SIZIPHOLELE:
YEHHEN’ webantu, kwangiphinda lokho! Ngaze ngazifaka otalatiyeni. Kodwa ngizomngena kanjani nje umuntu odume kangaka? Bengize ngithi ngifuna ukuhlangana naye nje bengixakwe yini ngempela?
Lona wumcabango ongifikele ngesikhathi kuqubuka udweshu lwangaphakathi kimi. Lolu dweshu luqubuke lapho kungicacela ukuthi akusekho ukujikela emuva kwendlu, yimi ngqo okufanele abhekane nengwazi yase-united States of America (USA), engumculi we- jazz ofutha i- saxophone, ukirk Whalum.
Umbono wokuba ILANGA Langesonto libe nengxoxo ekhethekile naye ungifikele ngesikhathi uzakwethu engazisa ukuthi ukirk uzotheleka ethekwini (emasontweni amabili edlule).
Ubezoqopha ingoma abayenza ngokuhlanganyela neladysmith Black Mambazo, usalif Keita nolira, yokuhlonipha owayeyisishoshovu somzabalazo wenkululeko yabamnyama, umnu Oliver Tambo, njengoba kulo nyaka kugujwa iminyaka eyi-100 azalwa.
Ngenxa yokuthi ngiyazifela kakhulu ngomculo wakhe (ukirk), kuthe uma engitshela ngale ndaba uzakwethu ngezwa ngithinteka emanonini, ngacabanga ukuthi yithuba lami lokuhlangana naye (ukirk). Kodwa ngenxa yokuthi ngingumuntu obuye abe namahloni, ngisheshe ngashintsha umqondo, nganxusa yena uzakwethu.
Indaba yonakale lapho uzakwethu esebuya ngakusasa engazisa ukuthi ngeke esakwazi ukubonana nalo mculi, wasibalula isizathu sakhe, ngasizwa, nganquma ukuba ngisale sengiqhubeka nohlelo. Kuthe noma ngizwa ukuthi ukirk uzotholakala ebusuku, ngathi ayikho inkinga - nebala ngize ngathola isikhathi sokuxoxa naye ngemuva kwehora lesi-9 khona ebusuku. Ngesikhathi kuthiwa nansi imoto ahamba ngayo ifika e- studio abezoqopha kuso, kunyakaze cishe wonke umuntu obekhona, kwacaca ukuthi kungena ezinkulu-ke manje.
Esengaphakathi ehamba nomkakhe uruby, kuvele kwangicacela bha ukuthi nakuba engumculi osezingeni eliphezulu emhlabeni kodwa ungumuntu ofanayo nabanye abantu abajwayelekile.
Akukho nokuncane okumenza abonakale njengomuntu ozikhukhumezayo futhi oziphathisa okukasaziwayo. Kuvele kwaba sengathi ngumuntu esihlala naye nsuku zonke - kwaxhawulwana, kwaqhuma uhleko kwanjeya. Yingaleso sikhathi-ke lapho ngizwe khona kuthi dwe, lwehla uvalo.
Ngokwejwayelekile osaziwayo abasezingeni lakhe bahamba nabaqaphi abayizidlakela, ovele uzibonele nje ukuthi uma uke wazama ukusondela kulowo saziwayo uthi uyamjabulela, onkabi bazokuyabula bakudalakace le kude kuhle kwefinyila. Eseqedile ukwenza umsebenzi, ube eseza kimi, wahlala kusofa. Njengoba sengishilo, ungumuntu okhululekile, ingxoxo iyashelela.
Uqale wangitshela ukuthi usevakashele eningizimu Afrika cishe izikhathi ezinhlanu noma eziyisi-6. Eqala ngqa ukutheleka kuleli bekuwunyaka we-1994 ehamba nowhitney Houston beze kwindumezulu yekhonsathi kawhitney, eyayisegoli. Uthi kwaba yinto enkulu kuye ukufika kuleli zwe ngaleso sikhathi, kwazise wunyaka lowo okwaqopheka ngawo umlando, izwe lithola inkululeko, liqala ukuba nohulumeni wentando yeningi.
Kodwa ukuvakashela ethekwini kwamfikisela ngomuzwa okhethekile. Umzuzu angasoze awukhohlwa esethekwini yingesikhathi ephaphama ngehora lesine ekuseni, ebanjwe yi- jet lag,
wabona “isimanga”. Wayelele kwelinye lamahhotela agudle ulwandle.
Ngesikhathi ephaphama uthi wezwa umsindo olwandle, kungathi ngowabantu abalwayo. Uthi waba nokudideka ukuthi kwenzekani. Ngesikhathi umsindo uqhubeka sekuqala ukukhanya, wabona ukuthi kuhlangene amakholwa olwandle, kunombhabhadiso ( baptism).
Lokho kwamchaza kakhulu, kwamenza wabona ukuthi libuyile izwe labamnyama, uma sebekwazi ukukhululeka ngale ndlela, babhabhadisane olwandle.
“Ukubona abantu bephume nemindeni yabo nezingane bebhabhadiswa olwandle kwaba yinto ejulile kimi. Ngehluleka wukuzibamba, ngathatha ikhamera yami ngathwebula izithombe,” kulanda yena.
Ngaphandle kwalokho uthi enye yezinto ezimchazayo ngetheku wukwehlukana kwamasiko anothile ( rich cultural diversity).
Uthi uyazifela ngaleli lizwe. Emhlabeni jikelele uthi mabili kuphela amazwe afika kuwo akhululeke agcwale ubhavu kube sengathi ukwelakubo - kulawo mazwe ubala yona iningizimu Afrika nefrance.
Ukudla akuthanda kakhulu eningizimu Afrika yi- bunny chow,
edume kakhulu ethekwini. Uyawathanda futhi nama- prawn.
Baningi abantu abamqaphele kakhulu ngesikhathi esebenza nowhitney iminyaka engaphezu kweyisikhombisa. Uthole indawo futhi ezinhliziyweni kwabaningi ngenye yezingoma zikawhitney ethi, I will Always Love You, ayishaya nge- saxophone kuvuke usinga.
Uthi uhlangane nowhitney ngesikhathi enza irekhodi lakhe (ukirk) lesithathu. Umngani wakhe ongumkhiqizi nomqondisi womculo, urickey Minor, abaningi abamkhumbula kwi-american Idol, nguye omhlanganise nowhitney, waqhamuka nesu lokuba basebenze ndawonye ochungechungeni lwamakhonsathi kawhitney emazweni ehlukene.
Uqale wamanqika ukuvuma ngendaba yaleli su nakuba ubebona ukuthi lizomvulela amathuba amaningi. Uthi ubebona sengathi kuzomphazamisa kowakhe umsebenzi njengoba ubesedlondlobala emculweni. Kodwa ngenxa yokuthi ubengumlandeli omkhulu kawhitney ugcine evumile.
Akutholile ngesikhathi ehlangana nowhitney wukuthi bobabili bakhulele enkonzweni, bethanda ukudumisa. Lokho kwenze ubudlelwano babo