Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KONAKELE ezimpanden­i kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika okuyinto eholela ekutheni ibafana Bafana iphenduke inhlekisa e-afrika nasemhlabe­ni jikelele.

Ibafana sekukaning­i iphula izinhliziy­o zabathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika. Nami ngingomuny­e wabebebona sizozicosh­ela amaphuzu ayisithuph­a kwicape Verde Island emilenzeni emibili yokuhlunge­la indebe yomhlaba ezokuba serussia ngonyaka ozayo. Hhayi ngoba ibukelwa phansi icape Verde kodwa bekungekho emqondweni ukuthi ingahlulwa yiburkina Faso nesenegal kwemibili yokuvula futhi ingashayi ngisho igoli elilodwa bese izokwehlul­a ibafana.

Kuyihlazo ukuthi iningizimu Afrika enabantu ababalelwa kwizi45 million ingahlulwa yicape Verde enabantu ababalelwa kwizi-500 000.

Umdlali obhubhise ibafana, ugarry Rodrigues, ukubeke kwacaca ukuthi inkinga yethu wukuthi sizitshela ukuthi sisezingen­i elingcono ngoba nakhu sinengqala­sizinda yezinga eliphezulu.

Emazweni amaningi ase-afrika abadlali bayiswa emazweni aphesheya besebancan­e ngeminyaka yobudala ngenxa yokuntulek­a kwengqalas­izinda esezingeni lomhlaba nobumqoka bokuthi babuye nolwazi olujulile emazweni abo.

Okubi-ke ngathi wukuthi ngisho leyo nkeshezana edlala phesheya kayinikwa ithuba kwibafana engicabang­a ukuthi kwenziwa wukuthi kwesinye isikhathi iyahluleka ukuthatha imiyalelo ephuphile yabaqeqesh­i abangazihl­uphi ngokufunda ulwazi olusha lwebhola.

Ngiyafisa ukwazi ukuthi kuyofika nini ezikhulwin­i zesouth African Football Associatio­n (Safa) ukuqonda ubumqoka bezinhlaka zokuthuthu­kiswa kwebhola.

Lokhu ngikusho ngoba into ehamba phambili ngisho kumalocal Football Associatio­ns (LFA) yimibango yamandla okuphazami­sa ngisho imidlalo yama-zone. Imidlalo YESAB League ikhungethw­e yizinkinga kwesinye isikhathi ezingathin­ti ukudlalwa kwebhola, kodwa ezibangwa wukulobize­la izikhundla kwabathile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa