Utuswe njengobelwa nenkohlakalo umagaqa
Kusolwe umkhandlu wasemzimkhulu
INKOHLAKALO edla lubi emkhandlwini kamasipala wasemzimkhulu, eningizimu nesifundazwe ikwazuluNatal, nombango wezikhundla wangaphakathi enhlanganweni ebusayo kuvele njengezinye zezimbangela eziphambili ekubulaweni kwalowo obeyisishoshovu kwi-anc aphinde abe yikhansela emzimkhulu, umnu Sindiso Magaqa.
Lokhu kuvezwe yizikhulumi ebezisina zidedelana enkonzweni yomngwabo kamnu Sindiso Magaqa ebisezinkundleni zemidlalo, e-ibisi, khona emzimkhulu ngomgqibelo.
Umnu Sindiso Magaqa ushonele esibhedlela sasethekwini emasontweni edlule ngemuva kokudutshulwa ngabantu abangaziwa esigodini sase-ibisi ngontulikazi (July) abebabehamba ngohlobo lwemoto lwebmw.
Laba bantu bafike bavulela ngenhlamvu emotweni yakhe ngesikhathi ehleli namakhansela amabili asebenza nawo umnu Jabu Mzizi nomnu Ntsikelelo Masa nabo abalimala kanzima.
Nakuba bebekhona nalabo okubikwa ukuthi baphikisana nombono wesigungu esiphezulu sesifundazwe ngengqungquthela kazwelonke okumele ibanjwe ngoDisemba walo nyaka, abafana nodr Zweli Mkhize ongumgcinimafa WE-ANC kuzwelonke obephelezelwa nangamanye amalungu esigungu esiphezulu kuzwelonke, lo mgcwabo usingathwe ngokuthula. Usihlalo WE-ANC Kwazulu-natal, umnu Sihle Zikalala nguyena obehola ubuholi besifundazwe. Nokho ukuba khona kwabaholi abaphezulu beANC akubavimbanga abangani bakamufi umagaqa abebenentshisekelo yokugeqa amagula ngokufa kwakhe njengoba belibeke ngembaba elokuthi ubengayifuni nalapho ihambe khona inkohlakalo futhi ubethembekile enhlanganweni.
Umnu Less Situta obengumngani kamufi uveze ukuthi bahambe ndawonye ibanga elide emzabalazweni kusukela ngo-2002.
Uthe ababulele umagaqa abawona amalunga enhlangano futhi ka-bawazi nomthetho-sisekelo wenhlangano njengoba kwaziwa kahle ukuthi uma kunemibono ehlukile kukhongolose kuyabuyiswana, kukhulunywe futhi kusetshenziswe izinhlaka zenhlangano.
Uthe nakuba ababulali bekwazile ukubulala umagaqa kodwa imininingwane abenayo ngenkohlakalo yakulo masipala ngeke bayiyise ndawo.
Uqhubekile nokuveza amahlazo ngokuthi umkhandlu wasemzimkhulu unuka phu yinkohlakalo, kuqashwana ngokobuhlobo, kuthi labo abaneziqu banikwe imisebenzi yokwelusa izinkomo kube kwaziwa ukuthi intsha yakuleli ibhekene nengwadla yokushoda kwamathuba emisebenzi.
Ukhulume wangananaza ukuthi umsuka wayo yonke le nto yihholo eselithathe iminyaka lakhiwa, okubikwa ukuthi kuke kwakhokhelwa inkampani elakhayo imali engaphezu kukar15 million.
Uphinde waveza nokuthi kunenkampani eyaqashwa wumkhandlu ukuvalela imali kamasipala ebhange ekhokhelwa imali engaphezu kukar200 000 kodwa wehluleka wukwenza inzuzo ka-r100 000.
Uthe kubuhlungu ukuthi izigebengu ezibulele umagaqa ziyazicanasela njengoba nabo bake basinda zibavimba ngaserichmond zifuna ukuqeda ngabo.
Ngokusho kwakhe umagaqa ubambe izikhundla eziningi kwiANC jikelele engagadwa kodwa uze wazogadwa esekwesobukhansela emzimkhulu ngenxa yokuthi ubelwa nenkohlakalo nokuthi kunabantu kulowa mkhandlu abacabanga ukuthi bashade nezikhundla, kepha lezo zikhundla baziphathisiwe. Unxenxe ubuholi ukuba bungenelele ukuze kubanjwe lezi zigilamkhuba ngoba ziyaziwa futhi ziyazicanasela esifundeni saseHarry Gwala zisathungatha abanye.
Obekhulumela izingane zakhe uyolokazi Magaqa ukhihle isililo wathi kubuhlungu ukuba izigebengu ezibulale umalume wakhe kazikabanjwa.
Izikhulumi ezehlukene zinxuse amalunga ukuthi afunde isifundo ekuziphatheni kukamagaqa ekulweni nenkohlakalo nokukhuluma iqiniso. Umnu Zikalala wethembise uphenyo oluphuthumayo ngezinsolo ezibhekiswe emkhandlwini waseharry Gwala.
Udkt Zweli Mkhize ugcine ekhulumile nakuba kube nemvunge kepha umphathi wohlelo ukwazile ukuyicima.