Ilanga Lempelasonto

Umanyama uphumela obala nge-europe

Iturkey iyisitebhi­si sokuya espain noma e-england

- SENZO SOKHELA

ULEBOGANG Manyama osanda kuthola amadlelo aluhlaza eturkey ufuna ukwenza le ligi isitebhisi sokufeza iphupho lakhe lokugijima kwenye yamaligi amakhulu e-europe.

Icape Town City imemezele ngolwesine ukuthi umanyama ulibhekisa kwikonyasp­or edlala kwiturkish Super League. Lo mdlali uhamba nje, ubefunwa ngamakilab­hu amakhulu aseningizi­mu Afrika kubalwa kuwona imamelodi Sundowns nekaizer Chiefs.

Idowns igcine isisele yodwa ibeka u-r8 million kodwa yashaywa ngesithend­e ngumnikazi wecity, ujohn Comitis, othathe u-r12,5 million obubekwa yile kilabhu yaseturkey. Njengoba sekuphelil­e ukuqagela ngalo mdlali, uthi isifiso sakhe manje wukwenza le ligi isitebhisi ukuze adlulele emaligini amakhulu e-europe okungaba ispanish La Liga yasespain, i-english Premiershi­p yase-england ne-bundesliga yasegerman­y.

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukugijima kula maligi ngoba yiwona amakhulu emhlabeni. Ngikholwa wukuthi le ligi engiyodlal­a kuyona njengamanj­e izongivule­la iminyango ngikwazi ukufeza iphupho lami lokudlala kwenye yala maligi (amakhulu). Ngijabule ngaleli thuba engilithol­ile ngizokwenz­a ngawo wonke amandla ukuliseben­zisa ngendlela,” kusho umanyama.

* Khonamanja­lo, ubongani “Ben 10” Zungu obedlala kwivitoria Guimaraes yaseportug­al, uthi selu- qine ngokwanele ukhakhayi lwakhe yingakho evumele phezulu ukujoyina ikilabhu edlala kwileague 1 yasefrance. Uzungu ujoyine ISC Amiens yasefrance ngoLwesine esuka kwivitoria Guimaraes.

Ubesahlale isizini kule kilabhu adlale ingcwenga yebhola kuyona. Ujoyina le kilabhu yasefrance nje, ubefunwa yibenfica yakhona eportugal ehlonishwa­yo e-europe. Lo mdlali okuvela ukuthi uthengwe ngo-r38,7 million, uthi useqine ngokwanele ukhakhayi ukudlala eligini ethe thuthu ngokwezing­a.

“Ngifunde lukhulu eportugal. Iligi yakhona ingicije kakhulu ukubona ukuthi kuphilwa kanjani e-europe. Leli yigxathu lami lesibili elibheke phambili ngeke ngihlehle,” kusho uzungu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULEBOGANG Manyama wecape Town City osebhekisa amabombo kwelasetur­key.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULEBOGANG Manyama wecape Town City osebhekisa amabombo kwelasetur­key.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa