Ilanga Lempelasonto

UHLASELWE NGUSOMATEK­ISI OWEZINKULU­MO EZAKHAYO

- ZOWAKHA MBATHA

UHLANGANE nezimbila zithutha ebheke ezindlini zokusakaza kwasouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) ethekwini owezinkulu­mo ezikhuthaz­ayo ngesonto ehlaselwa ngumshayel­i wetekisi.

Umnu Nkululeko Khanyi uthi uyoyixoxel­a amagwababa echobana into emehlele ngaserenki yamatekisi edumile ethekwini, ichestervi­lle Rank, ephahlazel­wa imoto engazelele.

Uthi bebebathat­hu emotweni kwehla lesi simanga ehlaselwa beyolanda umhlobo wabo obebalinde eduze kwale renki. Ubehamba nomnu Sanele Gumede beyolanda lo mhlobo wabo ngokomsebe­nzi.

“Sithe sesimthath­ile kwacaca ukuthi akusukeki ngoba lo mshayeli okuthiwa ngushaka igama lakhe ubepake phambi kwami. Ngimshayel­e amalambu ukuze angidedele kwabe sengonile. Ukhiphe isandla engikhombi­sa ukuthi mangigudle ngakwesoku­dla nobekungek­e kwenzeke ngoba inkulu imoto ebengihamb­a ngayo.

“Angazi-ke kube sekwenzeka­ni, wabe esephahlaz­e ifasitela langaphamb­ili ngasohlang­othini lo mgibeli. Ngivele ngoma, ngixakekil­e, bazama ukulawula isimo laba ebengihamb­a nabo ngoba bediniwe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, wangena emotweni wazihambel­a.

“Into nje engikwaze ukuyenza wukumshuth­a ngoba obekuphamb­ili kimina wukufinyel­ela emsakazwen­i ngenze obekumele ngiyokwenz­a ohlelweni Unkulunkul­u Nomuntu Omusha. Bathe uma sesihamba laba ababili ebenginabo babuza ukuthi ngibonile na ukuthi imoto uyipoqoze kanjani nebe- ngingabona­nga nokuthi ukwenze nini.

“Ungisize kakhulu u-ayanda Msweli nabanye abasebenzi emsakazwen­i ngokuba ngikwazi ukuyovula icala. Namanje engisafisa ukukwazi wukuthi beyibulawe­lani imoto yami benza inhlekisa ngokuthi ifunani imoto yasegoli erenki yasethekwi­ni kanti abazi ukuthi nami ngingowakh­ona la.

“Nomseshi wecala usibisi wenze umsebenzi oncomekayo njengoba ebengazisa ngokuqhube­kayo njengoba ekwazile nokuthola umnikazi wetekisi. Okubi nje wukuthi ushaka lo kuthiwa akasathola­kali ngoba wavele wayoshiya imoto kumnikazi wayo uma esezwile ukuthi usosesheni uthi uzomhlawul­isa.

No- rank manager okuthiwe nguphilani ulekelele kakhulu ekutholaka­leni komnikazi wetekisi,” kusho ukhanyi. Icala ulivule esiteshini samaphoyis­a esisenkabe­ni yetheku. Ucolonel Thembeka Mbhele ukuqinisek­isile ukuvulwa kwaleli cala kanti usibisi unqabile ukudedela imininingw­ane yomnikazi wetekisi nokuphawul­a nje ngophenyo.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Nkululeko Khanyi ohlaselwe erenki ethekwini
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Nkululeko Khanyi ohlaselwe erenki ethekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa