Ilanga Lempelasonto

Ngiyasihla­ba isinqumo sabecomrad­es

- MZWAMANDLA ZONDI

ISINQUMO secomrades Marathon Associatio­n (CMA) sokuba umjaho wangonyaka ozayo usongwe emoses Mabhida Stadium kubukeka sizoshaya kakhulu kubagijimi abazothwal­a kanzima ukuphula irekhodi lika-5:18 elibekwe ngudavid Gatebe ngonyaka wezi-2016 kusukwa emgungundl­ovu kubhekwe ethekwini.

Ngesikhath­i ugatebe ebeka leli rekhodi, lo mjaho ubuphela esahara Kingsmead Cricket Stadium eqhele ngamakhilo­mitha angaphezud­lwana kancane kwamabili emabhida Stadium.

Isenzo sabecma sokufuna abagijimi baphule irekhodi elibekwe emzileni omfushane, sifana ncamashi nesetwo Oceans Marathon lapho kuthiwa umsubathi ozophula irekhodi likathomps­on Magawana uzothola ur1 million. Umagawana uphethe irekhodi lika-3:03:44 alenza ngowe-1988. Lesi senzo salezi zinhlangan­o sibukeka siwukudlal­a ngabagijim­i njengoba imizila osekugijin­ywa kuyona ingefani. Umagawana waphula irekhodi emzileni ohluke kakhulu kunalona osekugijin­ywa kuwona manje.

Ngiyavuma ukuthi imoses Mabhida Stadium inkulu ngokwanele ukuba abasubathi bakwazi ukuzelula kahle imisipha ngemuva komjaho kwazise kunepeople’s Park nezinye izindawo lapho abasubathi bengazihla­lela khona kahle ngemuva kwalo mjaho, kodwa ukuthi kusetshenz­iswe irekhodi likaGatebe ngikubona kungenabo ubulungisw­a.

Okunye okuhle ngemabhida Stadium wukuthi nendawo yokupaka izimoto inkulu ngokwanele uma kuqhathani­swa nekingsmea­d Cricket Stadium lapho umjaho ubusongwa khona kule minyaka edlule. Nokho ngibona kuzokuba nzima kakhulu ukuba kube khona umsubathi osondela esikhathin­i sikagatebe.

Ngokwami njengoba lo mjaho usuzosongw­a emabhida Stadium bekufanele kubekwe irekhodi elisha lakhona, hhayi le nto eshiwo YICMA. Ungasiqoph­a kanjani isikhathi esisha emzileni omude ngamakhilo­mitha amabili uma kuqhathani­swa nowerekhod­i?

Umsubathi wesilisa nowesifaza­ne ozofika kuqala emabhida ngonyaka ozayo nguyena okufanele anikwe irekhodi lasemabhid­a Stadium bese kuthi ugatebe ahlale nerekhodi lakhe lasekingsm­ead kanjalo nofrith van der Merwe ophethe elabesifaz­ane aligcine. Elikafrith lingu-5:54 njengoba alibeka ngowe-1989.

Uma abadidiyel­i balo mjaho benayo imali kufanele bayifake emiklomelw­eni etholwa ngabasubat­hi kwazise lo R440 000 ozotholwa yizingqwel­e ngokwahluk­ana kobulili, muncane kakhulu uma ubheka izinselelo abasubathi abadlula kuzona belungisel­ela lo mjaho.

Abasubathi bathi kumba eqolo ukuziqeqes­hela icomrades Marathon ekubeni imali etholakala khona kayigculis­i neze. Kuyihlazo ukuthi umuntu angaqala ukuziqeqes­hela icomrades ngozibandl­ela (December) azicije kuze kube ngunhlangu­lana (June) bese ethola u-r440 000 ngokuyinqo­ba kuthi ophume endaweni ye-10 athole u-r21 000. Ubongumusa Mthembu oyingqwele yanonyaka yecomrades usanda kuphumela obala ethi ukucijela lo mjaho kudinga imali elinganise­lwa ku-r45 000.

I-CMA kufanele isebenze kanzima ukuthola abaxhasi ukuze inike izingqwele imiklomelo econsisa amathe ukubeka lo mdlalo wezokugiji­ma ezingeni leminye emikhulu kwazise kunabasuba­thi abaphila ngakho ukugijima.

Kubuhlungu kabi ukuhamba uhlonishwa ngabantu bekuhalali­sela ngokunqoba kwakho bese kungena amakinathi kwi-account yakho. Ukugijima icomrades kuwukhahla­za kuwuqede umzimba, yingakho ngiphakami­sa ukuthi izingqwele zicatshang­elwe kangconywa­na ngokuseben­za kwazo kanzima zilungisel­ela lo mjaho.

Icomrades Marathon izokube igubha iminyaka engama-93 lo mjaho wasungulwa ngonyaka ozayo kanti kulindelek­e ukuba ingenelwe ngabasubat­hi abayizi-20 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa