Umicho uthembisa ipirates iligi
Usizwe kakhulu yikhefu lefifa
UMQEQESHI we-orlando Pirates umulutin “Micho” Sredojevic uxwayisa amakilabhu asazobhekana nezakhe njengoba ekholwa wukuthi usecije ngokwanele ukushisisa umbango wesicoco se-absa Premiership kule sizini esanda kuqala.
Ibucs ibukeka ishintshe kakhulu ngaphansi kobuholi balo mqeqeshi odabuka eserbia uma iqhathaniswa nangesizini eyedlule.
Selokhu kuqale imidlalo yeligi ibucs yenza kahle njengoba emidlalweni emibili inqobe owodwa yadlala ngokulingana komunye.
Njengamanje le kilabhu imatasa ilungiselela ukubuya kwemidlalo njengoba bekunekhefu lamasonto amabili lefederation of International Football Association (Fifa) elilandelwa yimidlalo yemilenze yesibili yama- semi-final EMTN8 ezodlalwa yimaritzburg United ezoqeda nesupersport United kanjalo nebidvest Wits necape Town City.
Usredojevic uthi leli khefu limsize kakhulu ukucijisisa kahle ezakhe.
“Leli khefu lingisize kakhulu ukuhlomisa abadlali bami ngebhola engifuna lidlalwe. Ngijoyine le kilabhu isikhathi sesihambile impela.
"Lokhu kwenze kwaqala imidlalo yeligi nginesikhathi esincane ngijimise ikilabhu. Njengamanje ngingasho ukuthi kwabazobhekana nathi bazothwala kanzima. Phela isingenile le nto ebengiyifaka kubadlali bami.
“Kuleli sonto (elizoqala) ngizokube sengicija izinto ezithile nje ezimbalwa emuva kwalokho kuzoshuba.
"Engifuna ukukuqinisekisa nje wukuthi sizokufaka ukushisa embangweni wesicoco seligi,” kusho yena.
Ipirates izobuya ngomdlalo obukeka uzokuba nzima lapho izobhekana khona neAjax Cape Town ngolwesibili lomhla zili-12 kwephezulu e-orlando Stadium, esoweto.
Isiyonke imidlalo okuzobuya ngayo i-absa Premiership imi ngalolu hlobo:NGOLWESIBILI mhla zili-12 kwephezulu Elucas Moripe Stadium: Supersport United vs Platinum Stars 19h30.
E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Ajax Cape Town 19h30.
E-old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Bloemfontein Celtic 19h30.
Enelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Baroka FC 19h30.
Egoble Park: Free State Stars vs Mamelodi Sundowns 19h30.
Eking Zwelithini Stadium: Amazulu FC vs Maritzburg United 19h30.
NGOLWESITHATHU mhla zili-13 Bidvest Stadium: Bidvest Wits vs Golden Arrows 19h30.
Ecape Town Stadium: Cape Town City FC vs Kaizer Chiefs 19h30.