Ukhala ngezinsongo zomngani UDJ Bongz
Umesabisa ngokuqeda ngekusasa lakhe
SEBEPHENDUKE inkukhu nempaka ubongani Dlamini odume ngo DJ Bongz nobhululu wakhe abebuye asebenzisane naye, udogg Durban. Ubongz ukhala ngokusongelwa umngani wakhe weminyaka.
Uthi akasalali imiyalezo kadogg emsabisa ngokuqeda ngekusasa lakhe.
Uthi udogg akafuni ukwamukela isimo sokuthi abasasebenzisani. Uthi kabanaso isivumelwano sokusebenza naye kodwa bebesebenza njengomfowabo.
Ubongz ekhuluma NELANGA langesonto uthe, udogg uthi umkweleta izizumbulu zemali yeminyaka emibili besebenza. “Udogg akasho uma enezinkinga simsize, akakwazi ukuvuka ekuseni asongele abantu nje.
"Esikhathini samanje yonke into ibhalwa phansi ngakho-ke akalethe amaphepha nami ngimxhumanise nabameli bami ukuze uma kungukuthi ngiyamkweleta athole imali yakhe. Kumele azi ukuthi akasiyena unkulunkulu,” kusho ubongz obezwakala ngisho ocingweni ukuthi uyaveva intukuthelo.
Uqhube ngokuthi udogg ubesebenzisa ikhasi lakhe lasezinkundleni zokuxhumana ukuba aphushe UDJ Twitty.
Izinkundla zokuxhumana za DJ Bongz bezenziwa uyena udogg phambilini, kodwa uthi ubongz ngemumva kokubona ukuthi uzisebenzisa budedengu wamkhulula kuzona.
“Kwesinye isikhathi bengibona sengifonelwa amaphepha nje angibuze ngento ebhalwe ezinkundleni zokuxhumana ngingazi lutho mina ngalokho,” kuqhuba ubongz.
Udalule ukuthi udogg wayezitshela ukuthi uzosebenza naye ngesikhathi esephuma kwiMabala.
“Ucasulwa ukuthi ngimkhiphile ethimbeni esengisebenza nalo. Mina ngiqashe abantu abasha engizosebenza nabo njengoba sengizimele nje, angilidingi iphutha,” kuchaza ubongz.
Uthi imali ayaziyo ayikweleta udogg imali yomsebenzi wangonyaka odlule walo mcimbi wakwandengezi isocial link. “Ngimukweleta u-r25000 kuphela mina ayi lezi zizumbulu akhuluma ngazo,” kuqhuba yena.
Ngemuva kwesikhashana ILANGA langesonto likhulume naye ubongz othe useyikhokhe ngesi- khulu isivini- ni leyo mali wasithumelela nobufakazi basebhange bokuthi usekhokhile.
Ngakolunye uhlangothi udogg udinwe ethelwe ngezibonkolo efunga ngempilo yakhe ukuthi uzodela konke ukuze ubongz abuyise imali yakhe.
Udogg ukhala ngokukweletwa ubongz izizumbulu zemali eyiziR290 000. Le mali uthi umholo wakhe weminyaka emibili kade esebenzela UDJ Bongz wodumo lwegwaragwara kodwa engaholi.
Ngokusho kukadogg uthi usola ubongz ngokumhamba ngemuva uma esenezimali, amvalele ngaphandle kodwa kade besebenzisana iminyaka ndawonye.
“Ubongz ngamthola engeyilutho ngamakha mina waze waba lapho akhona njengamanje.
"Ubongz ulahlele mina ngaphandle wathatha umfazi wakhe kwaba uyena othatha ama-bookings kabongz. Ngeke ngilale enganginikanga imali yami, mina into ngiyakwazi ukuyiqala ngiphinde ngiyiqede futhi,” kusho udogg evutha bhe.
Ubongz ucele ukuthi kufonelwe UDJ Chinerman okunguyena owabaxhumanisa. Uchiner uthi akayiboni inkinga enkulu kule nto, wukuthi kuxoxiswane nje kuphela.
“Kumele bahlale phansi baxoxe ngoba bangabangani, mina ngeke ngithathe icala ngoba ngizwana nabo bobabili kodwa ngiya bagqugquzela ukuba bahlale phansi baxoxe njengamadoda azanayo,” kusho uchiner ngomoya ophansi. Ubongz uthi uzamile ukuya kubo kwadogg ukuze baxoxe kodwa udogg wamxoshisa okwenja.
“Ngempela uyangixaka udogg ngoba akafuni sikhulume mina ngizama ngokusemandleni ukuba sixoxe,” kusho ubongz.
Ebuzwa ngemali eyizi-r290 000 uthe akayazi yena leyo mali ngoba ubehola udogg. “Kuyimanje udogg lemoto ahamba ngayo wayithengelwa imabala, imina engakhuluma nogovner ukuba amthengele imo- to ukuze kuzosebenzeka.
"Enye imali ubeyithola futhi izimali zami bezingena kuyena kube nguyena oholela mina manje ngiyaxakeka ukuthi ngimukweleta ini” kusho ubongz.
Udogg yena akayizwa eyokuxoxisana kodwa uthi ubongz uyayazi imininingwane yakhe yasebhange asikho isidingo sokuxoxa.
makhoba@ilanganews.co.z