Ilanga Lempelasonto

UMPHATHI USHAYE UMHLENGIKA­ZI

- PHILANI GAMA

Kusize ukufika kozakwabo umphathi ebambe ngobhongwa­ne umhlengika­zi emtholampi­lo ongaphansi kwesibhedl­ela sikahulume­ni esisengwav­uma enyakatho-mpumalanga yekwazulu-natal ngemuva kokuba kuqubuke ingxabano yokungezwa­ni ngamazwi.

Unkk Gugu Mdluli ongowokuda­buka ophongolo ongumphath­i wase-gateway Clinic uyamaniswa nezinsolo zokushaya alimaze kabuhlungu unkz Nonkululek­o Makhaza ngezithuba zasekuseni ngolwesibi­li. Kuthiwa lesi sigameko siphazamis­e ukusebenza njengoba ingxenye yabasebenz­i ilahle phansi amathuluzi neziguli ebe zifuna usizo zaqoka ukushiya phansi.

Ngolwesith­athu ILANGA Langesonto linikele kulesi sibhedlela nokuyilaph­o khona lixoxisane nengxenye yabahlengi­kazi abazwakali­se ukuthi sekufike lapho bekhathala khona ngempatho engeyinhle abayithola kulo mphathi. Isigameko sangoLwesi­bili sethuse abaningi njengoba kugcine sekuphoqel­eka ukuba kubanjwe inguyazana yokuzama ukudambisa isimo.

Abasebenzi bakhala ngokuthi kudala lo mphathi esonga ngokuthi uzovulela isibhaxu engxenyeni yabasebenz­i abangafuni ukwenza intando yakhe. Ngokusho kwabazibon­ele kwenzeka bathi bezwe ngomsindo wowesifaza­ne ekhala ecela ukulekelel­wa.

“Sizwe ukuqhuma kwempama nesibhakel­a. Sathi ukulinda kancane emuva kwalokho kwezwakala izwi lowesifaza­ne enxusa ukuba asizwe ethi uyafa. Uma sivela emnyango sithola ukuthi umphathi ubambe uzakwethu ngobhongwa­ne esho ukumkhipha umphefumul­o.

Siyafisa ukuba umnyango ungenelele kulolu daba ngoba lomphathi ufuna senze intando yakhe nalapho khona efuna sifeze izinhloso zakhe. Usihlasela ngisho nasezindli­ni eyositheth­isa,” kusho abasebenzi.

Batshele ILANGA Langesonto ukuthi ubabiza ngezidomu izinto ezingafund­ile. Leli phephandab­a lilalele ezinye zezinkulum­o eziqoshwe ngomakhale­khukhwini lapho khona kuzwakala lo mphathi echukuluza unkz Makhaza embiza ngesalukaz­i esingawazi umsebenzi.

Phakathi kokunye bathi ubangenela ngisho nasemiqash­weni abahlala kuyo eyobaqulis­a amacala namaphutha abawenza emsebenzin­i. Kuthiwa uhlala esonga ngokuthi kuzony..... maqede angabe esaqhubeka nokunye. Laba basebenzi bacele ukuba kugodlwe amagama abo ngoba besabela ukuthi bangase bazithole sebephelel­wa wumsebenzi.

“Siyacela ukuba ningasilok­othi nisidalule amagama ngoba singaxoshw­a siphelelwe wumsebenzi. Sike sezwa ukuthi lomphathi uthi akamthandi uzakwethu futhi ufuna axoshwe,” kusho bona. ILANGA Langesonto lifice engekho emsebenzin­i unkz Makhaza ngenxa yezinhlung­u. Uthe ubone kungcono ukuba avule icala ngoba yena uyakholelw­a emthethwen­i.

“Ungehlise isithunzi lomama. Ungishaye kabuhlungu wangilimaz­a,” kusho yena. Leli phephendab­a lifike ekhona emsebenzin­i unkk Mdluli nokuthe emuva kwesikhash­ana kwathiwa akasekho uyobamba umhlangano. Leli phephandab­a lixhumana naye uthe nakuba luyiqiniso lolu daba kodwa ngeke aphawule lutho ngalo.

“Mina angiyena umuntu okhulumela umnyango nesibhedle­la ngizocela ukuba uxhumane nabafanele uhlukane nami. Angikhulum­i zindaba. Lona lukhona futhi lwenzekile udaba olunjalo,” esho egaklaza ucingo.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokushaya elenzeke endaweni yomsebenzi. Uthe liphenywa esiteshini samaphoyis­a asengwavum­a.

“Kuvulwe icala lokushaya nokwehlisa isithunzi somuntu emsebenzin­i. Amaphoyisa esiteshi saseNgwavu­ma amatasa nophenyo. Akukaboshw­a muntu maqondana nalesi sigameko,” kuphetha uzwane. Okhulumela umnyango wezempilo KwaZulu-natal umnu Samuel Mkhwanazi uthe kuphambene nomthetho womnyango ukulwa kwabaseben­zi endaweni yomsebenzi.

Uthe bazothathe­lwa izinyathel­o futhi ezingahole­la ekutheni baxoshwe.

“Ngokolwazi esinalo kube khona ukungaboni ngaso linye baze babekana izandla. Kuyicala ukulwa emsebenzin­i. Abenza lokho bangajezis­wa nokujezisw­a kabuhlungu futhi baxoshwe nasemseben­zini,” kusho umnu Mkhwanazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa