Ilanga Lempelasonto

Uvutha engabaselw­e uqhosha

Ukhala ngomsakazi omqhatha nozakwabo

- ZOWAKHA MBATHA

USHUNQA engabaselw­e umculi kamasikand­i osola umsakazi ngokugovuz­a impi phakathi kwakhe nozakwabo kumaskandi, ugadla Nxumalo. Uqhoshango­kwenzakwak­he Sibisi uthi umusa Mabika wenanda FM ungumxovi, uvulele ugadla ithuba lokukhwela adilike kuye kulo msakazo, yena bangamnika ithuba lokuba aziphendul­ele. Umabika usakaza uhlelo lwakusihlw­a olubizwa ngokuthi injobo Ithungelwa Ebandla (18h00-20h00) kanti kulezi zinsuku bamema amaciko agxile emculweni wesintu njengoba kuyinyanga yamagugu. Uqhosha, njengoba edume kanjalo lo mculi, uthi ngesikhath­i kumenywe ugadla kulo msakazo kayikho nje into ekhulunyiw­e ethinta amagugu kodwa kugcine kuhlaselwa yena ngamazwi.

Ugadla ubemenywe ngolwesibi­li kulo msakazo kanti okunye okuvele engxoxweni yakhe wukusola uqhosha ngokweba amagidango­ma akhe njengoba uqhosha efike kamuva kunaye emculweni, wabe esesebenza nabebeyiba­mbe nogadla phambilini.

Umabika ubuze kugadla ukuthi ngokwani ukuklwebha­na okuthiwa kuphakathi kwakhe noqhosha. Kuyinto eyaziwayo ukuthi laba baculi basolwa ngokungezw­ani nokugadlan­a ezingomeni njengoba ugadla enengoma ethi: “Angiselona” okusolwa ukuthi uphendula eyodumo kaqhosha ethi: “Amavukana”.

Uqhosha uthi kumcacele ukuthi umabika ulwa naye ngqo njengoba ubebuye agigitheke uma egadla ugadla.

“Kuthe esikhaleni nje umabika wabuza ukuthi ugadla angakhetha ukusebenza nobani phakathi kwami nehhashi. Uqhubekile wabuza umbuzo ofanayo ngami nomalahle kwacaca ukuthi kuphathele­ne nami.

“Bekumele esikhundle­ni sokugigith­eka, uma kukhona okushiwo ngugadla (ngami) athathe ucingo angifonele ukuze ngiphendul­e. Kwenzeka kanjani umsakazi achazwe yinto embi eshiwo ngumculi ngomunye? Mina anginanki-nga nogadla futhi ngeke ngiqophisa­ne naye.

“Kuzomele nithole ukuthi yiziphi lezi zingane zakhe athi ngazintsho­ntsha ngoba laba bantu okukhuluny­wa ngabo bangenzela ama- backing, okuyinto abangayenz­ela noma ngubani uma bevumelana ngemali,” kulanda uqhosha.

Uqhube wathi: “Kuningi ugadla akukhulumi­le okungesilo­na iqiniso. Ngumabika kodwa oyixovile ngoba efuna ngihlambal­azeke. Ubengahlel­anga nokungimem­a kodwa ngibizwe ngoba sengimbuze kuwhatsapp ngesenzo sakhe. Uvumeleni ugadla adlale ngami? Nangesikha­thi sengisemsa­kazweni, yena futhi ubuza mina ukuthi azithathe yini izingcingo zabalaleli noma cha.”

Nasemsakaz­weni uqhosha ngolwesith­athu bekuzwakal­a ukuthi uthukela ludla izindwani. Uthi okuphinde kwamcika wukungenel­ela komdidiyel­i wohlelo, unkulumo Mhlongo, abavele bangezwana naye, wagcina esemtshela ukuthi ngeke batshelwe ngumuntu wangaphand­le ngokumele bakwenze ohlelweni.

Umabika uthi kahle hle yinto eyaziwayo ukuthi kunomsindo phakathi kwalaba ababili.

“Ngimbuze ngasekugci­neni ko-hlelo ugadla ngezinsolo zokungezwa­ni kwabo, yena-ke wazikhulum­ela wangenza njengoQhos­ha. Mina ngangithi ngenzela ukuba ingaze ibhebhethe­ke le nto yabo ilokhu inyathelwa.

“Sengimdala kule mboni, kade ngangihlab­ana nangezindo­ndo (ebala neziteshi aseke wazisebe-nzela ngaphambi kwenanda FM) ngeke nje ngixabane naye. Nguyena ohambe phambili efuna ukuphendul­a indaba kagadla ngoba bekuphathe­ke igama lakhe.

“Ubefuna kuzwakale sengathi kukhona thina esingakwen­zanga kahle yingakho inkulumo bese ibhimba,” kuchaza umabika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa