Ilanga Lempelasonto

EZENKOLO: Abazalwane bangagxamb­ukeli emshadweni

- BONGINKOSI ZONDI

NAMUHLA sizobheka kafushane indaba yomshado emabandlen­i kulesi sikhathi. Esizokhulu­lana kukho namuhla wukuthi njengoba umshado uyisipho, akudingeki kube negcindezi ngokwenzek­a kwawo, ikakhuluka­zi ukuthi umuntu usithole esengakana­ni ubudala isibusiso somshado.

Lena yinselelo evama ukukhathaz­a abesifazan­e nokuze kugcine sebebizwa ngamagama ayizici ezibangela ingcindezi engenasidi­ngo, leyo ngcindezi ifakwa kubona ngabanye abantu besifazane.

Isibonelo nje: “ukuqeda ikhalenda” - uma kushiwo kosevile eminya-keni yobudala engama-30; “ozenda zamshiya” uma lowo esedlulwa nayilabo abangemuva kwakhe ngokuzalwa; nokunye okuningi.

Indaba kalabani owayegeben­ga ujakobe emnikeza uleah okungesiye­na ujakobe abemthanda waze wamsebenze­la leyo minyaka eyisi7.

Nakuba kwakuyisen­zo sobuqili kwezengceb­o, kodwa isizathu sikaLabani sasithi ezweni lakhona akwenziwa ukuba omncane endiswe kuqala kunomdala.

Okungukuth­i lokhu yindaba endala.

Umbuzo-ke uthi njengoba kungaveli ukuthi unkulunkul­u wayekushil­o yini lokho, kusobala ukuthi ulabani wayedlala ngaye ujakobe.

Nencazelo yamagama amadodana kaleah iyakuveza ukuthi wayesemsha­dweni angathandw­a kuwo.

Mhlawumbe-ke lokhu singakulet­ha esikhathin­i sanamuhla lapho izintombi ezinhle emabandlen­i zizithola sezinengci­ndezi engenaso isidingo, kokunye kuze kwakhe- ke imishado okungena siqinise k o ukuthi inaso yini isigxivizo sikaNkulun­kulu, sisho isibusiso phela.

Ingasaphat­hwa-ke eyokuthi kazi injabulo yona izoba khona yini emshadweni okungenwe kuwo ngoba kwenzelwa ukuthi “abantu bazothini”.

Ukuxoxisan­a ngendaba yothando lomshado phakathi kwentombi nensizwa, kuthi uma bemukelana ngemimoya bese bengena emshadweni, akusiyona into yakwasatha­ne.

Ngakho-ke ukungena kwabakhokh­eli nawomama-mfundisi kumbe abaphostol­ikazi endabeni yabantu ababili iyinkinga.

Kuningi okunye okuyizinki­nga izintombi ezizithola sezingene kukho ngenxa yokuzizwa sengathi sezishiywe yisitimela esiya ezweni lesithembi­so “kwamshado” igama lakhona.

Babodwa abagcina sebehamba “kubathanda­zi” nezinyanga bethi balungisa izinto zabo.

Imishado eyakheke ngaleyo ndlela ayize ingaba nakho ukuthokoza kwazise kusuke kuphoqwa isimo.

Bekungaba kuhle-ke ukuba izintombi zakithi ziqaphele ukuthi okokuqala umshado lona uyisipho esivela kumdali okungamele siphoqwe. Okwesibili ukuwucela kunkulunku­lu umshado akusilona ihlazo kumbe uphawu lokuthanda amadoda kakhulu.

Okwesithat­hu ubuhlungu bomzwanged­wa obukufikel­ayo lapho ubona abanye bebambene ngocikican­e beqhuba izinqola bethenga ezitolo ezinkulu, buncane kabi uma buqhathani­swa nosizi lomshado lapho kucace bha ukuthi labo abashadile banezimilo nezindlela zokuphila ezingafani okwempela futhi okungekho nelincane ithuba lokuthi bayoke bashaye ngalunyawo lunye bebheke phambili kulolu hambo lwempilo yabo.

Okokugcina, uma icebo likankulun­kulu ngawe lingakupha­thele umshado, lokho akusho ukuthi lelo cebo alikho. Kuningi futhi okungakule­thela intokozo evangelini ngisho ungasithol­anga isipho sokuzithol­ela umshado. Ngakho-ke kusemqoka ukuba umuntu azithokozi­se ngonkulunk­ulu ngoba Yena uyamenzela umuntu lokho okuyizifis­o zenhliziyo yakhe: Ihubo 37:4.

MASIWUCELE KUNKULUNKU­LU UMSHADO

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa