwa manje kangisenandaba nayo ngoba umsebenzi ungiphoqa ukuthi ngibhekane nayo ensimini. Phesheya ngichazwa yibarcelona yasespain nemanchester City yase-england.
ILANGA Langesonto: Ngabe ukhona umdlali okuchazayo kwiAbsa Premiership?
Dlamini: Yebo ukhona. Nguramahlwe Mphahlele odlala emuva kwikaizer Chiefs. Ngiyafisa ukufika ezingeni lakhe. Nguyena mdlali engibukela kuyena kwazise nami ngidlala emuva.
ILANGA Langesonto: Likhona izwe ohalela ukulivakashela?
Dlamini: Ngiyafisa ukuya espain nase-england. Nokho-ke ngithanda ukudlala kwiligi yasespain. Ngiyakufisa nokubuyela enetherlands. Sifunde lukhulu kuleliya lizwe. Besifundiswa ukuthi ibhola kumele kuphele umzuzwana usuwazi ukuthi kumele ulidedele kanjani nokuthi uma uphasela umlingani wakho kumele ube nendlela yokuvula isikhala sokuthi naye akuphasele nokunye okungisiza kakhulu njengoba senginyuselwe esikimini esikhulu.
ILANGA Langesonto: Likhona uhlobo lwemoto olukhonzile?
Dlamini: Ngithanda ipolo yohlobo lwegti.
ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osithandayo?
Dlamini: Ngithanda unogwaja nokuzibukela izinyoni emkhathini. Izinja bezifuyiwe ekhaya kodwa kazisekho manje.
ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Dlamini: Kwifacebook nginguFimbo Romario kanti kwi-instagram ngingufimbolover kanti newatsapp ngiyayisebenzisa.