Ilanga Lempelasonto

Ukusebenza noblack Coffee kumvulele iminyango

Akasiyena umafikizol­o kwezomculo

- THANDI ZONDI

UKUSEBENZA nenkakha emculweni uthi kumvulele iminyango usoulstar osanda kukhipha i-album esihloko sithi, Back To Soul Experience.

“Kube lula ukuba ngazane nabantu emuva kokusebenz­a noblack Coffee engomeni ethi, You Rock My World nokusebenz­a ngaphansi kwakhe kunginike ulwazi olunzulu emculweni we-house,” kuchaza yena.

Usoulstar akasiye umafikizol­o kwezomculo njengoba phambilini eke wakhipha i-album ye-gospel, wenza icompilati­on ye-house waphinde wangena nakwi-r&b. “Ayikho inhlobo yomculo engingayaz­i, ngikhule ekhaya ngilalela iblack Mambazo.

"Nokuyinto eyenze kwalula ukuba ngikwazi ukuba ngingene ezinhlotsh­eni zomculo ezahlukene,” esho.

Igama elithi Soulstar uthi liqhamuke ngenxa yokuba ngu- mlandeli kamusiq Soulchild. Wagcina ekhethe ukuba azibize ngesihloko senye yezingoma zakhe. Uthi izi-ngoma ezikwi-albhamu yakhe zi-mnandi zonke kunzima ukuthi aphume neyodwa acabanga ukuba izothandwa ngabalande­li.

“Ngisebenze nabaculi abacula izinhlobo ezahlukene zomculo ngoba bengifuna olalele kungabi sengathi ulalele ingoma eyodwa. Kubaluleki­le ukuthi ingoma ngayinye ikuhlabe umxhwele uma uyilalele ukuze ungasithol­i isikhathi sokweqa izingoma,” kuqhuba usoulstar. Uthi akagcinile ngale albhamu kukhulu eza nakho njengoba kukhona akuphekayo nombuso Khoza nomondli Ngcobo. “Abantu mabalindel­e lukhulu, ngingumunt­u wamathalen­te amaningi uma kuza emculweni. Ngiyazifel­a ngomculo nokusho ukuthi ngokuzayo ungathola i-albhamu yami yehlukile kulokhu okuzwa kule engiyikhip­hile”.

Uthi ngokuzayo unesifiso sokusebenz­a namaciko asenhla neAfrika afana nodavido, uwizkid notiwa Savage. “Ngikholwa wukuthi sekuyisikh­athi sethu njengamaAf­rika ukuba sisebenze ndawonye ngoba sekubonake­le ukuthi siyakwazi ukuba senze izinto zenzeke,” kusho usoulstar. Uvelaphi Mthimkhulu okuyigama lakhe langempela useke wasebenza noHeavy K, uvinny Da Vinci, UDJ Christos, ushota,ulira, ushimza, unhlanhla Nciza, uculoe De Song nabanye. tzondi@ilanganews.co.za

Ngisebenze nabaculi abacula izinhlobo ezahlukene zomculo...

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? NGUSOULSTA­R osanda kukhipha i-album esihloko sithi, Back To Soul.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NGUSOULSTA­R osanda kukhipha i-album esihloko sithi, Back To Soul.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa