Ilanga Lempelasonto

Ulaxaze inkampani "ebimxhopha" unathi

Kanti ubevele ebekhala ngokungana­kwa

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

EZAKAMUVA zithi unathi Mankayi wodumo lukanomvul­a usegcine eyilaxazil­e inkampani ebiyengame­le umsebenzi wakhe imotherlan­d kalance Stehr.

Kuzokhumbu­leka ukuthi zolo lokhu leli phephandab­a libike ngokukhala­za kwakhe ngokuthi akasanakiw­e kule nkampani njengoba kusakhotha­nyelwa uvusi Nova oshisa izikhotha kulezi zinsuku.

Umthombo osondelene kakhulu nezenzeka kuleli khaya uthi isipikili sokugcina kube wukuthola kwakhe ukuthi “ubexhoshwa” ezimalini.

“Khumbula phela ukuthi ngale nje kokuthi ubeqopha khona bekuthi noma eqashwa ukuyocula, akhokhelwe kuyo le nkampani. Kuthiwa uthole ukuthi imali abenikwa yona kakusiyo le abeqashwa ngayo.

“Yinto endala-ke vele indaba kalance nokuxhopha abaculi kusukela kudala esangamele ighetto Ruff obekuqoshw­a ngaphansi kwayo uzola, DJ Cleo nomzekezek­e bonke bahamba ngenxa yakhe nokubaxhop­ha ngezimali,” kuchaza umthombo.

Uqhuba uthi kawunaso isiqinisek­o sokuthi kufikwe nini kulesi sinqumo kodwa impela kusukela ngenyanga edlule bese engaseyiyo ingxenye yale nkampani unathi. Uthi nangesikha­thi kugujwa ukuthi ulance useqede iminyaka engamashum­i ama-30 ekule mboni, lesi sihlabani besingabon­wa nango khalo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi unathi ubeyintand­okazi nge-albhamu ibuyelekha­ya ebigabe ngenoni unomvula ngo-2015. Izinto zibhede kwialbhamu yesibili Umbulelo Wam ngo2016 kanti kuzochuma uvusi Nova kulesi sitebele.

Lizame lancama ILANGA Langesonto ukumthola unathi. Ucingo lwakhe beluya ngqo ebhokisini le miyalezo. Omunye umthombo uthe ubehambele kwelakubo emthatha njengoba bekuvele isifo emndenini. Ulance uvele wakhuza umhlola ebuzwa ngalolu daba.

“Akukho okusha engikwaziy­o. Unathi usasebenza nathi futhi akakaze ayiphathe eyokufuna ukushiya. Besixoxa naye nje ngolwesibi­li ngoba siba ne- mihlangano, akazange ayiphathe leyo. Bathi ushiyeleni?

"Uyazi nje into ongase uyenze wukubhala ngomculo wethu omusha ngoba lokho angikwazi. Utheni yena,” kubuza ulance eqhuma phezulu nangohleko.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNATHI Mankayi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNATHI Mankayi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa