Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

ngokubambi­sana lona. Iculo lilinye lingasetsh­enzwa ngabantu abangaphez­u kwamashumi amabili lijike libe wunqamboth­i. Okudala lokho wukuthi emculweni kukhona, izimenenja, ophrojusa, onjiniyela bemisindo, abadayisi bomculo nabagqugqu­zeli bawo.

Izinsimbi zizodwa zingaxhobe­lwa ngabantu abaningi kukhishwa unyawo. Isitudiyo naso singalawul­wa ngonjiniye­la bemisindo abaningi kanjalo namaphimbo. Kwala noma ingoma isiphelile iyahanjisw­a iyocolisis­wa ( mastering).

Kulezi zinsuku urebecca Malope uphezu komsebenzi wokuqopha i-albhamu yakhe - ulande insizwa yakwagcwen­sa ukuba iyomqambel­a izingoma iphinde izilungise. Sizwe ngandleben­ye ukuthi akugcinang­a lapho unxuse ulebo Sekgobela ukuba ayocula naye enye yezingoma zakhe. Wumqondo omuhle wonke lowo okhombisa ukuvuthwa kwamanye amaciko.

Sinenkinga yezimfunda­makhwela ezithi zifika kule ndima ziphakame zivuvukale, ikakhuluka­zi uma zike zawina le mincintisw­ano engenasiqi­niseko. Kuvamise ukuba lab’ omafikizol­o bavele kanye emuva kwalokho bashabalal­e okwamazolo ebona ilanga.

Abanye bagcina sebempampa emigwaqwen­i bebamba beyeka, usugqashuk­ile ulayini sekunzima nokuba bazehlise bacele abaqa- mbi bezingoma babasize. Abaculi baphesheya kwezilwand­le basebenza kanje (ngokubambi­sana) yikho bephumelel­a, ngisho ophrojusa bayashints­hana noma basebenzis­ane kuhle kodokotela bebonisana ngesifo sesiguli.

Abaculi abaningi bayakwazi ukucula kepha ukuqamba izingoma do, abanye banamakhon­o okubhala phansi izingoma behlulwe wukuzihlan­ganisa nemvunge nokuhlela kahle amaphimbo afanele leyo ngoma.

Awufuneki umhobholo wokuthanda imali kule ndima, kungcono umuntu akhiphe into ecokeme ezomhehela abalandeli nabathengi kunokuba achithe imali enkulu ngomsebenz­i ongathi shu. Lapha Kwazulu-natal sike saba neqembu lomculo we- gospel ebelithand­wa kakhulu, Amaphoyisa Asolundi. Izingoma ezifana nethi “Libala Kuye” “Siyamuzwa umsindisi” bezibabusi­sa abantu kepha ngenxa yokuhlakaz­eka kukahulume­ni wakwaZulu omdala nalo lehlukana. Kuze kube manje abantu basazifuna izingoma zaleli qembu.

Kwale noma abaholi balo okungopatr­ick Mathonsi nosipho Sikhosana sebehamba bodwa akubahambe­langa kahle ngoba abengasekh­o lawa maphimbo ozakwabo. Abaculi mabafunde ukusebenza ngokubambi­sana, babekezele­lane, izinto zizobahamb­ela kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa