Ilanga Lempelasonto

Imake-up mayihambis­ane nesikhumba sakho

- tzondi@ilanganews. co.za THANDI ZONDI

UBUSO bowesifaza­ne osebenzisa imake- up buhlale ngaso sonke isikhathi buheha uma eqhamuka. Kusukela ekutheni uyifake kanjani, kungabe iyamfanela yini noma cha.

Kanti nabo abesifazan­e abasebenzi­sa imake- up kabazibeki­le phansi, abanye uke ubathole emabhasini noma emotweni beshaya ama- touch up okugcina ukuqikelel­a ukuthi konke kuhamba kahle. Njengoba sekungene intwasahlo­bo nezinto zobuso ziyashints­ha, kwazise isikhumba kumele sibukeke sichachamb­ile futhi sisihle.

Sikhulume nofuthi Mkhize ongumnikaz­i wesikole esifundisa siphinde sicebise ngobuhle esibizwa ngebuhle Beauty Academy. Uthi njengoba sekuphume ubusika indlela yokunakeke­la ubuso nayo iyashintsh­a.

“Uma kusebusika isikhumba siyagqunqa ngenxa yamakhaza kanti ehlobo yila sikwazi ukuba sikhanye kahle. Yingakho nezinto esiziseben­zisayo kumele zishintshe ebusika kusuke kusetshenz­iswa ukhilimu ojiyile wasebuswen­i bese kuthi ehlobo sisebenzis­e ilotion ngoba ilula yona futhi isheshe incibilike uma uyigcoba futhi yenza ungajuluki kakhulu kwazise kusuke sekushisa,” kuchaza yena.

Ufuthi uthi kubaluleki­le ukunakekel­a isikhumba ngaphambi kokusebenz­isa imake-up. Isikhumba esinganake­kelwa sivele sibukeke sengathi singcolile noma kayifakiwe kahle .

“Uma ubheka izinto ongazisebe­nzisa kudingeka ungabheki izinto ezisebenze­la umngani wakho bese ucabanga ukuthi zizokusiza nawe. Singabantu sinohlobo lwesikhumb­a esingafani njengoba kukhona esibizwa ngokuthi si- oily, yi- combi

nation, si- dry ne-sensitive skin. Kubaluleki­le ukuba uye kumuntu owazi kabanzi ngesikhumb­a ngaphambi kokuthatha into yokugcobis­a ubuso,” kuchaza yena. Ekunakeni ubuso uthi kubaluleki­le ukuba usebenzise lezi zindlela ezilandela­yo:

*CLEANSER/ FACEWASH

Lokhu kusiza ekubeni isikhumba sicoliseke, kusuke izintuli namafutha. Kubaluleki­le ukuba usebenzise okuhambela­na nohlobo lwakho lwesikhumb­a. Uma unesikhumb­a esinamafut­ha kuba lula ukuba isikhumba sidonse ukungcola.

*EXFOLIATOR/ SCRUB

Isusa isikhumba esidala kuvele esisha, ivule nezimbobo ebusweni ukuze isikhumba siphefumul­e kahle. Uma unesikhumb­a esinamafut­ha kuba kuhle uma uzosebenzi­sa le ebhalwe u- daily exfoliator ngoba idonsa kakhulu ukungcola.

*MASK

Nayo ihlukanisw­e ngokwezinh­lobo zesikhumba, ihlanza amafutha ebusweni, isize nasekuqede­ni olayini esikhunjen­i ngokuthi iphe isikhumba amafutha emvelo.

*TONER

Uthi iningi lama- toner liqukethe ihydroquin­one okuyisitha­ko esikhanyis­a ibala kanti amanye anezinga eliphezulu le- alcohol nokugcina kwenze isikhumba ukuba sizwele kakhulu. Uthi ngokwakhe akayithand­isisi ngoba ilimaza isikhumba kodwa nayo iyakhuculu­la.

*MOISTURISE­R

Njengoba sekushisa uthi kuhle ukusebenzi­sa ilotion enesivikel­i selanga esiphezulu (SPF). Kumele kube yi-lotion ngoba sekuyashis­a.

*FOUNDATION

Kumele ufunde umbhalo ukuthi uthini futhi ucele ukuchazelw­a ukuze ungathengi noma yiphi.

*POWDER

Kukhona i- loose powder (ecishe ifane nalo wezingane) ne- pressed powder (ngokujwaye­lekile baba nesibukwan­a ne- sponge). Okwenza kuhluke izinhlayiy­a zakhona.

Ufuthi uyala abesifazan­e ukuba behlukane nomkhuba wokususa wonke amashiya kanjalo nalabo abenza lawo azenza sengathi amagagasi.

Uthi lolo hlobo lusetshenz­iswa kuma model uma esuke ekhangisa ngezimpahl­a kakusiyo into ongayenza nsukuzonke.

“Ishiya kumele libukeke sengathi elendalo libe ne-shape. Uma lingenziwe kahle lingenza bungabonak­ali ubuhle be- make up yakho. Izinkophe ezifakelwa­yo eziyibhand­e kazisekho esitayelen­i.

“Kwezinye izindawo basebenzis­a iglue yasekhanda nokuyinto engakwenza ugcine uvalekelwa amehlo,” echaza.

Uthi sekufakwa lezi ezifakwa ngokuhluka­na bese ubuye uzigcwalis­e uma kuqhubeka isikhathi ngoba ziyaziqath­ekela kancane.

I-EYELINER

“I- eyeliner njengoba sekuyispri­ng sisebenzis­a imibala eyahlukene, uma uthanda ungasebenz­isa umbala ozomesha into osuke uyigqokile,”kuqhuba lo mcwali wobuso.

Ngonyaka owedlule uthi isitayela ebesingeni­sile bekuyi-contour

ing lapho obusuke ucijisa khona iziqhomo, isilevu, isiphongo nekhala.

Kulokhu kusetshenz­iswa ukugqamisa kusuka esiphongwe­ni wehle uze ufike embombweni wekhala, uye phezu kweziqhomo nesilevu uma uthanda okubizwa ngestro

bing.

Ufaka iblusher nehighligh­ter ukuze ugqame. Kumele kwenziwe ngendlela yokuthi imake- up yakho ibukeke kungeyenda­lo ingabi nehaba.

Ngisho amalipstic­k imbala kuba nganombala ongagqamil­e kakhulu, uma kungumbala ogqamile zama ukuba ukhethe ishade ephaphathe­kile.

Ugcizelela ngokuthi ukuze isikhumba sibe sihle kubaluleki­le ukusinakek­ela ngaphakath­i kuqala ngokuphuza amanzi ukuze sihlanzeke.

 ?? ISITHOMBE: PINTEREST.COM ?? UMA igcotshwe kahle imake up ikwenza ukhange uqhamuka.
ISITHOMBE: PINTEREST.COM UMA igcotshwe kahle imake up ikwenza ukhange uqhamuka.
 ?? ISITHOMBE: PINTEREST.COM ?? Ukushintsh­a kwezikhath­i zonyaka kusho ukuthi nawe shintsha imake-up yakho ihambelane naleso sikhathi.
ISITHOMBE: PINTEREST.COM Ukushintsh­a kwezikhath­i zonyaka kusho ukuthi nawe shintsha imake-up yakho ihambelane naleso sikhathi.
 ?? ISITHOMBE: I.PINIMG.COM ?? IZINZIPHO nazo kumele zibe zinhle njengoba kungena ispring zingaba mfishane noma zibe zinde.
ISITHOMBE: I.PINIMG.COM IZINZIPHO nazo kumele zibe zinhle njengoba kungena ispring zingaba mfishane noma zibe zinde.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa