KUXABENE UBENDLE KUZAKWE NODUNCAN
ZIDLALA umdlalo wekati negundane izihlabani zomculo we- hip hop ezike zasebenza ndawonye ngaphambi kokuba kufufuse ingxabano esifana nomlilo wequbula.
Omunye ukhomba omunye esweni omunye uvikela iso lakhe phakathi kukaduncan wengoma ethi ‘Enzo’ nozakwe osanda kukhipha ethi ‘Sebentin nocassper Nyovest. Uduncan uthi usezibona esefana nephela endlebeni kuzakwe njengoba elokhu ezama ukulungisa ubudlelwano babo obubukeka bubhidlika.
Lezi zihlabani kuzokhumbuleka ukuthi bezifana namathe nolimu zicula ndawonye. Ngaphezu kwalokho ithalente likaduncan livumbululwe nguzakwe kwisphethu Records. Uduncan uthi ingxabano isishube ngendlela yokuthi kunezinhlamvu ezilumelayo ezisengomeni kazakwe entsha ethi Sebentin.
“Benginganakile ukuthi kunezinhlamvu eziqonde kimina ngize ngabona ngoba sekufika abantu bengibuza ngale nto. Kune ngxenye engomeni yakhe ethi: ‘ I am not a storyteller I’m a gold seller’ imina phela lapho i- storyteller i- gold seller nguyena. Kube khona la ethi ‘ I lost money for your fame’ okuyinto engixakayo,” kusho yena. Uduncan obuye aziwe ngelikaSkuva, uthi ubebona ukuthi kukhona okungamphethe kahle uzakwe uma behlangana ezindaweni zobumnandi.
Uthi kukhona ofake isithombe sabo enkundleni yokuxhumana okuthe uma ethi uyoqalaza wathola ukuthi uzakwe umbhlokhile. Uthi bese kunguye kuphela ophusha izingoma zikazakwe kanti ekuqaleni bebephushelana.
“Kuthe uma ngikhipha ibalaclava wangayiphusha njengoba kade enza ekuqaleni. Ngibone lapho ukuthi ka- kusekho ukuzwana phakathi kwethu. Kwadlula lapho ngezwa sengizithola phakathi engomeni yakhe,” esho.
Usola ukuthi mhlawumbe uzakwe ubefuna ukuthi uma eshiya isphethu Records amlandele. “Bengingeke ngixabane namanye amajita ngenxa yakhe ngoba nakhu esekhethe ukuba aphume enkampanini uma kuwukuthi yiyona nto eyenze wangihlehlela,” kusho yena. Uthi yize ezizwa lezi zinhlamvu zengoma kazakwe kodwa akazimisele ukubhala izinhlamvu ezilumelayo ngaye ngoba umthathisa okomfowabo.
“Ufana nomuntu wasekhaya. Wazi konke ngami, nami ngazi konke ngaye. Ngizoqhela kuyena ngoba sengiyisicefe bengizama ukuzisondeza kodwa uyahlehla. Ekugcineni ngizofana nomuntu oziphonsa ebudlelwaneni bothando kodwa ebona ukuthi akasathandwa,” kusho uduncan.
Uzakwe utshele leli phephandaba ukuthi ziyamxaka izenzo zikaduncan zokukhuluma ezinkundleni zokuxhumana uma enenkinga esikhundleni sokubhekana naye ngqo. “Uduncan ungumfowethu omncane kasikaze sixabane. Uzenza isiphukuphuku uma ethi akasazi isizathu sokuba singasaxhumani naye ezinkundleni zokuxhumana.
“Ukumblokha kwami yinto endala angazi kungani eseyikhuluma manje ngoba izinto sezingihambela kahle. Angazi noma iphutha engalenza ngelokumshiya enkampanini mhlawumbe kwakumele ngihambe naye,” kuqhuba uzakwe. Uthi wanquma ukuhlehlisa abantu abanemimoya emibi eduze kwakhe. Uqhuba athi waxoxisana noduncan nabangani bakhe ngoba engafuni kube nokuzenzisa phakathi kwabo. “Asixabene futhi soze sixabane. Uma kukhona engamona ngakho, ngizoxolisa,” ephetha.