Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngezinsong­o zomngani UDJ Bongz

Umesabisa ngokuqeda ngekusasa lakhe

- SANDILE MAKHOBA

SEBEPHENDU­KE inkukhu nempaka ubongani Dlamini odume ngo DJ Bongz nobhululu wakhe abebuye asebenzisa­ne naye, udogg Durban. Ubongz ukhala ngokusonge­lwa umngani wakhe weminyaka.

Uthi akasalali imiyalezo kadogg emsabisa ngokuqeda ngekusasa lakhe.

Uthi udogg akafuni ukwamukela isimo sokuthi abasaseben­zisani. Uthi kabanaso isivumelwa­no sokusebenz­a naye kodwa bebesebenz­a njengomfow­abo.

Ubongz ekhuluma NELANGA langesonto uthe, udogg uthi umkweleta izizumbulu zemali yeminyaka emibili besebenza. “Udogg akasho uma enezinking­a simsize, akakwazi ukuvuka ekuseni asongele abantu nje.

"Esikhathin­i samanje yonke into ibhalwa phansi ngakho-ke akalethe amaphepha nami ngimxhuman­ise nabameli bami ukuze uma kungukuthi ngiyamkwel­eta athole imali yakhe. Kumele azi ukuthi akasiyena unkulunkul­u,” kusho ubongz obezwakala ngisho ocingweni ukuthi uyaveva intukuthel­o.

Uqhube ngokuthi udogg ubesebenzi­sa ikhasi lakhe lasezinkun­dleni zokuxhuman­a ukuba aphushe UDJ Twitty.

Izinkundla zokuxhuman­a za DJ Bongz bezenziwa uyena udogg phambilini, kodwa uthi ubongz ngemumva kokubona ukuthi uzisebenzi­sa budedengu wamkhulula kuzona.

“Kwesinye isikhathi bengibona sengifonel­wa amaphepha nje angibuze ngento ebhalwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngingazi lutho mina ngalokho,” kuqhuba ubongz.

Udalule ukuthi udogg wayezitshe­la ukuthi uzosebenza naye ngesikhath­i esephuma kwiMabala.

“Ucasulwa ukuthi ngimkhiphi­le ethimbeni esengisebe­nza nalo. Mina ngiqashe abantu abasha engizosebe­nza nabo njengoba sengizimel­e nje, angiliding­i iphutha,” kuchaza ubongz.

Uthi imali ayaziyo ayikweleta udogg imali yomsebenzi wangonyaka odlule walo mcimbi wakwandeng­ezi isocial link. “Ngimukwele­ta u-r25000 kuphela mina ayi lezi zizumbulu akhuluma ngazo,” kuqhuba yena.

Ngemuva kwesikhash­ana ILANGA langesonto likhulume naye ubongz othe useyikhokh­e ngesi- khulu isivini- ni leyo mali wasithumel­ela nobufakazi basebhange bokuthi usekhokhil­e.

Ngakolunye uhlangothi udogg udinwe ethelwe ngezibonko­lo efunga ngempilo yakhe ukuthi uzodela konke ukuze ubongz abuyise imali yakhe.

Udogg ukhala ngokukwele­twa ubongz izizumbulu zemali eyiziR290 000. Le mali uthi umholo wakhe weminyaka emibili kade esebenzela UDJ Bongz wodumo lwegwaragw­ara kodwa engaholi.

Ngokusho kukadogg uthi usola ubongz ngokumhamb­a ngemuva uma esenezimal­i, amvalele ngaphandle kodwa kade besebenzis­ana iminyaka ndawonye.

“Ubongz ngamthola engeyiluth­o ngamakha mina waze waba lapho akhona njengamanj­e.

"Ubongz ulahlele mina ngaphandle wathatha umfazi wakhe kwaba uyena othatha ama-bookings kabongz. Ngeke ngilale enganginik­anga imali yami, mina into ngiyakwazi ukuyiqala ngiphinde ngiyiqede futhi,” kusho udogg evutha bhe.

Ubongz ucele ukuthi kufonelwe UDJ Chinerman okunguyena owabaxhuma­nisa. Uchiner uthi akayiboni inkinga enkulu kule nto, wukuthi kuxoxiswan­e nje kuphela.

“Kumele bahlale phansi baxoxe ngoba bangabanga­ni, mina ngeke ngithathe icala ngoba ngizwana nabo bobabili kodwa ngiya bagqugquze­la ukuba bahlale phansi baxoxe njengamado­da azanayo,” kusho uchiner ngomoya ophansi. Ubongz uthi uzamile ukuya kubo kwadogg ukuze baxoxe kodwa udogg wamxoshisa okwenja.

“Ngempela uyangixaka udogg ngoba akafuni sikhulume mina ngizama ngokuseman­dleni ukuba sixoxe,” kusho ubongz.

Ebuzwa ngemali eyizi-r290 000 uthe akayazi yena leyo mali ngoba ubehola udogg. “Kuyimanje udogg lemoto ahamba ngayo wayithenge­lwa imabala, imina engakhulum­a nogovner ukuba amthengele imo- to ukuze kuzosebenz­eka.

"Enye imali ubeyithola futhi izimali zami bezingena kuyena kube nguyena oholela mina manje ngiyaxakek­a ukuthi ngimukwele­ta ini” kusho ubongz.

Udogg yena akayizwa eyokuxoxis­ana kodwa uthi ubongz uyayazi imininingw­ane yakhe yasebhange asikho isidingo sokuxoxa.

makhoba@ilanganews.co.z

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa