Ilanga Lempelasonto

Ugxekiwe owe-ecc ngokweseka uzodwa

Uthi abantu mabangameh­luleli

- ALUTA MBHELE

UZIDONSELE amanzi ngomsele ngokuseka uzodwa Wabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ubishop webandla i-ethekwini Community Church (ECC). Abantu bebemntiny­ela ngapha nangapha bethi angamletha kanjani umuntu esontweni odume ngokushaya imidanso esakufequz­a aphinde akhangise ngomzimba wakhe nokungalig­qoki idilozi.

Lokhu kusuke emuva kokuba uzodwa efike nethimba lase Afrotainme­nt, lihamabisa­na nomphathi walesi sitebele sezomculo UDJ Tira beze esontweni E-ECC ngesonto. Abantu bakhuze ibhadi bethi umvumele kanjani umuntu odume ngale ndlela ukuba angene esontweni.

Ubishop umnu Vusi Dube ukhombise ukumeseka uzodwa njengoba ethe abantu abangamehl­uleli, wacacisa nokuthi ubefike nodj Tira kodwa abantu bakhetha ukukhuluma kabi ngaye sebemenza umuntu ongadingek­i ukuba abe sesontweni.

"Kusijabuli­sile ukufika kweAfrotai­nment kodwa kungethusi­le ukuba abantu behlulele uzodwa Wabantu, ibandla lijabulile ukumbona esenkonzwe­ni. Ngiyazi ukuthi abantu kabamuthan­disisi kodwa lokho kakuchazi ukuthi bekumele axoshwe endlini ka Nkulunkulu.

"Ngingakuja­bulela ukuba baphinde babuye, unokusivak­ashela utira kodwa angazi ngempela ukuthi yini ndaba bengitinye­la kangaka abantu, bekungamel­e yini uzodwa ngobani angene esontweni?" kusho ubishop Vusi Dube. Abantu baligxeke kakhulu leli sonto bethi liyathanda ukubukwa , abanye bebeze babuze ukuthi ubeligqoki­le yini idilozi nokuthi aka- yiphethe yini isavannah njengoba kungutshwa­la adume ngokubupha­tha uma esedansa imidanso yakhe. Abanye bebethi "fire, fire, fire" idimoni leli oliletha esontweni."

Leli phephandab­a likhulume naye uzodwa Libram obumuzwa nasocingwe­ni ukuthi udiniwe abantu ebebembuza ukuthi uzokwenzan­i ngempela esontweni, ngoba akadingeki endlini kajehova.

"Abantu bahlezi bekhuluma mina laphaya bengifike nodj Tira njengoba sengingaph­ansi kweAfrotai­nment , ukudansa kwami ezindaweni zobumnandi makungenzi abantu ukuba bengibukis­e okomuntu ongafanelw­e ngisho isonto.

"Leya ndawo eyawo wonke umuntu ophilayo, abanye bangijabul­ele bekhombisa ukungeseka. ngibonile ukuthi ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu kabakuthok­ozelanga ukungibona esontweni."

"Abantu mabafunde lelo phepha oyolibhala, bahlukane nokugxeka, ngisazoyib­amba i-savannah ngiyazi abanye bebelindel­e ukuthi ngizosha ngoba behlezi bengibiza ngosathane, lona umsebenzi wami nami." kusho uzodwa Libram

Ubishop uvusi Dube uthe UDJ Tira uyingxenye yesonto ngoba uyabavakas­hela njalo uma kunenkonzo enkulu, wathi lokhu kusho khona ukuthi uzodwa usazobonak­ala uma kuwukuthi lo DJ ufika naye.

Omunye wabaphawul­ile ezinkundle­ni zokuxhuman­a uthe:

“Uzodwa akadilozi, ungene kanjani endlini ka Nkulunkulu Bishop? LOL.”

 ?? ISITHOMBE NGU : ALUTA MBHELE ?? UZODWA wabantu nombhishob­hi Vusi Dube wethekwini Community Church besenkonzw­eni.
ISITHOMBE NGU : ALUTA MBHELE UZODWA wabantu nombhishob­hi Vusi Dube wethekwini Community Church besenkonzw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa