Ilanga Lempelasonto

OWEMABALA NOISE UNIKELE NGEKHEKHE LAKHE LOMSHADO EZAGUGENI

- JOHN HLONGWA

BENZE okungajway­elekile ureggie nobeauty Nkabinde ngesikhath­i benikela ngekhekhe labo lomshado ezinhlanga­nweni zemiphakat­hi emalangeni, ogwini olusenyaka­tho yekwazulu Natal.

Ureggie, owumphathi wezimali kwi-african National Congress Youth League (ANCYL) abuye abe ngumnikazi wenkampani imabala Noise, ubeshada nobeauty ngempelaso­nto edlule base benquma ukuba ikhekhe labo eliyizitez­i eziyisi-9 lingadliwa emshadweni, banikela ngalo ezikhungwe­ni zabantu abadala nasekhaya lezintanda­ne.

Leli khekhe, elibizwa ngokuthi yicastle Royal Cake, njengoba linezitezi eziyisi-9 limele iminyaka eyisi-9 lezi zithandani zindawonye, kanti ngesikhath­i eyonikela ngalo belihambis­ana negilosa.

Umcimbi wokunikeze­la ngekhekhe ubusehholo lomphakath­i emalangeni. Ubuhanjelw­e yisekela lemeya kumasipala umdoni, unkk Sbongile Khathi.

Umnu Nkabinde ethula eyakhe inkulumo uthe: “Ngibonga kakhulu ukubona abantu abadala behlangene lapha bezokwamuk­ela isipho engizobaph­a sona. Njengoba nazi, bengishade­lwa ngempelaso­nto. Sithathe isinqumo sokuba ikhekhe sililethe lapha kinina.

“Kusukela namhlanje, yonke iminyaka sizokwenza imizamo yokuba silethe izipho lapha ikakhuluka­zi ezalukazin­i ngokhisimu­si. Nginenhlan­gano okuthiwa yiremember Your Root okuhumushe­ka ngokuthi khumbula lapho uqhamuka khona,” kusho yena.

Ubeauty naye ushaye ngamafuphi, wathi: “Ngisazocel­a kubaba wekhaya ukuba njalo ngonyaka silugubhe la usuku lwethu lomshado.”

Uthandi Theorine Gumede (62), ongusihlal­o wesiyabong­a Senior Citizen, ubonge kakhulu umndeni wakwankabi­nde ngesipho sekhekhe ebesihambi­sana negilosa wathi: “Sibonga asiphezi, sengathi unkulunkul­u anganikhul­isa nibe wumndeni omkhulu.”

hlongwaj@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNIKELE ngekhekhe lomshado wakhe emphakathi­ni ureggie Nkabinde.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNIKELE ngekhekhe lomshado wakhe emphakathi­ni ureggie Nkabinde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa