MASIFUNDE IVANGELI LESIBINDI SINGAMAKHOLWA
KUNGUMTHWALO wabazalwane ukukhulekela izwe nabaholi balo kanjalo nenhlalo yonke jikelele kwazise ubukrestu ngobenkosi yokuthula, ujesu Krestu, okulindeleke ukuba ozibiza ngaye adlale indima ebonakalayo ekulamuleni abaxabanayo noma abanezinkinga.
Kubukeka kunzima manje kubaholi bezenkolo ukuba babe ngabalamuli ikakhulukazi kwezepolitiki njengoba sebengene bathi shi kuyo, abanye benziwa ngukudlala indlala.
Bacheme udede manje, iqiniso lobizo lwabo lubalandela ngemuva, njengoba iningi labo seliphumele obala lalandela ibhodwe eliconsayo.
Yebo asisho ukuthi izinceku zingadli ziququdwe yindlala, kepha azikhumbule ukuthi omdala wezinsuku ulindele ukuzibona zimile, zimele iqiniso.
Inkolo yobukrestu kuleli yiyo cishe enamalunga amaningi kunezinye izinkolo.
Ngenhlanhla abantu kuleli ababulawelwa inkolo yabo, ngisho uhulumeni wezwe ukubhale kumthethosisekelo lokho ukuthi izinkolo azikhonze ngokukhululeka.
Sihlale sibona emazweni aseAfrika nawasempumalanga emaphakathi lapho abantu bafela inkolo yabo, amakrestu ebulawa udede.
Isimo esinjalo uma singenzeka kuleli zwe kuyacaca ukuthi izindlu zamasonto zingavalwa ngoba cishe umphakathi wakithi ukhonza unkulunkulu ngoba ufuna ukuzuza imali nokuxazululelwa izinkinga zawo.
Baningi okungathi uma ubafica bebuthene, ubabuza ukuthi bazokwenzani esontweni, bavele babike izinkinga zabo abazizele hhayi ukusebenzela umbuso ozayo wangunaphakade.
Bambalwa abakholwayo abaziyo ukuthi ekukholweni kusetshenzelwa umbuso ozayo ( Eternal life).
Uquqaba lwazi ukuthi luya emasontweni ukuze lucebe, noma luthandazelwe lusinde ezifeni zalo kuphele kanjalo.
Akumagwala lapha emabandleni kugcwele izinyoni zodwa kangangoba uma kungenzeka izinto ezenzeka kulawa mazwe esesikhulume ngawo zingahlala zingenamuntu izindlu zamabandla.
Awakithi amakholwa ngisho kungalenga inyoka encane ngaphakathi endlini yesonto kusontwa, kungahlakazeka yonke inkonzo abantu besaba ukufa.
Awaqine amakholwa okholweni, akungadlalwa uma kushunyayelwa. Kuhle abazalwane bafundiswe ivangeli lesibindi nokuzinikela.
Njengoba sihlale sizwa ukuthi kukhona abenkolo yamasulumane abaziqhumisa ngamabhomu, labo bantu basuke befakwe inkolo yabo yangena ngaphakathi, babone impilo ingasho lutho kunokufela inkolo.
Asisho ukuthi asizibulale njengabo, sisho ukuthi abantu abaphathe ivangeli elingungqo.
Baphi ostefano banamuhla, opawula no-abednego amaqhawe? Siyeza leso sikhathi nakithi.
Abalahle imijiva nengcebo abefundisi balamule kwezepolitiki, bashumayele emingcwabeni yezigebengu, balimele iqiniso, ububi bube wububi ubuhle bube wubuhle. Kwaze kwathi angithi "Phansi ngamagwala phansi!”
Siyohlala simhlonipha njalo umbhishobhi Desmond Tutu owatshela uhulumeni waleli zwe ukuthi ufisa sengathi ungawangoba wenqabele umholi wasetibet udalai Lama olwela amalungelo abantu ukuba eze kuleli.
Wagxekwa kakhulu umbhishobhi Tutu ngamazwi akhe kepha wema kwakushoyo, asikaze simuzwe etatazela exolisa ngakusho. Kufuneka amakholwa anjalo kulezi zinsuku zethu.
Awakithi amakholwa ngisho kungalenga inyoka encane endlini yesonto...