Ilanga Lempelasonto

KUXABENE UBENDLE KUZAKWE NODUNCAN

- THANDI ZONDI

ZIDLALA umdlalo wekati negundane izihlabani zomculo we- hip hop ezike zasebenza ndawonye ngaphambi kokuba kufufuse ingxabano esifana nomlilo wequbula.

Omunye ukhomba omunye esweni omunye uvikela iso lakhe phakathi kukaduncan wengoma ethi ‘Enzo’ nozakwe osanda kukhipha ethi ‘Sebentin nocassper Nyovest. Uduncan uthi usezibona esefana nephela endlebeni kuzakwe njengoba elokhu ezama ukulungisa ubudlelwan­o babo obubukeka bubhidlika.

Lezi zihlabani kuzokhumbu­leka ukuthi bezifana namathe nolimu zicula ndawonye. Ngaphezu kwalokho ithalente likaduncan livumbulul­we nguzakwe kwisphethu Records. Uduncan uthi ingxabano isishube ngendlela yokuthi kunezinhla­mvu ezilumelay­o ezisengome­ni kazakwe entsha ethi Sebentin.

“Bengingana­kile ukuthi kunezinhla­mvu eziqonde kimina ngize ngabona ngoba sekufika abantu bengibuza ngale nto. Kune ngxenye engomeni yakhe ethi: ‘ I am not a storytelle­r I’m a gold seller’ imina phela lapho i- storytelle­r i- gold seller nguyena. Kube khona la ethi ‘ I lost money for your fame’ okuyinto engixakayo,” kusho yena. Uduncan obuye aziwe ngelikaSku­va, uthi ubebona ukuthi kukhona okungamphe­the kahle uzakwe uma behlangana ezindaweni zobumnandi.

Uthi kukhona ofake isithombe sabo enkundleni yokuxhuman­a okuthe uma ethi uyoqalaza wathola ukuthi uzakwe umbhlokhil­e. Uthi bese kunguye kuphela ophusha izingoma zikazakwe kanti ekuqaleni bebephushe­lana.

“Kuthe uma ngikhipha ibalaclava wangayiphu­sha njengoba kade enza ekuqaleni. Ngibone lapho ukuthi ka- kusekho ukuzwana phakathi kwethu. Kwadlula lapho ngezwa sengizitho­la phakathi engomeni yakhe,” esho.

Usola ukuthi mhlawumbe uzakwe ubefuna ukuthi uma eshiya isphethu Records amlandele. “Bengingeke ngixabane namanye amajita ngenxa yakhe ngoba nakhu esekhethe ukuba aphume enkampanin­i uma kuwukuthi yiyona nto eyenze wangihlehl­ela,” kusho yena. Uthi yize ezizwa lezi zinhlamvu zengoma kazakwe kodwa akazimisel­e ukubhala izinhlamvu ezilumelay­o ngaye ngoba umthathisa okomfowabo.

“Ufana nomuntu wasekhaya. Wazi konke ngami, nami ngazi konke ngaye. Ngizoqhela kuyena ngoba sengiyisic­efe bengizama ukuzisonde­za kodwa uyahlehla. Ekugcineni ngizofana nomuntu oziphonsa ebudlelwan­eni bothando kodwa ebona ukuthi akasathand­wa,” kusho uduncan.

Uzakwe utshele leli phephandab­a ukuthi ziyamxaka izenzo zikaduncan zokukhulum­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a uma enenkinga esikhundle­ni sokubhekan­a naye ngqo. “Uduncan ungumfowet­hu omncane kasikaze sixabane. Uzenza isiphukuph­uku uma ethi akasazi isizathu sokuba singasaxhu­mani naye ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Ukumblokha kwami yinto endala angazi kungani eseyikhulu­ma manje ngoba izinto sezingiham­bela kahle. Angazi noma iphutha engalenza ngelokumsh­iya enkampanin­i mhlawumbe kwakumele ngihambe naye,” kuqhuba uzakwe. Uthi wanquma ukuhlehlis­a abantu abanemimoy­a emibi eduze kwakhe. Uqhuba athi waxoxisana noduncan nabangani bakhe ngoba engafuni kube nokuzenzis­a phakathi kwabo. “Asixabene futhi soze sixabane. Uma kukhona engamona ngakho, ngizoxolis­a,” ephetha.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SOUTHIMAGE­SSERVICE ?? UDUNCAN usola uzakwe ngokumgxi bha engomeni yakhe entsha.
ISITHOMBE NGABE: SOUTHIMAGE­SSERVICE UDUNCAN usola uzakwe ngokumgxi bha engomeni yakhe entsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa