Uvutha engabaselwe uqhosha
Ukhala ngomsakazi omqhatha nozakwabo
USHUNQA engabaselwe umculi kamasikandi osola umsakazi ngokugovuza impi phakathi kwakhe nozakwabo kumaskandi, ugadla Nxumalo. Uqhoshangokwenzakwakhe Sibisi uthi umusa Mabika wenanda FM ungumxovi, uvulele ugadla ithuba lokukhwela adilike kuye kulo msakazo, yena bangamnika ithuba lokuba aziphendulele. Umabika usakaza uhlelo lwakusihlwa olubizwa ngokuthi injobo Ithungelwa Ebandla (18h00-20h00) kanti kulezi zinsuku bamema amaciko agxile emculweni wesintu njengoba kuyinyanga yamagugu. Uqhosha, njengoba edume kanjalo lo mculi, uthi ngesikhathi kumenywe ugadla kulo msakazo kayikho nje into ekhulunyiwe ethinta amagugu kodwa kugcine kuhlaselwa yena ngamazwi.
Ugadla ubemenywe ngolwesibili kulo msakazo kanti okunye okuvele engxoxweni yakhe wukusola uqhosha ngokweba amagidangoma akhe njengoba uqhosha efike kamuva kunaye emculweni, wabe esesebenza nabebeyibambe nogadla phambilini.
Umabika ubuze kugadla ukuthi ngokwani ukuklwebhana okuthiwa kuphakathi kwakhe noqhosha. Kuyinto eyaziwayo ukuthi laba baculi basolwa ngokungezwani nokugadlana ezingomeni njengoba ugadla enengoma ethi: “Angiselona” okusolwa ukuthi uphendula eyodumo kaqhosha ethi: “Amavukana”.
Uqhosha uthi kumcacele ukuthi umabika ulwa naye ngqo njengoba ubebuye agigitheke uma egadla ugadla.
“Kuthe esikhaleni nje umabika wabuza ukuthi ugadla angakhetha ukusebenza nobani phakathi kwami nehhashi. Uqhubekile wabuza umbuzo ofanayo ngami nomalahle kwacaca ukuthi kuphathelene nami.
“Bekumele esikhundleni sokugigitheka, uma kukhona okushiwo ngugadla (ngami) athathe ucingo angifonele ukuze ngiphendule. Kwenzeka kanjani umsakazi achazwe yinto embi eshiwo ngumculi ngomunye? Mina anginanki-nga nogadla futhi ngeke ngiqophisane naye.
“Kuzomele nithole ukuthi yiziphi lezi zingane zakhe athi ngazintshontsha ngoba laba bantu okukhulunywa ngabo bangenzela ama- backing, okuyinto abangayenzela noma ngubani uma bevumelana ngemali,” kulanda uqhosha.
Uqhube wathi: “Kuningi ugadla akukhulumile okungesilona iqiniso. Ngumabika kodwa oyixovile ngoba efuna ngihlambalazeke. Ubengahlelanga nokungimema kodwa ngibizwe ngoba sengimbuze kuwhatsapp ngesenzo sakhe. Uvumeleni ugadla adlale ngami? Nangesikhathi sengisemsakazweni, yena futhi ubuza mina ukuthi azithathe yini izingcingo zabalaleli noma cha.”
Nasemsakazweni uqhosha ngolwesithathu bekuzwakala ukuthi uthukela ludla izindwani. Uthi okuphinde kwamcika wukungenelela komdidiyeli wohlelo, unkulumo Mhlongo, abavele bangezwana naye, wagcina esemtshela ukuthi ngeke batshelwe ngumuntu wangaphandle ngokumele bakwenze ohlelweni.
Umabika uthi kahle hle yinto eyaziwayo ukuthi kunomsindo phakathi kwalaba ababili.
“Ngimbuze ngasekugcineni ko-hlelo ugadla ngezinsolo zokungezwani kwabo, yena-ke wazikhulumela wangenza njengoQhosha. Mina ngangithi ngenzela ukuba ingaze ibhebhetheke le nto yabo ilokhu inyathelwa.
“Sengimdala kule mboni, kade ngangihlabana nangezindondo (ebala neziteshi aseke wazisebe-nzela ngaphambi kwenanda FM) ngeke nje ngixabane naye. Nguyena ohambe phambili efuna ukuphendula indaba kagadla ngoba bekuphatheke igama lakhe.
“Ubefuna kuzwakale sengathi kukhona thina esingakwenzanga kahle yingakho inkulumo bese ibhimba,” kuchaza umabika.