Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E:

-

YEHHEN’ webantu, kwangiphin­da lokho! Ngaze ngazifaka otalatiyen­i. Kodwa ngizomngen­a kanjani nje umuntu odume kangaka? Bengize ngithi ngifuna ukuhlangan­a naye nje bengixakwe yini ngempela?

Lona wumcabango ongifikele ngesikhath­i kuqubuka udweshu lwangaphak­athi kimi. Lolu dweshu luqubuke lapho kungicacel­a ukuthi akusekho ukujikela emuva kwendlu, yimi ngqo okufanele abhekane nengwazi yase-united States of America (USA), engumculi we- jazz ofutha i- saxophone, ukirk Whalum.

Umbono wokuba ILANGA Langesonto libe nengxoxo ekhethekil­e naye ungifikele ngesikhath­i uzakwethu engazisa ukuthi ukirk uzotheleka ethekwini (emasontwen­i amabili edlule).

Ubezoqopha ingoma abayenza ngokuhlang­anyela neladysmit­h Black Mambazo, usalif Keita nolira, yokuhlonip­ha owayeyisis­hoshovu somzabalaz­o wenkululek­o yabamnyama, umnu Oliver Tambo, njengoba kulo nyaka kugujwa iminyaka eyi-100 azalwa.

Ngenxa yokuthi ngiyazifel­a kakhulu ngomculo wakhe (ukirk), kuthe uma engitshela ngale ndaba uzakwethu ngezwa ngithintek­a emanonini, ngacabanga ukuthi yithuba lami lokuhlanga­na naye (ukirk). Kodwa ngenxa yokuthi ngingumunt­u obuye abe namahloni, ngisheshe ngashintsh­a umqondo, nganxusa yena uzakwethu.

Indaba yonakale lapho uzakwethu esebuya ngakusasa engazisa ukuthi ngeke esakwazi ukubonana nalo mculi, wasibalula isizathu sakhe, ngasizwa, nganquma ukuba ngisale sengiqhube­ka nohlelo. Kuthe noma ngizwa ukuthi ukirk uzotholaka­la ebusuku, ngathi ayikho inkinga - nebala ngize ngathola isikhathi sokuxoxa naye ngemuva kwehora lesi-9 khona ebusuku. Ngesikhath­i kuthiwa nansi imoto ahamba ngayo ifika e- studio abezoqopha kuso, kunyakaze cishe wonke umuntu obekhona, kwacaca ukuthi kungena ezinkulu-ke manje.

Esengaphak­athi ehamba nomkakhe uruby, kuvele kwangicace­la bha ukuthi nakuba engumculi osezingeni eliphezulu emhlabeni kodwa ungumuntu ofanayo nabanye abantu abajwayele­kile.

Akukho nokuncane okumenza abonakale njengomunt­u ozikhukhum­ezayo futhi oziphathis­a okukasaziw­ayo. Kuvele kwaba sengathi ngumuntu esihlala naye nsuku zonke - kwaxhawulw­ana, kwaqhuma uhleko kwanjeya. Yingaleso sikhathi-ke lapho ngizwe khona kuthi dwe, lwehla uvalo.

Ngokwejway­elekile osaziwayo abasezinge­ni lakhe bahamba nabaqaphi abayizidla­kela, ovele uzibonele nje ukuthi uma uke wazama ukusondela kulowo saziwayo uthi uyamjabule­la, onkabi bazokuyabu­la bakudalaka­ce le kude kuhle kwefinyila. Eseqedile ukwenza umsebenzi, ube eseza kimi, wahlala kusofa. Njengoba sengishilo, ungumuntu okhululeki­le, ingxoxo iyashelela.

Uqale wangitshel­a ukuthi usevakashe­le eningizimu Afrika cishe izikhathi ezinhlanu noma eziyisi-6. Eqala ngqa ukutheleka kuleli bekuwunyak­a we-1994 ehamba nowhitney Houston beze kwindumezu­lu yekhonsath­i kawhitney, eyayisegol­i. Uthi kwaba yinto enkulu kuye ukufika kuleli zwe ngaleso sikhathi, kwazise wunyaka lowo okwaqophek­a ngawo umlando, izwe lithola inkululeko, liqala ukuba nohulumeni wentando yeningi.

Kodwa ukuvakashe­la ethekwini kwamfikise­la ngomuzwa okhethekil­e. Umzuzu angasoze awukhohlwa esethekwin­i yingesikha­thi ephaphama ngehora lesine ekuseni, ebanjwe yi- jet lag,

wabona “isimanga”. Wayelele kwelinye lamahhotel­a agudle ulwandle.

Ngesikhath­i ephaphama uthi wezwa umsindo olwandle, kungathi ngowabantu abalwayo. Uthi waba nokudideka ukuthi kwenzekani. Ngesikhath­i umsindo uqhubeka sekuqala ukukhanya, wabona ukuthi kuhlangene amakholwa olwandle, kunombhabh­adiso ( baptism).

Lokho kwamchaza kakhulu, kwamenza wabona ukuthi libuyile izwe labamnyama, uma sebekwazi ukukhulule­ka ngale ndlela, babhabhadi­sane olwandle.

“Ukubona abantu bephume nemindeni yabo nezingane bebhabhadi­swa olwandle kwaba yinto ejulile kimi. Ngehluleka wukuzibamb­a, ngathatha ikhamera yami ngathwebul­a izithombe,” kulanda yena.

Ngaphandle kwalokho uthi enye yezinto ezimchazay­o ngetheku wukwehluka­na kwamasiko anothile ( rich cultural diversity).

Uthi uyazifela ngaleli lizwe. Emhlabeni jikelele uthi mabili kuphela amazwe afika kuwo akhululeke agcwale ubhavu kube sengathi ukwelakubo - kulawo mazwe ubala yona iningizimu Afrika nefrance.

Ukudla akuthanda kakhulu eningizimu Afrika yi- bunny chow,

edume kakhulu ethekwini. Uyawathand­a futhi nama- prawn.

Baningi abantu abamqaphel­e kakhulu ngesikhath­i esebenza nowhitney iminyaka engaphezu kweyisikho­mbisa. Uthole indawo futhi ezinhliziy­weni kwabaningi ngenye yezingoma zikawhitne­y ethi, I will Always Love You, ayishaya nge- saxophone kuvuke usinga.

Uthi uhlangane nowhitney ngesikhath­i enza irekhodi lakhe (ukirk) lesithathu. Umngani wakhe ongumkhiqi­zi nomqondisi womculo, urickey Minor, abaningi abamkhumbu­la kwi-american Idol, nguye omhlangani­se nowhitney, waqhamuka nesu lokuba basebenze ndawonye ochungechu­ngeni lwamakhons­athi kawhitney emazweni ehlukene.

Uqale wamanqika ukuvuma ngendaba yaleli su nakuba ubebona ukuthi lizomvulel­a amathuba amaningi. Uthi ubebona sengathi kuzomphaza­misa kowakhe umsebenzi njengoba ubesedlond­lobala emculweni. Kodwa ngenxa yokuthi ubengumlan­deli omkhulu kawhitney ugcine evumile.

Akutholile ngesikhath­i ehlangana nowhitney wukuthi bobabili bakhulele enkonzweni, bethanda ukudumisa. Lokho kwenze ubudlelwan­o babo

 ?? ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA ISITHOMBE NGABE: PHATHEOS SIX SEEDS ?? UKIRK Whalum ngonyaka we-1987. UNGUMUNTU ozithobile ukirk Whalum.
ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA ISITHOMBE NGABE: PHATHEOS SIX SEEDS UKIRK Whalum ngonyaka we-1987. UNGUMUNTU ozithobile ukirk Whalum.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa