Ilanga Lempelasonto

INDUMALO KU-NEYMAR KUHLUKUMEZ­EKA UMKHAYA WAKHE

-

UNEYMAR osanda kuthengwa ngezigidi yiparis-saint Germain (PSG) yasefrance esuka kwibarcelo­na yasespain uzwakalise ukudumala ngokuhluku­mezeka kukaPhilip­pe Coutinho weliverpoo­l yase-england.

Ucoutinho kuthiwa ubuhlungu kakhulu ngokungaph­umeleli kwephupho lakhe lokujoyina ibarca. Ucoutinho bese kusabalele imibiko yokuthi uzojoyina lezi zinkunzi zasespain. Naye kuthiwa ubekujabul­ela kakhulu ukuqina kwezingxox­o zokushiya kwiliverpo­ol.

Kuze kwavalwa iwindi lokuthengi­selana ngabadlali engasayine lutho nebarca. Uneymar ongumkhaya kacoutinho njengoba bobabili bedabuka ebrazil, uthi kubuhlungu okwehlele umlingani wakhe.

“Bekumele kube yisikhathi senjabulo lesi kucoutinho nomndeni wakhe. Ukudlalela ibarcelona kusho ukuthi ungumdlali okhethekil­e. Bengizitsh­ela ukuthi lizofezeka iphupho lakhe lokujoyina le kilabhu nami ebengidlal­a kuyona. Sekunesikh­athi ezwakalisa ukuthi ufuna sidlale ndawonye kwibarca.

“Ngize ngayishiya ibarcelona engafiki. Kusiphatha kabuhlungu njengabali­ngani bakhe esikwatini sebrazil ukumbona ephuke umoya. Nokho-ke kube ngconywana ngoba izinyembez­i uzesule ngokuvalel­a elinye lamagoli esihlule ngawo i-ecuador kowokuhlun­gela indebe yomhlaba,” kusho uneymar ongumngani omkhulu kacoutinho. Ibrazil inqobe lo mdlalo ngo-2-0.

Isiyonke imidlalo yokuhlunge­la indebe yomhlaba ezoboniswa bukhoma kwisupersp­ort ihlelwe kanje:

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Cameroon vs Nigeria 19h00 (SS3/ SS9/ Maximo1).

NGOLWESIBI­LI

Congo vs Ghana 16h30 (SS3/ SS9).

South Africa vs Cape Verde 19h00 (SS4/ SS10/ Maximo1). Egypt vs Uganda 20h00 (SS3). Algeria vs Zambia 22h30 (SS9/ Select1/ Maximo360).

Bolivia vs Chile 22h00 (SS5/ Maximo2).

Colombia vs Brazil 22h30 (SS3/ Maximo).

Ecuador vs Peru 23h00 (SS7/ Maximo3).

NGOLWESITH­ATHU

Argentina vs Venezuela 01h30 (SS3/ Maximo).

Paraguay vs Uruguay 02h00 (SS5/ Maximo2).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa