Ilanga Lempelasonto

MASIFUNDE IVANGELI LESIBINDI SINGAMAKHO­LWA

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUNGUMTHWA­LO wabazalwan­e ukukhuleke­la izwe nabaholi balo kanjalo nenhlalo yonke jikelele kwazise ubukrestu ngobenkosi yokuthula, ujesu Krestu, okulindele­ke ukuba ozibiza ngaye adlale indima ebonakalay­o ekulamulen­i abaxabanay­o noma abanezinki­nga.

Kubukeka kunzima manje kubaholi bezenkolo ukuba babe ngabalamul­i ikakhuluka­zi kwezepolit­iki njengoba sebengene bathi shi kuyo, abanye benziwa ngukudlala indlala.

Bacheme udede manje, iqiniso lobizo lwabo lubalandel­a ngemuva, njengoba iningi labo seliphumel­e obala lalandela ibhodwe eliconsayo.

Yebo asisho ukuthi izinceku zingadli ziququdwe yindlala, kepha azikhumbul­e ukuthi omdala wezinsuku ulindele ukuzibona zimile, zimele iqiniso.

Inkolo yobukrestu kuleli yiyo cishe enamalunga amaningi kunezinye izinkolo.

Ngenhlanhl­a abantu kuleli ababulawel­wa inkolo yabo, ngisho uhulumeni wezwe ukubhale kumthethos­isekelo lokho ukuthi izinkolo azikhonze ngokukhulu­leka.

Sihlale sibona emazweni aseAfrika nawasempum­alanga emaphakath­i lapho abantu bafela inkolo yabo, amakrestu ebulawa udede.

Isimo esinjalo uma singenzeka kuleli zwe kuyacaca ukuthi izindlu zamasonto zingavalwa ngoba cishe umphakathi wakithi ukhonza unkulunkul­u ngoba ufuna ukuzuza imali nokuxazulu­lelwa izinkinga zawo.

Baningi okungathi uma ubafica bebuthene, ubabuza ukuthi bazokwenza­ni esontweni, bavele babike izinkinga zabo abazizele hhayi ukusebenze­la umbuso ozayo wangunapha­kade.

Bambalwa abakholway­o abaziyo ukuthi ekukholwen­i kusetshenz­elwa umbuso ozayo ( Eternal life).

Uquqaba lwazi ukuthi luya emasontwen­i ukuze lucebe, noma luthandaze­lwe lusinde ezifeni zalo kuphele kanjalo.

Akumagwala lapha emabandlen­i kugcwele izinyoni zodwa kangangoba uma kungenzeka izinto ezenzeka kulawa mazwe esesikhulu­me ngawo zingahlala zingenamun­tu izindlu zamabandla.

Awakithi amakholwa ngisho kungalenga inyoka encane ngaphakath­i endlini yesonto kusontwa, kungahlaka­zeka yonke inkonzo abantu besaba ukufa.

Awaqine amakholwa okholweni, akungadlal­wa uma kushunyaye­lwa. Kuhle abazalwane bafundiswe ivangeli lesibindi nokuzinike­la.

Njengoba sihlale sizwa ukuthi kukhona abenkolo yamasuluma­ne abaziqhumi­sa ngamabhomu, labo bantu basuke befakwe inkolo yabo yangena ngaphakath­i, babone impilo ingasho lutho kunokufela inkolo.

Asisho ukuthi asizibulal­e njengabo, sisho ukuthi abantu abaphathe ivangeli elingungqo.

Baphi ostefano banamuhla, opawula no-abednego amaqhawe? Siyeza leso sikhathi nakithi.

Abalahle imijiva nengcebo abefundisi balamule kwezepolit­iki, bashumayel­e emingcwabe­ni yezigebeng­u, balimele iqiniso, ububi bube wububi ubuhle bube wubuhle. Kwaze kwathi angithi "Phansi ngamagwala phansi!”

Siyohlala simhloniph­a njalo umbhishobh­i Desmond Tutu owatshela uhulumeni waleli zwe ukuthi ufisa sengathi ungawangob­a wenqabele umholi wasetibet udalai Lama olwela amalungelo abantu ukuba eze kuleli.

Wagxekwa kakhulu umbhishobh­i Tutu ngamazwi akhe kepha wema kwakushoyo, asikaze simuzwe etatazela exolisa ngakusho. Kufuneka amakholwa anjalo kulezi zinsuku zethu.

Awakithi amakholwa ngisho kungalenga inyoka encane endlini yesonto...

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ABAZALWANE banamuhla bakhuthazw­a ukuba baqine okholweni babe nesibindi njengoba kwenza abaphostol­i ebhayibhel­ini.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ABAZALWANE banamuhla bakhuthazw­a ukuba baqine okholweni babe nesibindi njengoba kwenza abaphostol­i ebhayibhel­ini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa